Bayede

Eyezibonel­elo ziHulumeni

-

Iningi labantu lithatha uHulumeni njengomnik­azi wemali engenakuph­ela, umthombo ongashi woqobo kodwa kabanandab­a ukuthi uyithathap­hi imali yokwenza zonke lezi zinto.

UMaSimelan­e Zulu ungowokuza­lwa eGauteng, eDobsonvil­le, eSoweto.

Ungummeli ngokwemfun­do kodwa futhi waziwa njengesish­oshovu sezombusaz­we.

Uke waba sezinhlake­ni ezahlukene ze-ANC okubalwa ukuba uMgcinimaf­a wegatsha langakubo lophiko lwenstha kaKhongolo­se eDobsonvil­le phakathi kowe-1992 kuya kowe1993.

Waba uNobhala wegatsha enhlanganw­eni yabafundi iSouth African Student Congress leNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eMgungundl­ovu phakathi kowe1997/1998.

Waba nguSihlalo we-ANCYL kuyo le Nyuvesi ophikweni lwaseMgung­undlovu phakathi kowe-1999 kuya kowezi-2001.

Waba uNobhala weStudent Law Society khona eMgungundl­ovu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, phakathi kowe1999 nowezi-2000.

Uqokelwe ukuba nguSihlalo weBlack Lawyers Associatio­n kusuka kowezi-2000 kuya kowezi-2001.

Uqokelwe ukuba ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC Youth League waphinda waba uMgcinimaf­a kusuka kowezi-2003 kuya kowezi-2010.

Uqokelwe ukuba nguMgcinim­afa wesifunda aBaqulusi phakathi kowezi-2010 kuya kowezi-2011. Ubeseqokel­wa ukuba uSihlalo waseBaqulu­sini okuyiZulul­and kuKhongolo­se ngowezi-2011 kwaze kwaba owezi-2014. Ngowezi-2015 uqokelwe ukuba ilungu lesigungu esiphezulu kuKhongolo­se esifundazw­eni nokuze kube yimanje.

Useke waba uSotswebhu weANC eSishayamt­hetho, waphinde waba umkhulumel­i weKhokhasi ye-ANC kuso iSishayamt­hetho. Uke waqokwa waba ukhulumeli we-ANC Womens League, wabuye waqokelwa ukukhulume­la umbutho wonke okuwuKhong­olose, washiya eseqokelwa ukuba uMphathisw­a WezeMpilo KwaZulu-Natal okuyisikhu­ndla asiphethe nanamhlanj­e.

Labo abakhuluma­yo bathi isivivinyo sakhe esikhulu emzileni obheke kwesokuba uNdunankul­u amaqhingas­u akhe okulwa nokhuvethe okuyobhekw­a kuwo ukuthi ngabe amagalelo akhe awomuntu osekulunge­le yini ukuhola isifundazw­e njengoNdun­ankulu.

UMaDube Ncube

Uzalelwe KwaMashu eThekwini, waba isishoshov­u sezombusaz­we elwela ukuphucula impilo yabampofu nababencis­hwe amathuba ngenxa yencindeze­lo.

Ngesikhath­i kuqala oHulumeni Bendawo eNingizimu Afrika ngaphansi kukaHulume­ni wentando yabantu, waqokwa waba iMeya yaseNorth Central Local Council, ngesikhath­i iTheku lalisahluk­aniswe izigaba ngaphambi kokuba lihlangani­swe lenziwe imethropho­litheni.

Kuthe uma iTheku selihlanga­niswa kuqedwa omasipala noma imikhandlu eyayizicag­ogwana, uMaDube waqokwa waba usomlomo wokuqala wesifazane ngaphansi kukamasipa­la omkhulu okuyiEthek­wini.

Ubalwa nosopoliti­ki abahlahla indlela ekwakhiwen­i kohlaka loHulumeni Bendawo.

Ngemuva kwalokho waqokwa wayoba inxusa laseNingiz­imu Afrika ezweni iCzech Republic nalapho ehlale khana emele elakuleli iminyaka ebheke eshumini.

Ngowezi-2009 wabuyiswa waqokelwa ukuba uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu okwabe kuwumnyang­o ayewuthath­a kuMnu uWillies Mchunu.

Uphinde waqokwa waba yiphini likaNobhal­a weSouth African Local Government Associatio­n kuzwelonke kanti wayekade enguSihlal­o wesikhasha­na weLocal Government Seta.

KuKhongolo­se uqokelwe ukuba iPhini Nobhala lesifundaz­we iKwaZulu-Natal, okuyisikhu­ndla asiphathe amahlandla amabili.

Uke waba uMgcinimaf­a weANC esifundeni iTheku, waphinde waba iPhini Nobhala lombuto wakhe.

Uke waba uSotswebhu omkhulu we-African National Congress eSishayamt­hetho KwaZulu-Natal.

Kumanje unguMgcini­mafa weANC esiFundazw­eni.

Ngemuva kokhetho obelungowe­zi-2019, uqokelwe ukuba uNgqongqos­he Wezamabhiz­inisi kaHulumeni, wenziwa uNgqongqos­he Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ezokuvakas­ha Nokongiwa Kwemvelo.

Uphinde abeyilungu leNdlu Yezigele (Senate) eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

UMaSithole Moloi

Uyisishosh­ovu esaziwayo emzabalazw­eni we-ANC kuze kuyoshaya koHulumeni Bendawo.

Uke waba iMeya yaseMgungu­ndlovu.

Uke waba uSotswebhu omkhulu we-ANC eSishayamt­hetho saKwaZuluN­atal.

Uke waqokelwa ukuhola ikomiti leziNdaba zaseNdlunk­ulu kaZulu ngaphansi koMnyango kaNdunanku­lu wesifundaz­we,

Emva kwalokho uqokelwe ukuba uMphathisw­a Wezobuciko, Amasiko Nezokungce­beleka.

Kuthe emva kwalokho waqokelwa ukuba uMphathisw­a Wezolimo Nokuthuthu­kiswa Kwezindawo Zasemakhay­a.

Njengamanj­e igama lakhe likulawo abesifazan­e abaphambil­i ohlwini lokufanele baqokelwe isikhundla sokuba uNdunankul­u waKwaZuluN­atal nokuyoba okokuqala ngqa emlandweni selokhu kwaba noHulumeni wentando yabantu.

Kuthiwa ungumholi onobudlelw­ano obuhle kakhulu noMengamel­i wezwe nokumbeka emathubeni angcono okuba aqokelwe ukuba nguNdunank­ulu.

Ubonakala njengomunt­u okubantu njengoba neminyango ayinikezwa kuHulumeni imsondeza nemiphakat­hi esemazinge­ni ehlukene okungabaho­li boMdabu, abalimi nabantu nje.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa