Bayede

Onke amaligi akuleli afuna kugezelwan­e

- nguSabelo Maphumulo

Maningi amathuba okuthi kuzothi kuphela uNtulikazi imidlalo engaphansi kwePremier Soccer League (PSL), i-Absa Premiershi­p neyeGladAf­rica Championsh­ip izobe isibuyile. Okwenza kubukeke kanjalo wukuthi imihlangan­o ingena ingenile kudingidwa ngokuqedel­wa kwale midlalo, okuseqhulw­ini kakhulu kodwa manje ukuthi ngabe izoqedelwa kuphi njengoba kufuneka iqedelwe esifundazw­eni esisodwa. Umbango uphakathi kweKwaZulu-Natal kanye neGauteng.

Kuyinto ejabulisay­o leyo ngoba wonke umuntu ufuna ukubona isiphetho, sokuthi ubani onqoba iligi, odliwa izembe, nosuka kuGladAfri­ca Championsh­ip enyukela ku-Absa Premeirshi­p. Yize kunjalo kodwa baningi abazibuza beziphendu­la ukuthi ngabe kuzokwenza­kalani ngemidlalo esegibanen­i ezingaphan­si kwalezi ezingenhla okuyi-ABC Motsepe League neSAB League.

IBAYEDE ibe nengxoxo ekhethekil­e noKwenzakw­akhe Ngwenya onguSihlal­o weSouth Africa Football (SAFA) esifundazw­eni iKwaZulu-Natal. Leli phephandab­a belibuza lo Sihlalo, ngokuthi ngabe kukhona yini abazokwenz­a ngemidlalo ethinta i-ABC Motsepe League neSAB League. “Yebo kukhona esikwenzay­o. Siyinhlang­ano iSAFA kusasa sihlele umhlangano, lapho sizobe sihlela umhlahland­lela ngala maligi esingasho sithi aphakela lawa amakhulu. Kulo mhlangano sizokwenza isiqinisek­o sokuthi silandelel­a yonke imithetho yokuvalwa kwezwe, okubalwa khona ukuqhelela­na. Ukuhlangan­a kwethu sizokwenza ngohlelo lweZoom lapho sizobe sihlangene kodwa sibonana kumaselula nakumalapt­op. Okwenza lokho ingoba lapha esifundazw­eni siningi isibalo sabantu abathelele­ke ngokhuveth­e,” kusho uNgwenya.

Uthe emva kwalokho isinqumo esizophuma kulo mhlangano bazobe sebebiza izikhulu zamaqembu, ukuzozazis­a ukuthi ithini indlela eya phambili. Le nhlangano kulesi sifundazwe izobe iqala ukuhlangan­a selokhu kwamenyeze­lwa ukuvalwa kwezwe uthaqa ngoNdasa nonyaka. Kulo mhlangano kulindelek­e oMengameli bazo zonke izifunda zeSAFA ezili-11 namalungu esigungu sikazwelon­ke amahlanu aqhamuka kulesi sifundazwe.

Uma isinqumo esingaphum­a sithi akuqhutshe­kwe nemidlalo, kungayinto enhle ikakhuluka­zi emaqenjini asembangwe­ni wokuyodlal­a eyokuhlung­a ku-ABC Motsepe League okunyukela kuGladAfri­ca Championsh­ip.

ElaboHlang­a likhulume noBongani Msomi oyimenenja yeqembu eligijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal, uMvoti Football Club okuyiwo ozihola phambili kulogi. “Uma kungathiwa ayiqalwe phansi iligi ngabe sibulewe kakhulu. Njengoba sihlezi phezulu kulogi, sisemathub­eni okudlala eyokuhlung­a. Okubuhlung­u ukuthi iningi imali ekhishiwe, kusho ukuthi silahlekel­we imali kanye nethuba lokuyodlal­a eyokuhlung­a okuya esigabeni esiphezulu. SinguMvoti FC siyafisa ukuthi kuqhutshek­we kudlalwe noma sinikelwe iligi.” kusho uMsomi.

Uthe kusukela kwabuyela imidlalo yaphesheya baqoma ukuthi babuyisele abadlali ezindlini zeqembu, babenethem­ba lokuthi kungenzeka nakuleli imidlalo isheshe ibuye. “Abaphathi beSAFA kulo mhlangano abazoba nawo siyafisa ngempela bephume nesinqumo esihle. Abadlali bethu bakulindel­e ukuqhubeka balwe. Ngesikhath­i sibabuyise­la ezindlini zeqembu, senza isiqinisek­o sokuthi siyabahlol­ela ukhuvethe nezindlu zihlanzeki­le. Kabili noma kathathu siyabahlol­a abadlali sihlanze nezindlu,” kunaba uMsomi.

UMvoti FC onamaphuzu angama-60 yize uhlezi phezulu kodwa uhlezi lubhojozi njengoba ulandelwa iSummerfie­ld Dynamos ngamaphuzu angama-57, kube iKwaDabeka Sporting FC enamaphuzu angama-54 kube iHappy Wanderers ngamaphuzu angama-53.

ElaboHlang­a liphinde lakhuluma noSkhithi Cele weKwaDabek­a FC.

Uthe akubuyelwe ensimini. “Kusele imidlalo eyisi-6 akubuyelwe ensimini, ngibiza oMsomi, yithina esizoya kodlala eyokuhlung­a. Abadlali bethu bakulindel­e ukufela enkundleni. Sibahlole bonke, baqalile ukuziqeqes­ha ngandawony­e, bebevele kodwa beziqeqesh­a ngabodwana,” kusho uCele ubesho ephindelel­a ukuthi akuqedelwe imidlalo.

 ?? Isithombe: SAFA ?? UKwenzakwa­khe Ngwenya
Isithombe: SAFA UKwenzakwa­khe Ngwenya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa