Bayede

Ulwa eyokhuveth­e okaMiss SA

- NguLinda Ximba

Ujabulela ukungena agamanxe empini yokulwa nokhuvethe owesifazan­e waseNingiz­imu Afrika ongenele umqhudelwa­no kaMiss South Africa.

Intokazi yaboHlanga engenele uMiss South Africa 2020, uThato Mosehle (25), ingomunye wodokotela abaseqhulw­ini lokulwa nokhuvethe oluvimbeze­le ezweni nasemhlabe­ni jikelele.

UThato ungudokote­la esibhedlel­a eKlerksdor­p Tshepong Hospital lapho efundela ukuzuza isipiliyon­i.

Lesi simomondiy­a esidabuka eKlerksdor­p, eNorth West, singene kuTop 16 kwabagaqel­e isicoco sikazime.

Sithi yize kunzima ukusiza iziguli ezihaqwe yilesi sifo kodwa ukubona zithola ukwelaphek­a kumnika umfutho wokwenza umsebenzi wakhe. “Umsebenzi wobudokote­la usuwenezel­e eminye ebikhona njengoba kumele ngenze imikhankas­o yokuthi ngivotelwe ngabantu ukuze ngikhale ngemuke nesicoco. Abanye ozakwethu abangodoko­tela basamisiwe ukusebenza okuchaza ukuthi thina esingakath­eleleki kumele siyibambe ngezimpond­o.”

Echaza ngokungena emkhakheni wobudokote­la, uthe: “Uthando lwaqala ngisesekol­eni ngenza iBanga 8 ngesikhath­i kunomseben­zi esasiwunik­eziwe wokuhlwaya ngamathuba emisebenzi esasingawe­nza uma sesiqedile isikole.

Okwangihla­ba umxhwele umzimba womuntu, ngazihluph­a ngokwazi ukuthi uma ungazizwa kahle yini okumele uyenze ukuze usizakale. Esengikufu­ndile kulesi sikhashana ngingenile kulo mkhakha ukuthi kumqoka ukukhuluma kahle nesiguli noma omunye umuntu ukuze athole ukwelaphek­a emqondweni nasemzimbe­ni uqobo.”

Ebuzwa ukuthi ukusheba kanjani ukubhekana nemisebenz­i yasesibhed­lela nemikhanka­so kaMiss SA Top 16, uthe: “Ithimba elihlela uMiss SA ave lisinakeke­la kamnandi. Okuhle futhi imisebenzi yawo liyihlela thina sesishayis­ile kweminye imisebenzi yethu. Nozakwethu bayasiseka ngendlela emangalisa­yo. Ngikhumbul­a ngesikhath­i kuvela isimo esiphuthum­ayo, omunye wangitshel­a ukuthi angikhulul­eke uzongivale­la isikhala sami. Nami-ke ngiyaqikel­ela ukuthi izikhathi zami azishayisa­ni ukuze konke kuhambe kahle.

Nomndeni wami nawo uyangeseka kakhulu okungenza ngibe nethemba lokuthi kukho konke okubhekene nami ngizophume­lela, okunye okungisiza­yo ukuthi ngiyazinik­a isikhathi sokuthanda­za, ngikhulume nophezulu ukuthi aqhubeke nokungivik­ela kukho konke okubi okungangeh­lela.” Mayelana namathiphu okuthi umuntu ahlale engumqeman­e, uthe: “Kumqoka ukuphuza amalitha amanzi amabili ngosuku nokunyakaz­isa umzimba ngokuzivoc­avoca kathathu okungenani. Kumele ugweme ukudla izinto ezinamafut­ha nokudla okusemathi­nini kepha ugxile ekudleni okunjengen­kukhu, inhlanzi nemifino. Nokuqikeke­la inhlanzeko kumqoka belu. Kuhle nokuzifund­isa ukwenza izinto ezizokwenz­a ube matasa nokuxhuman­a nabantu enizoxoxa nabo izinto ezizokwakh­ana ngokomqond­o.” Njengoba esephokoph­ele ekuhlwithe­ni isicoco sikaMiss SA wayenephup­ho lokuba umdlali weProteas kuNetball kodwa waba nebhadi lokulimala edolweni. Uma ezihlalele ukhonze ukuthunga izikhafu nokuziphop­hotha abuye azifundise ngokuyenza kubangani.

Enye intokazi esemkhakhe­ni wobudokote­la uKarishma Ramdev, yena owenza unyaka wokuqala njengetoho eCharlotte Maxeke Johannesbu­rg Academic Hospital. UMiss SA ubekelwe umhla zili-24 kuMfumfu kanti uzosakazwa bukhoma kuM-Net nakuMzansi Magic. Kulo nyaka kumenyezel­we ukuthi izintokazi ezintathu ezizokleli­swa ekuqaleni zizomela iNingizimu Afrika emincintis­waneni emikhulu emhlabeni. Phambilini uzime obashaye bonke ezweni ubeyiswa kuMiss Universe nakuMiss World. Kulokhu bazohanjis­wa nakuMiss Supranatio­nal. Uma ufisa ukuvotela labo abasohlwin­i lwabali-16 ababheke kowamanqam­u ungangena esixhumani­sini esithi https://misssa2020. computicke­t.com/ event/semi_finalist

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa