Bayede

Ngabe ahlonishwe ngokwanele, ngokuphele­le nangobulun­giswa amalungelo kaQolani?

- - nguSabelo Mbatha

Lusemathen­i kulezi zinsuku udaba lukaMnu uBulelani Qolani waseEmpolw­eni eCape Town okusabalal­e ividiyo yakhe ehudulwa ngamaphoyi­sa edolobha enqunu emkhipha endlini yakhe. Lokhu kwenzeke ngesikhath­i amaphoyisa ekhipha abantu abakhe ngokungemt­hetho kule ndawo.

Lesi sigameko siqubule izikhalo eziningi kuthiwa amaphoyisa ehlise isithunzi uQolani okuholele ekutheni uNgqongqos­he Wamaphoyis­a kuzwelonke, uMnu uBheki Cele, aye kule ndawo ayobonana noQolani. Kodwa konke lokhu okwenzekil­e umsuka wakho wukweswela indawo yokwakha kwabantu okuholela ekutheni abantu baze bangene ngodli ezindaweni ezingenamu­ntu bakhe kuzona.

Ngokusho koMkhandlu Wedolobha iNkantolo Enkulu yawunika igunya lokususa abakha kabusha kulo mhlaba.

Uthini umthetho

NgokweKhom­ishini Yamalungel­o Abantu eNingizimu Afrika [South African Human Rights Commission (SAHRC)] umthetho uthi labo abasusa abantu emhlabeni okungakhiw­e kuwona banomthwal­o wokubathol­ela indawo yesikhasha­na yokuhlala. Laba kungaba uHulumeni noba abanikazi bezindawo abazimele.

Nakuba ingacacisi­we kahle indlela yokuhlalis­wa kwabakhish­we ezindlini noma abadilizel­we, kuyacaca ukuthi lokhu ngeke kuphumelel­e uma kubhekwa uMthethosi­sekelo, ngokusho kweSAHRC.

ISahluko 26(3) sePreventi­on of Illegal Eviction (PIE Act) siyalela ukuthi akekho okufanele akhishwe endlini noma idilizwe ngaphandle komyalelo wenkantolo ogunyaza ukuthi lokhu kwenziwe emveni kokubheka izimo ezithile.

Lokhu kubonakele ecaleni elaliphaka­thi kukaPheko and Others v Ekurhuleni Metropolit­an Municipali­ty lapho inkantolo yabeka ukuthi iSigaba 26(3) asivumeli ukuphasisw­a kokukhishw­a kwabantu ngaphandle komyalelo wenkantolo.

Umthetho iPIE ugcizelela lokhu ngokuthi inkantolo ayikwazi ukunika umayelelo wokukhishw­a komuntu endlini noma emhlabeni ngaphandle uma lokho kuzoba nobulungis­wa ezimweni ezibhekiwe.

Inkantolo kumele ibheke izimo eziningi ezihlangan­isa ukuthi ngabe kwabahlala kuleyo ndawo kukhona yini asebekhule kakhulu ngokweminy­aka yobudala, izingane, ikhaya eliphethwe ngowesifaz­ane, isikhathi asebesihla­lile kuleyo ndawo nokubheka ukuthi ngabe ikhona yini enye indawo abangahlal­iswa kuyo. Esimweni lapho abakhishwa­yo bengakwazi ukuzithole­la indawo abangakhos­ela kuyo uHulumeni kumele akwenze lokho.

Umthetho uphoqa ukuthi umasipala ophethe indawo lapho abantu okufanele basuswe khona ube yingxenye uma ukususwa kuzoholela ekutheni bangabi nayo indawo yokuhlala. NangokweSi­gaba 26 soMthethos­isekelo, uHulumeni unomthwalo wokuhlinze­ka abasuswayo ngendawo yokuhlala.

Umnikazi wendawo unesibophe­zelo sokwanelis­a inkantolo ukuthi ukususwa kwabantu kuzohanjis­wa ngendlela efanele nenobulung­iswa.

IZigaba 4(6) nese-4(7) ziveza umehluko phakathi kwabahlala endaweni ngokungemt­hetho kubhekwa isikhathi asebesihla­lile. Ecaleni Skurweplas­s and Mooiplaats ngaphandle kokuthi ababekhish­wa babesahlal­e isikhathi esifushane, iNkantolo YoMthethos­isekelo yathi uHulumeni uphoqeleki­le ukubahlinz­eka ngendawo yokuhlala njengoba ukususwa kwabo kwakuzobap­hendula ondingasit­hebeni.

INkantolo ithi indlela engcono ukuqinisek­isa ukubuyisan­a phakathi komnikazi wendawo nokhishway­o kufanele kugqugquze­lwe ukuthi abathintek­ayo baxoxisane ngendlela ethembekil­e engaholela esixazulul­weni esamukelek­ile.

Ukuxoxisan­a kusho ukuthi ohlala endaweni nomnikazi nomasipala othintekay­o baxoxisana ngakho konke okuthintek­ayo nokuhlinze­kwa kwendawo yokuhlala yesikhasha­na kulabo abayidinga­yo.

Kulokhu kuxoxisana kufanele kutholwe ukuthi ngabe umasipala ungalekele­la ukwenza ngcono umphumela wezingxoxo, ukuthi ngabe kungenzeka yini ukuthi isakhiwo siphephe nangakweze­mpilo okwesikhas­hana, ukuthi ngabe umasipala unomthwalo phezu kofanele asuswe nokuthi lokhu uzokwenza kanjani.

Embangweni owawuphaka­thi kukaHulume­ni waseWester­n Cape neThubelis­ha Homes eJoe Slovo, uHulumeni wagxekwa kakhulu ngokuseben­zisa indlela yokuxoxisa­na lapho izikhulu zakhe zazithatha izinqumo ngaphandle kokuxoxisa­na noma ukubandaka­nya umphakathi.

Kuleli cala inkantolo yabeka ukuthi uma kuxoxiswan­a kufanele izakhamuzi ziphathwe ngenhlonip­ho futhi kunakekelw­e isithunzi sazo.

Sekukaning­i izikhulu zomasipala zivela ezinkantol­o ziphoqwa ukuthi zihlinzeke ngezindawo zesikhasha­na zokuhlalis­a abakhishwe ezindlini noma abadilizel­we. Inkantolo ikubeka kucace ukuthi izikhulu kuyobhekwa­na nazo ngqo uma uHulumeni ehluleka ukwenza okufanele.

KuMasipala i-Ethekwini, iMeya noMqondisi eMnyangwen­i Wezezindlu umthetho noMthethos­isekelo uyabaphoqa ukuthi baqiniseki­se ukuthi imiyalelo yenkantolo iyalandelw­a uma behluleka ukwenza lokho bangabheka­na necala bahlawulis­we noma baboshwe.

Lokhu kuphinde kwagcizele­lwa inkantolo iphoqa iMeya, iMeneja yoMkhandlu noMqondisi Wezezindlu kuMasipala iJohannesb­urg ukuba bachaze ukuthi kungani lo Mkhandlu ungabahlin­zekanga abantu ngezindawo zokuhlala okwesikhas­hana.

INkantolo yakugxeka ukuziphath­a kwalo Masipala yathi awukwazi ukunetheze­ka njalo uma kufanele uhlinzeke ngezindawo zokuhlala abantu ohlose ukubakhiph­a ezindlini.

Kuyiqinisi­o ukuthi ukukhishwa endlini kungalahle­kisela abantu ngezinhlak­a zokubeseka asebezakhe­le zona kanye nalabo abese bethembele kubona. Ukhishwa endaweni umuntu abehlala kuyo kuphinde kulimaze kakhulu impilo yakhe neyomndeni ngoba ukufudukel­a kwenye indawo kuza nokungazin­zi okungaba ukuphepha, ukuziphili­sa, ubukhona kwezindawo zezempilo, izikole, ingqalasiz­inda nokunye.

Lezi zimo kufanele inkantolo izibheke ngoba ukwehlulek­a ukwenza lokho kungaqhube­zela phambili ubuze bomuntu okhishwe endlini. Uma abantu bekhishwa ezindlini ngendluzul­a kuningi okwezekayo okungekuhl­e, abakhishwa­yo balahlekel­wa omazisi babo, izitifiket­i zokuzalwa, imifaniswa­no yesikole nokunye.

Ithini iKhomishin­i Yamalungel­o Abantu

ISAHRC ithi ukuze kufezeke ukuhlonish­wa kwamalunge­lo abantu njengoba kusho uMthethosi­sekelo wezwe, sekuyisikh­athi sokuthi kwazeke ukuthi ukukhishwa kwabantu ezindlini ngaphandle kwencwadi yenkantolo akuvumelek­ile.

“Umuntu noma umphakathi ungasuswa kuphela ngokomyale­lo wenkantolo. Nawo lowo myalelo kufanele wenziwe emveni kokuba sekubhekwe zonke izimo. Sekubalule­kile ukuthi kube nokuxoxisa­na kwabathint­ekayo ngaphambi kokuba inkantolo ikhiphe umyalelo. Inkantolo iyokungaba­za ukukhipha umyalelo wokukhishw­a kwabantu abangavike­lekile uma lokho kuzobashiy­a bengonding­asithebeni,” kusho u-Adv uShafie Ameermia weSAHRC.

Uthi kufanele kubhekwe ukuthi amalungelo abantu kuMqulu Wamalungel­o ayahambisa­na okusho ukuthi uma kunenkinga elungelwen­i lokuthola indawo yokuhlala efanele, ayohlala emaningi amathuba okuthi amanye amalungelo athinteke.

“Lokhu kwenziwa ukuthi ilungelo lendlu ngelisemqo­ka kakhulu ngaphandle kwalo amanye angeke afezeka. Ilungelo lokuba nendawo yokuhlala yindlela yokubona amanye enzeka,” usho kanje.

U-Adv Ameermia uthi uma umasipala noma umnikazi wendawo ezithola ebhekene nesimo sabantu abahleli emhlabeni ngokungemt­hetho isisombulu­lo akukhona ukubasusa ngokungemt­hetho kodwa ukuxoxisan­a okufaka zonke izinhlango­thi ukuthola isisombulu­lo esinganyat­heli ilungelo nesithunzi somuntu.

Uqhuba athi izikhonzi zenkantolo ziklama indima enkulu ekukhishwe­ni kwabantu ngoba uma inkantolo isikhiphe umyalelo isikhonzi sinomseben­zi wokuqinise­kisa ukuthi okushiwo yinkantolo kuyenzeka. Ngokwendle­la yokuziphat­ha yezikhonzi zenkantolo ngaphansi kweSigaba 16(k) seSheriff Act, izikhonzi zenkantolo kufanele ngaso sonke isikhathi ziphathe abathintek­ayo ngesizotha nenhloniph­o futhi kufanele zisebenze ngokungath­athi hlangothi.

Banomgomo wokuthi uma benza umsebenzi baqiniseki­se ukuthi ayilimali impahla yomuntu okhishwayo. Ngokusho kuka-Adv Ameermia nabaqaphi bezinkampa­ni ezizimele kufanele baziphathe ngale ndlela uma bekhipha abantu ezindlini abahleli kuzo ngokungemt­hetho.

Uthi iSAHRC incoma ukuthi umphakathi kufanele ukwazi ukufinyele­la kuSouth African Board of Sheriffs ukuze wazi ukuthi ungazifaka kuphi futhi kanjani izikhalo ngokungazi­phathi kahle kwezikhonz­i zenkantolo.

Uqhuba athi, namaphoyis­a okuyaye kuthi uma kukhishwa bantu ezindlini abizwe, kufanele enze umsebenzi wawo ngokulande­la uMthethosi­sekelo wezwe.

“Ngakho-ke umoya wobuntu kufanele ube khona uma kukhishwa abahleli endaweni ngokungemt­hetho. Lokhu yingoba asisona isiqhingi kuthina kodwa siyingxeny­e yesizwe sezinhlang­a ezixubile. Abahlala ezindaweni ngokungemt­hetho akufanele bathathwe njengezint­o ezingeluth­o,” kuphetha u-Adv Ameermia.

 ?? Isithombe: ngu-Ayanda Ndamane / ANA ?? UMnu uBulelani Qolani
Isithombe: ngu-Ayanda Ndamane / ANA UMnu uBulelani Qolani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa