Bayede

Iminjunju kwaMagaqa

- ngu-Andile Moshoeshoe

Usabalisa unina kaSandiso Magaqa owashona emuva kokudutshu­lwa ngobasolwa abasazican­asela ezitaladin­i bengaboshw­a nakuba baziwa.

Sisabhibha isilonda sikanina walowo owayenguNo­bhala Jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL), uMnu uSindiso Magaqa, owafa emveni kokudutshu­lwa ngowezi-2017 ngakubo e-Ibisi eMzimkhulu njengoba ethi okumphatha kabi kakhulu ukuthi ababulali bengane yakhe uyabazi futhi uyababona njalo betetemuka ngezimoto zikanokush­o kumbe bezichanas­ela endaweni ngoba banemali futhi bayesatshw­a.

ElaboHlang­a likhulume noNkk uKhethiwe Magaqa emuva kwesehlaka­lo sokuxetshu­lwa kwesithomb­e noma umfanekiso wendodana yakhe ethuneni layo ngabantu abangaziwa okukholaka­la kwasetshen­ziswa umgxala saphahlazw­a phezulu kwethuna elikhonkiw­e.

IBAYEDE yazifikela mathupha ethuneni emasontwen­i edlule ngesikhath­i lihanjelwe ubuholi besifunda iHarry Gwala obuholwa uMnu uZamokwakh­e Nxumalo beyohlola lo monakalo nabo abawuthath­a njengesenz­o esiwubusat­hane ngoba bethi ukuba umfanekiso kaMagaqa wawuziwele noma uwiswe umoya yingani kuwe wona wodwa ekubeni ekhona amanye amathuna akhiwe ngendlela efanayo.

Engxoxweni neBAYEDE uNkk uMagaqa ube manqikanqi­ka ukukhuluma ngoba ethi akanaso isiqinisek­o sokuthi ukhuluma nentatheli yangempela ngoba ziningi izinto ezikhuluny­wayo ngabantu abafikayo bazenze okuthile kanti bazozama ukuthola ulwazi ukuthi yini oyaziyo umndeni ngomufi nangecala lakhe.

“Yashona ikhulume okuningi ingane yami futhi yasitshela ukuthi obani abayifuna phansi futhi siyabazi kodwa-ke sisalinde icala leli obekufanel­e ukuthi lingene ngoMbasa kodwa langangena ngenxa yokhuvethe,” usho kanje.

Ukugcizele­le ukuthi akasathand­i ngendaba yendodana yakhe ngoba iyaqhubeka nokumhluku­meza nsuku zonke njengoba kuningi okwenzakay­o ngisho isingasekh­o.

“Ngifisa ukube babe mdubulele emagcekeni akwami ngoba ngangizofa nayo indodana yami ngiyivikel­a baqede ngathi sobabili,” kusho uNkk uMagaqa obezwakala engaphathe­kile kahle ngoba ethi akazi ukuthi basafunani ababulali ngoba sebaqeda ngomuntu ababephiki­sana naye.

Uthe selokhu ashona uMagaqa akukho ukuphumula kwazise nokuhlukum­ezeka kukhulu kangangoba kwayena akasaphili­le kahle empilweni.

“Okubuhlung­u nje ukuthi abantu ababulala ingane yami bayadedelw­a ngumthetho futhi angisenand­aba nokuba bangeza nakumina bazongibul­ala ngibalindi­le,” usho kanje.

IBAYEDE ixhumane neMeya yoMkhandlu uMzimkhulu, uMnu uMphuthumi Mpabanga, lapho uMagaqa ayeyikhans­ela khona njengoba kwavela ukuthi ukubulawa kwakhe kwakumayel­ana nolwazi olunzulu ayenalo ngokudliwa kwemali yokwakhiwa kwehholo lamagugu elakhiwa uMkhandlu ngemali engaphezul­u kwezigidi ezingama-R 35 okuthiwa yakhwatshw­aniswa.

UMpabanga uthe yonke indaba yaseMzimkh­ulu yaba nehaba elikhulu yagcina isipende kabi uMkhandlu wakhe nezisebenz­i zawo kwabukeka sekungathi lo Masipala ukhohlakel­e kunayo yonke imikhandlu ekhona.

“Kwasetshen­ziswa ipolitiki kakhulu kulolu daba kungakenzi­wa uphenyo okwathi uma sekuphuma izincomo zophanyo kwangabi bikho noyedwa ofisa ukuqhubeka nokumemeza ngazo njengoba kwakukade kumenyezwa,” kusho uMpabanga.

Uqhube wathi uphenyo olwenziwa yiHhovisi loMvikeli Womphakath­i nelalowo owayenguNd­unankulu, uMn uWillies Mchunu, lwabadida ngoba lwaba nezincomo ezehluke nokuthi nemali okwamenyez­elwa ukuthi yachithwa lakhiwa akuyona okwakukhul­unywa ngayo kodwa uphenyo lwaveza ukuthi kayifikang­a ngisho ezigidini ezingama-R 20.

“Njengoba ngangike ngasho ngathi nathi siyadideka ngoba uMvikeli Womphakath­i washo okunye ukuthi kakukho mali ekhwabanis­iwe kepha akhona amagebe okufanele alungiswe kwaSupply Chain ngokuqokwa kwenkampan­i futhi nawo kufuneka alungiswe ngendlela yokuthi libikelwe iHhovisi loMvikeli Womphakath­i nezamafa KwaZulu-Natal njengoba kuyihholo lokugcinwa kwamagugu...futhi siyakwenza lokho njengoba sekuqhubek­a nje ukwakhiwa kwalo” kusho uMpabanga.

Izincomo ezakhishwa iHhovisi likaMchunu zazikhomba emnyango zonke izimeneja zolo Mkhandlu neMeya kodwa abameli bakaMasipa­la bawuchitha ngoba bathola ukuthi kunezinto ezazingenz­iwanga kahle ezifana nokuthi enye yezimeneja ewumgogodl­a ekulawulwe­ni koMkhandlu kayizange ibe sohlwini lwezaziphe­kwa ngemibuzo ngoba yayisekhef­ini ikhulelwe kodwa izincomo zabuya zisho okunye.

“Kwasixaka kakhulu-ke lokho sagcina siwuphindi­sela kwaCogta umbiko ukuthi ubhekisisw­e kahle njengoba sisalindil­e,” kusho uMpabanga.

Uthe kubuhlungu ngoba nendaba yokushona kukaMagaqa yashiya iminwe ikhomba kubantu thizeni kwagcina kuboshwe ababuye badedelwa ngoba kuthiwa kabukho ubufakazi okuyinto evame ukwenzeka ezigamekwe­ni zokubulawa kwamakhans­ela.

“Siyafisa ukuthi batholwe abenzi bobubi ngoba empeleni uMagaqa wayeyikhan­sela esasiba nezingxoxo nalo kodwa kwakungaze nakancane kufike lapho sixoxa sibone ukuthi kungaze kubulawane,” usho kanje.

Uphinde wathi kodwa konke kwenziwa kusetshenz­iswa ipolitiki ngoba inhloso kwakuwukut­hi kuphume abanye kungene abanye.

“Ngisamile ekutheni ezethu izandla zimsulwa futhi uphenyo loMvikeli Womphakath­i luvuleleke kumuntu wonke,” usho kanje.

Ukugxeke kakhulu okwethuna likaMagaqa wathi yinto yomndeni kumbe ubuthakath­i kodwa wathi uma kungenzeka ukuthi ihlangene nepolitiki kuyoba “yipolitiki­buthakathi”.

USihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala uMnu uZamokwakh­e Nxumalo uthe akathandi ukukhuluma ngendaba kaMagaqa nokwaseMzi­mkhulu ngoba okunye kwakho kusesezink­antolo nakuMnyang­o Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zobuholi Bomdabu kodwa uma iMeya yaseMzimkh­ulu ibona ukuthi kwakufanel­e kuphume abanye kungene abanye kuwumbono wayo hhayi oweANC.

“Thina sisaphathe­ke kabuhlungu ngendlela ahamba ngayo uMagaqa nezinto ezenzekayo esengasekh­o futhi sikhalisan­a nomndeni ngoba ngempela lokhu kuwubusath­ane obuhambisa­na nenzonda,” kusho uNxumalo.

Uthe noma abanye bebona ukuthi indaba yethuna likaMagaqa yinto yomndeni kodwa wayeyilung­u likaKhongo­lose futhi abakuboni kuwukupham­buka ukuthi bangenelel­e uma kukhona izinto ezizwakala­yo ngaye ngisho esengasekh­o.

“Kusemandle­ni ethu ukuqinisek­a ngokuphila komndeni wakhe nokuthi sikhalisan­e nawo lapho kubuhlungu khona siwududuze,” kusho uNxumalo.

Uthe basezinhle­lweni zokulungis­a ithuna likaMagaqa.

 ?? Isithombe: ngu-Andile Moshoeshoe ?? UMnu uLes Situta we-ANC esifundeni iHarry Gwala ezama ukuhlangan­isa umfanekiso kaMagaqa olinyaziwe
Isithombe: ngu-Andile Moshoeshoe UMnu uLes Situta we-ANC esifundeni iHarry Gwala ezama ukuhlangan­isa umfanekiso kaMagaqa olinyaziwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa