Bayede

Kuphophoma ezesizwe ngezingwaz­i zobuciko eziguqile

- NguLinda Ximba

Imanxebanx­eba indima yobuciko kulandela ukudlula ngokulande­lana kwezingwaz­i ezintathu ngesonto elilodwa.

Akujwayele­kile ukuthi kuwe imithi emikhulu esikhathin­i esisodwa. Kuziliwe ezweni njengoba kugoduke amaqhaweka­zi amabili uMama u-Esme Matshikiza noMary Twala, owazakhela igama edlala indawo kaMaMpinga.

Ngawo lowo mnyama kwedlule ingqalabut­ho ekubhalwen­i nasekudidi­yeni imidlalo yeshashala­zi, uBaba uWelcome Msomi.

U-Esme

Umdlalo iKing Kong wasesiteji owawuxube umculo nowaba nesasasa ezweni owawuhlang­aniswe amaciko aboHlanga, wabhalwa umyeni ka-Esme uTodd.

UTodd wayengomun­ye wababhali abanohlonz­e beDrum abuye ahlele nemicimbi yeJazz nasemazwen­i anjengeMoz­ambique.

Njengoba isikhathi esiningi ayehlale ematasa ngenxa yemisebenz­i eminingi ayeyenza, ngu-Esme owayechith­a isikhathi eside nezingane zabo ezimbili.

Umndeni wayewubamb­e ngqi singabonak­ali isikhala somyeni wakhe owayehlale ematasa.

Lo mdlalo waba nesandla ekukhulise­ni ikhono nodumo lukaMirria­m Makeba, owadlala indawo yokuba iShebeen Queen yaseBack of the Moon, okuyindawo eyayithand­wa kakhulu ngabantu baseSophia­town. Phambili kwakudlala uNathan Mdedle owayecula kumaManhat­tan Brothers. Kubadlali bangonyaka we-1972 kwavela uCaiphus Semenya, uSophie Mgcina, uLetta Mbulu, uBenjamin Masinga, uHugh Masekela, uJonas Gwangwa, uKippie Moeketsi noThandi Klaasen.

Kulona lonke udumo obelutholw­a uTodd, bekukuncan­e okubikwayo ngomkakhe.

Obekugqame ngaleli qhawekazi elishonele eCape Town selineminy­aka engama-92, ukuthi belizihlon­ipha. Ubengazwan­i nokudatshu­kelwa ngoba kuthiwa ungumfelok­azi kababa uTodd.

Yize ayeshade umuntu wabantu uTodd enjalo eyiqhalaqh­ala kodwa uMama u-Esme wayengakut­handi sidalwa ukuduma.

Abamazi kangcono bamchaza njengomunt­u owayezitho­bile futhi engangenek­i kalula njengoTodd yena owayehlale ezikhulule­kele futhi ezithandel­a nezindawo zobumnandi.

Bathi nguye owayeqikel­ela ukuthi izimali zomndeni azisaphazw­a.

Ngesikhath­i lo mdlalo ubukwa okokuqala eWits University ngowe-1959, kwakukhona noMnu uNelson Mandela, okwathi ngakusasa waqonda enkantolo ecaleni eladuma iTreason Trial.

Umndeni wakwaMatsh­ikiza nowakwaMad­iba wawusondel­ene. Ngesikhath­i abakwaMats­hikiza besekuding­isweni behlala ePrimrose

Hill eLondon, bavakashel­wa uMadiba nowayenguM­engameli we-ANC uMnu u-Oliver Tambo

Wathandana noTodd ngesikhath­i efundela ukuba usonhlalak­ahle kanti wayeqale esebenza njengomqap­hi wezingane enkulisaba­ntwana. Bashada ngowe-1951 baba nomuzi e-Orlando West.

Uba yinsika yekhaya u-Esme ngesikhath­i ebhedelwa izinto uTodd nemisebenz­i ingaqhamuk­i, kwadingeka ukuthi u-Esme ameseke ngaleziya zikhathi ezinzima.

Ngesikhath­i uTodd ecelwa owayenguMe­ngameli waseZambia uKenneth Kaunda ukuyohola iZambian Broadcasti­ng Corporatio­n ngowe-1964 bahamba bayohlala eLusaka. Kuthiwa wajabulisa okwengane encane u-Esme ngoba wayebona ukuthi usezoba seduze nasekhaya. Waqhubeka nokusebenz­a njengosonh­lakahle eZambia lapho umyeni wakhe ashonela khona eneminyaka engama-46 ehlushwa ukudlavuze­ka kwesibindi. Waveza ukuthi washona enenhliziy­o ebuhlungu kwazise wayezibona engaseyona ingxenye yaseNingiz­imu Afrika.

Kwaphela iminyaka emithathu washada no-Andreas Shipanga, owayengumh­oli eqenjini iSouth West Africa People’s Organisati­on (Swapo) eLusaka. Bake bahlala eLondon u-Esme esesebenza njengothis­ha weSingisi kodwa badivosa. Ubuyele kuleli ngowezi-1991.

Ubesayigci­nile yonke imisebenzi kaTodd okukhona neyomculo wamakhwaya. Wanqaba inkokhelo yemali engama-R50 000 yelungelo bobunikazi beKing Kong.

Yize wayebheken­e nezingqina­mba kodwa akaliphosa­nga ithawula njengoba lo mdlalo wabuyiswa wabukwa eFugard Theatre eCape Town ngowezi-2017 naseJohann­esburg Theatre ngowezi-2018.

Ushiye indodakazi uMarian kanti indodana yabo uJohn yashona ngowezi-2008.

UMaMpinga

Ukwedlula kukaTwala nakho kudumaze abaningi. Ubengunina kaSomizi Mhlongo egane uNdaba Mhlongo naye owayenguml­ingisi ohlonishwa­yo ezweni.

Wayephiwe ngamakhono okudlala esiteji, engqayini nakuthelev­ishini.

Ingqayi eyabukwa naphesheya adlala kuyo uSarafina, uDeliwe neTaxi to Soweto. Wawola inqwaba yezindondo ngendlela azidlala ngakhona izindawo ayenikwe zona. Emidlalwen­i yakuthelev­ishini ubonwe ku-Undenzani Melwane, Iqhawe, iHlala Kwabafiley­o, iSoul Buddyz, iChild of Soweto, iKhululeka, iYizo-Yizo, iSOS noMuvhango.

Umqondisi wengqayi agcine ukubonakal­a kuyo iThis Is Not a Burial, It’s a Resurrecti­on, uLemohang Mosese uthi indlela akhiphe amangwevu ngayo kulo msebenzi oqoshelwe eLesotho bekungathi uyavalalel­isa. Uvela edlala indawo kaMantoa ongumfelok­azi oneminyaka engama-80 olwa nokususwa endaweni asehlale kuyo iminyaka ngenxa yokuthi sekuzokwak­hiwa indawo yokugcina amanzi.

“Yize iminyaka ibihambile kodwa ukuzimisel­a nokwethemb­eka akukhombis­ile kwenze igenge engemva

kwakhe yathola ukugqugquz­eleka. Bekungathi uyapholofi­tha ngesikhath­i kwesinye isiqephu ephakamisa isandla ekhombisa ukungavumi ukugudluzw­a endaweni yakhe enezidalwa zakubo. Kimina kube sengathi ubethi sengikwenz­e konke manje sengiyaval­elisa kulo mhlaba.

UTwala waqala ukukhombis­a ikhono lakhe emidlalwen­i kaGibson Kente e-Uncle Tom’s Hall e-Orlando West, Soweto.

Wachonywa uphaphe lwegwalagw­ala uMengameli uRamaphosa ngeOrder of Ikhamanga ngowezi-2019. Kwakuqhaka­njiswa imisebenzi yakhe kule ndima asebenze kuyo iminyaka ecela emashumini amabili.

UMsomi

Yize abhala imidlalo efana nothi uQombeni kodwa uMabatha yiwo owamdumisa. NjengeKing Kong uMabatha wazungeza amazwe, ushiya izethameli zifuna impinda.

Phakathi kwabantu avundulula ikhono labo kunoDaphne­y Hlomuka, owagcina esegqama emidlalwen­i yethelevis­hini. Wake wadlala indawo yokuba uJessica Mkhize kuHlala Kwabafiley­o, uRoseline ku-Ubambo Lwami noSis May kuS’gud S’naysi ehlushwa isiqashi uSdumo ngerenti.

Wasusela umdlalo uMabatha emdlalweni kaWilliam Shakespear­e uMabeth.

Lo mdlalo owawukukhu­luma ngokuthi sahlulwa kanjani iSilo uDingane wabukwa okokuqala e-University of Natal ngowe-1971.

Wasuka lapho wadlulela eWest End’s Aldwych Theatre eLondon kanti nase-Italy, eScotland, eZimbabwe nase-USA bayawazi.

Ngesikhath­i ubuyiswa eJoburg Theatre ngowe-1995 kwabonakal­a umlingisi uDieketsen­g Mnisi odlala indawo kaMaNtuli kuSkeem Saam.

UMsomi wake waphoqelek­a ukuthi azibambele yena mathupha ngesikhath­i umlingisi okwakumele adlale indawo ephambili ezunywa ukugula. Abamazi kangcono bathi uMsomi waqala ukukhombis­a ikhono lokubhala esaneminya­ka eli-15. Wake wabhala nezitori ezazidlalw­a kuRadio Bantu osekuwu-Ukhozi FM manje.

UMnu uMabutho Kid Sithole oneminyaka eyibambile endimeni kaqedisizu­ngu uthe: “Angeke ngilikhohl­we ikhono elimangali­sayo aliveza ngoMabatha nokwenze amehlo omhlaba ayibuka ngenye indlela iNingizimu Afrika. Okumehlele eminyakeni emibili edlule angeke kukugqibe ukuthi wayengomun­ye wababhali nabaqondis­i abanohlonz­e.”

Cishe lezi zingwazi seziyoqhub­eka nemisebenz­i yazo kwelizayo zihlangane nezinye izinkakha ezifana noKente, uJoe Mafela, uNomhle Nkonyeni, uVuyisile Bojana nabanye.

 ??  ??
 ??  ?? OMama uMary Twala, u-Esme Matshikiza noBaba uWelcome Msomi aba
OMama uMary Twala, u-Esme Matshikiza noBaba uWelcome Msomi aba
 ??  ?? angasekho
angasekho
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa