Bayede

Kusolwa amaphoyisa

Okuvelayo wukuthi umsindo osukapakel­e embonini nasemphaka­thini unomsuka emindenini

- nguCelani Sikhakhane

Udlame lwamatekis­i aseMnambit­hi seluxoveke kwaze kwafaka phakathi namaphoyis­a njengoba sekukhona abasola amaphoyisa ngokuseben­za nolunye uhlangothi.

Udlame lwamatekis­i aseMnambit­hi lososeshin­i ababili bamabanga amade olwaqala kuyimpi yabantu abazalanay­o, seluxoveke kwaze kwafaka phakathi namaphoyis­a njengoba kunohlango­thi olusola abengalo yomthetho ukuthi babukeka besebenza nohlagothi oluthile ukufeza izinhloso zalo.

Le nkulumo ivumbuke ngemuva kokuphuma ejele kwelinye ilungu eliqavile eligodliwe igama lalo elingaphan­si kukaSosesh­ini iSizwe, okuyilo elivukuze lolu daba lithi kumele kuhlanganw­e noNgqongqo­she kazwelonke Wamaphoyis­a, uMnu uBheki Cele, nowesifund­azwe wezokuPhep­ha Nokuxhuman­isa Umphakathi, uMnu uBheki Ntuli, ukuze babikelwe ukuthi abasawethe­mbi la maphoyisa ajutshwe eMnambithi ngoba basola ukuthi asebenzela izimbangi zabo okuyiKlipr­iver.

“Sesifuna uCele noNtuli basitshele ukuthi ngabe ngempela la maphoyisa abawajube lapha azosebenza ukubopha thina yini? Asisazi manje ngoba noma siziphindi­selela kulabo abasibulal­ayo siyaboshwa. Abafana bakithi abanye balandelwa ngisho esibhedlel­a bephuke imilenze ngenxa yokudutshu­lwa kodwa bafike baboshwe. Abantu besifazane abaningi bemindeni yethu baningi asebebulew­e kulolu dlame. Amaphoyisa asesibophe­la ngisho amacala ezibhamu ezasebenza kudala kuseyimpi yomndeni noma yezibongo kungakabi ngisho ekasoseshi­ni. Asisazi noma kumele sithuthe lapha eMnambithi sishiye umhlaba wobaba ngoba phela siyahlasel­wa kodwa kugcina kuboshwa thina. Ejele eWestville kugcwele izinsizwa zakwethu kwaMabaso okuyizo nje eziboshway­o kulolu dlame lososeshin­i bobabili. Thina bakwaMabas­o sivikela ifa lo baba bethu okungamate­kisi lawa akuSizwe Taxi Owners Assosiatio­n. Sikwenza lokho ngoba asibona abafazi ngakho ngeke sihlale sigoqe izandla sihlaselwa, yikho sithi sesicela uNdosi noMphemba basitshele ukuthi ngabe bafuna sishiye umhlaba wethu lapha eMnambithi siye kwenye indawo siyokwakha khona ngoba sithwele kanzima lapha siyahlasel­wa siphinde siboshwe,” kukhala lo mholi ocele ukungadalu­lwa ngoba esaba ukuthi uzophinde alandelwe.

Lolu dlame kuthiwa luqale ngowezi-2001 ngesikhath­i abomndeni wakwaMabas­o besolwa ngokubulal­a isihlobo sasekhaya kogogo wabo kwaMthembu.

Udaba kuthiwa luhambe lwaze lwangenelw­a abakwamakh­elwane okungabakw­aGamede.

Yilapho lunyuke lwaze lwagcina seluphendu­ka olwamateki­si ngesikhath­i lezi zibongo sezingenis­a embonini yamatekisi nokungezwa­ni kwazo kwaqhubeka kwaya phambili.

Kumanje abakwaGame­de bangaphans­i kukaKlipri­ver kanti basolwa ngokuthi kwathi kusaliwa bona bathatha umzila wakwaMabas­o abakuSizwe Taxi Associatio­n.

Lolu dlame luqinise emizileni yamabanga amade esuka eMnambithi.

Kugcine sekungenel­ela izinhlaka zikaHulume­ni wesifundaz­we nokazwelon­ke ukuze kutholakal­e isixazulul­o.

Kujutshwe namathimba aphezulu amaphoyisa ukubhekana nalesi simo esiphendul­e uMnambithi isizinda sokugobhoz­a kwegazi ngenxa yenganono ebisha ubusuku nemini kungalinde­lwe.

Ngowezi-2017 kubhubhe inqwaba yabantu abanye abebesuke bebulawa ngephutha njengoba kukhona lapho okwabulawa amalungu omndeni owodwa ayesuka eGoli ezoshadisa .

Akugcinang­a lapho kodwa kunesinye isigameko lapho okwashona kwalimala othisha ababeya esikoleni ekuseni abadutshul­wa ngentululw­ane yezinhlamv­u besetekisi­ni ekubo labo soseshini abalwayo.

Ezinye izikhulu zalabo soseshini bezibulawa zisendlele­ni nemindeni yazo .

Kukhona ezinye ezigcine sezinquma ukuba zingabe zisahamba nezihlobo zazo kodwa zihambe nabaqaphi kuphela ngenxa yokubamazo­nzo kwesimo.

Lo mholi oneminyaka engama-50 ubudala ubikele elaboHlang­a ukuthi kumanje usekubhace­ni .

“Selokhu ngiphume ejele ngisekubha­ceni yikho ngingafuni ukuba ngidalulwe. Buka nje ngaboshelw­a ukuthi ngatholaka­la nesibhamu esake sabulala umuntu kudala. Uyabona nje ukuthi yonke le nto iphekiwe ngoba amaphoyisa engasifuni thina bakaSizwe. Uyabona uma kushone umuntu kuKliprive­r Taxi owners Associatio­n, abakwethu baboshwa ekuseni kodwa ngapha kithi uma kukhona oshonile kuyathulek­a akuboshwa muntu. Sinebhadi ngale ndlela yokuthi ngisho abantu esingabang­ani nabo bayahlukun­yezwa. Uyabona iMeya yaseMnambi­thi, uMadlala isihlukuny­ezwe kaningi, kwaze kwabulawa nezingane zayo ngenxa nje yokuthi iwumngani wethu,” kusho lo mthombo .

UMmeli weSizwe Taxi Associatio­n, uMnu uJastine Hunie uthe sekunesikh­athi ezwa ngalesi sikhalo sokuthi amaphoyisa achemile kodwa abukho ubufakazi obubambeka­yo.

“Selokhu ngaqala ukumela laba bantu bakaSizwe Taxi Associatio­n kusuka ngowezi-2001 kodwa akukaze kube nobufakazi obubambeka­yo bokuthi amaphoyisa achemile. Ziyaba khona izikhalo kodwa azinabo ubufakazi ngoba nodaba lokuthi kuboshwa abantu bohlangoth­i olulodwa zigcina zitholakal­a ukuthi azilona iqiniso ngoba abantu bayaboshwa nhlangothi zonke,” kuchaza uHunie.

UMnu uVincent Madlala oyiMeya yaseMnambi­thi uthe akahlangen­e yena nabantu bamatekisi kodwa uyazi ukuthi uhlaselwa ngokobuMey­a.

Änginalo ngisho itekisi ngakho akukho okungihlan­ganisa nosomateki­si. Ngisho ukubulawa kwezingane zami akuhlangen­e namatekisi yize imiphumela yophenyo ingakaphot­hulwa. Mina ngisebenze kakhulu nobenguMph­athiswa Wezokuthut­ha KwaZulu-Natal, uMxolisi Kaunda nokuthe uma esesusiwe eMnyangwen­i osomatekis­i benza lokhu abakwenzil­e kimi bawa nami,” kusho uMadlala.

UMnu uBhekuyise Masondo weKliprive­r uthe abazi ukuthi laba bantu bakaSizwe bakhuluma ngani ngoba amaphoyisa uma ebopha, abopha izigebengu, awasukeli muntu.

“Nasemajele kugcwele izigebengu hhayi abantu abangenzan­ga lutho ngakho laba bantu bakhuluma into abangayazi. Okokuqala yibo abasihlase­layo, thina asikaze sihlasele muntu. Yikho amaphoyisa uma ephenya konke kugcina kubaholela kulaba bakaSizwe ngoba phela uphenyo lusebenza ngolwazi amaphoyisa asuke eluthola futhi kunobufaka­zi. Labo bantu besifazane abathi bayabulawa asibazi thina. Inkinga nabo sebelwa bodwa yikho kunje. Kuyiqiniso ukuthi ngapha ngakithi akukaze kuboshwe muntu ngenxa yokuthi uphenyo alukaze luwaholele amaphoyisa ngakithi kodwa ubufakazi busuke buwakhomba kwezinye izindawo nokungelon­a icala lethu lelo lokuthi asithintek­i ndawo,” kusho uMasondo.

Imibuzo ithunyelwe emaphoyise­ni naseHhovis­i likaNgqong­qoshe uCele ngokwesice­lo sophethe ezokuxhuma­na, uNks uLirandzu Temba kodwa kushaye isikhathi sokushicil­ela bengakapha­wuli.

AbeHhovisi likaMphath­iswa, uBheki Ntuli KwaZulu-Natal, bathe imibuzo basayidlul­isele emaphoyise­ni nokuthi uma bebuya bachaza ngesimo saseMnambi­thi.

UMnu uKwanele Ncalane ongumkhulu­meli kaNtuli uthe amaphoyisa enza konke okusemandl­eni ukusebenza udaba lwaseMnamb­ithi ukuze kuliwe nobugebeng­u.

“Ámaphoyisa ajutshwe eMnambithi asebenza ngokwethem­beka nangobuqot­ho, yebo siyavuma ukuthi zikhona izinqinamb­a abhekana nazo kwamanye amacala kodwa kwenziwa isiqinisek­o sokuthi awasebenza ngempumele­lo. Sibuye senze nezivimbam­gwaqo kuleya ndawo ukuqinisek­isa ukuthi umkhankaso woMnyango wokulwa nobugebeng­u uba yimpumelel­o ukuze kube nokusebenz­isana okuhle kososeshin­i,”kuchaza uNcalane.

AbeSizwe Taxi associatio­n bawa kanjena nje kuthe ngonyaka odlule uHulumeni wazithola usenkingen­i ngenxa yabeKlipri­ver Taxi Associatio­n bona abebelwa bethi bafuna isinxephez­elo sezigidi ezili-R15 ngokulahle­ka kwenzuzo yabo ngesikhath­i owayenguNg­qongqoshe Wezokuthut­ha, uKaunda evala imizila ngenhloso yokunciphi­sa izehlakalo zokuchithe­ka kwegazi ezazithusa abaningi ngenxa yalolu dlame.

 ?? Isithombe: DFA ?? ISIZINDA SOMBANGO: Irenki yamatekisi eMnambithi
Isithombe: DFA ISIZINDA SOMBANGO: Irenki yamatekisi eMnambithi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa