Kuvalwa amaphephandaba
Lugadle kwezwela ukhuvethe kwabezindaba njengoba sanda isibalo sezinkampani zezindaba ezinkulu ezihlongoza ukudiliza izisebenzi ngenxa yokushayeka kwezezimali selokhu iNingizimu Afrika ihlaselwe yilolu bhubhane.
Ubhubhane lwesifo esihlasele umhlaba wonke, ukhuvethe, seludale inkinga kwezempilo nalapha eNingizimu Afrika. Ngenxa yokwanda kwezibalo zabaphethwe wukhuvethe izikhungo zezempilo zizithola zingaphansi kwengcindezi lapho kufanele zingakhohlwa yilabo abadinga ukwelashelwa ezinye izifo nokulimala. Enye ingxenye yezempilo ebhekene nezingqinamba ukwelashwa kwalabo abanezifo ezelashwa impilo yabo yonke noma isikhathi eside ezifana nengculaza, ufuba, ushukela, umfutho wegazi ophezulu nezinye.
Ukulwa nobhubhane kuphoqa ukuthi abantu bagweme izindawo eziminyene. Uma beyolanda imithi kufanele bagibele amatekisi, amabhasi futhi badlule ezikhungweni zezithuthi, amarenke. Lokhu kudala ukwesaba kwabanye bagcine bengayi ukuyolanda amaphilisi.
UNks uSiphokazi Feke ongumsunguli nesikhulu esiphezulu enkampanini ehlenga abaphethwe yisifo sezinso, iBW Medical Group, ubeke kanje: “Iziguli zethu zidinga ukuzomonywa ubuthi ezinsweni kathathu ngeviki. Kanti futhi iningi labo ngokweminyaka yobudala yilabo abathathwa ngokuthi basengcupheni yokhuvethe.” Uqhube ngokuthi ukunciphisa amathuba okuthi iziguli zabo zihaqeke njengesibhedlela basebenzisa ubuchwepheshe. Baxhumana nesiguli ngokusithumelela ngomakhalekhukhwini uhlu lwemithi okufanele siyilande ekhemisi.
Nekhemisi eseduze ibe isiluthola lolu luhlu, nayo yazise isiguli uma imithi isilungele ukulandwa. Amakhemisi nezinye izinkampani eziqashelwe lokho bayakwazi nokuhambisela iziguli imithi emakhaya. Ngaleyo ndlela isiguli sigwema ukwehla senyuka nokulinda emigqeni emide ekhemisi.
Ngabe abangenayo imali yokukhokhela izibhedlela zangasese bona benza njani? UMnu uNtokozo Maphisa wezokuXhumana eMnyangweni Wezempilo KwaZulu-Natal ubeke ngokuthi uMnyango ugqugquzela iziguli ukuthi zingadembeseli ekuphuzeni amaphilisi nemithi. Uthe uMnyango uyakugcizelela ezigulini ukuthi abanezifo ezibahaqile basengcupheni enkulu kunabanye abantu.
“Izikhungo zezempilo ziyaqhubeka nokukhipha imithi ngesikhathi sobhubhane kanti futhi imithi ingalandwa ezizindeni eziseduzane namakhaya. Lokhu kwenziwa ngohlelo olubizwa ngokuthi yiCentral Chronic Medicines Dispensing and Delivery (CCMDD). Lokhu kwenzelwa ukunciphisa amathuba okuhaqeka noma ukuthelela abanye,” kusho uMaphisa.
UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt uZweli Mkhize, ukugcizelele ukubaluleka kokuthi izikhungo zezempilo zikhuthalele ukunakekela abaphethwe yilezi zifo ngoba yibo abasengcupheni enkulu.
“Yingakho kwengezwe nemali ukwelekelela uMnyango Wezempilo ukwandisa izisebenzi nezakhiwo ezifana nezibhedlela zesikhashana nemibhede. Lokhu kwenzelwa ukuthi ukwanda kweziguli zokhuvethe kungaqedi indawo yabaguliswa okunye,” kubeka uNgqongqoshe uMkhize.
Kenizizinda eziningi lapho kuguqulwa khona izinkundla zemidlalo nokunye kwenziwe izibhedlela. Kanti nezibhedlela kubonakala kwandiswa izakhiwo zazo ngenxa yokhuvethe.
NgokweWorld Health Organisation (WHO) eyingxenye yeNlangano Yezizwe, isifo sofuba sikleliswe saba ngesesi-9 ohlwini lwezifo ezibulala abantu emhlabeni ngaphezulu kwengculaza. Ngonyaka wezi-2018, amaphesenti angama-87 abantu abasha ukuhaqwa yisifo sofuba atholakala emazweni akhungethwe kakhulu yilesi sifo, okubalwa kuwo iNingizimu Afrika. Ngawo lowo nyaka isifo sofuba sabulala abantu ababalelwa ezinkulungwaneni ezingama-63 eNingizimu Afrika.
Izigomagoma zezempilo zigcizelela ukubaluleka kokuthi singakhohlwa ukuthi isifo sofuba siyingozi engakanani.
Akusona isifo sofuba kuphela okunokukhathazeka ngaso. Ngokwezilinganiso zeInternational Diabetes Federation, ngonyaka wezi-2017 emhlabeni jikelele abantu ababephila nesifo sikashukela babelinganiselwa ezigidini ezingama-450, uhhafu wakhona ungahlonziwe.
Ngokwezibalo zeStatitics South Africa, isifo sikashukela singesesibili ngokubulala eNingizimu Afrika, sandulela esofuba. Ngonyaka wezi-2016 abantu abangama-25 000 babulawa yilesi sifo.
Ngenxa yezizathu ezahlukene izifo ezidinga ukwelashwa isikhathi eside zandile nakwaboHlanga. Lapha kungabalwa ukuguqula ukudla okudliwa ngaboHlanga nangendlela osekuphilwa ngayo.
Lolu hlobo lwezifo lunomthelela omkhulu ezibalweni zokulahlekelwa wumphefumulo eNingizimu Afrika. Ngonyaka wezi-2002, abantu abayizi-190 000 babulawa yilolu hlobo lwezifo eNingizimu Afrika.