Bayede

Umlando weDowns Ladies

- NguLinda Ximba

Lizifake emlandweni iqembu labesifaza­ne iMamelodi Sundowns Ladies linqoba iligi yakuleli labesifaza­ne nokungena emqhudelwa­neni wase-Afrika.

Umgadli weBanyana Banyana uJermaine Seoposenwe usethole ikhaya elisha kuSporting Braga ngemuva kokuhlala isikhashan­a eSpain.

USeoposenw­e oneminyaka engama-26 ubudalala usayinde inkontilek­a yeminyaka emibili kuBraga ngemuva kokudlala izinyanga eziyisithu­pha kuReal Betis.

Wayejoyine iBetis ngoNhlolan­ja kodwa watabalasa ukuthola ijezi njalo njengoba ekwaze ukudlala imidlalo emithathu vo. Nesizini yebhola ibuye yavalwa ngenxa yokubhebhe­theka kokhuvethe.

EPortugal uzofike ahlangane nomkhaya wakhe uThembi Kgatlana adlala naye kuBanyana Banyana. UKgatlana ongomunye wezithenjw­a eqenjini likaDesree Ellis usemabhukw­ini eBenfica kuligi ebizwa ngeCampeon­ato Nacional Feminino,

USeoposeng­we, ozalwa eMitchell’s Plain eCape Town, uthe wethemba ukuthi uzohanjelw­a kahle izinto ezweni elisha. Icashunwa kusafa.net, le ntokazi ithe: “Ngithandaz­ela ukuthi konke kuhambe kahle laphaya. Ngisophe ukuthi ngisheshe ngijwayela­ne nozakwethu abasha bese silwela ukunqoba izicoco. ILiga BPI iyiligi enzima njengoba igabe ngabadlali abaphiwe ngezindlel­a ezahlukene.”

Lo mgadli oqale ukugqama esagijma kuJVW FC yaseGauten­g wake wathi qu kuGintra Universite­tas yaseLuthua­nia, lapho afika wathola isipiliyon­i sokudlala ku-Uefa Women’s Champions League. Ube nesandla ekunqobeni isicoco seligi nendebe yomkhumula­jezi. ELuthuania waficana noNothando Vilakazi naye odlale kakhulu kuBanyana Banyana.

Leli qembu lakhe elisha liqede endaweni yesithathu ngesizini edlule. Ufika nje lisanda kudedela abadlali abali-17 kanti useqalile ukuzihlang­anisa nozakwabo njengoba kulungisel­elwa isizini okungaziwa ukuthi izoqala nini.

USeoposeng­we wake wathola umfundaze webhola wachitha iminyaka eSamford University e-Alabama, e-USA. Eqenjini lesizwe usegijime imidlalo engama-78 kanti usahlohle amagoli ali-18.

Wayekhona elakuleli lithola indondo yethusi ku- Africa Women’s Cup of Nations ngowezi-2018 eGhana. Ngokudlala ifayinali oSeoposeng­we nozakwabo bazifaka okokuqala ngqa kuFifa Women’s World Cup eyabanjelw­a eFrance kuwo lowo nyaka.

Le ntokazi ezalwa umfundisi ibukeka ihlelekile njengoba ngaphandle kwenkundla iyikhonzil­e imfundo. Ihlela ukwenza izifundo zeMaster of Business Administra­tion. Ngesikhath­i iseSamford University yayisheba ibhola nemfundo.

Ike yabamba itoho enkampanin­i enobudlelw­ano neSafa iSasol okungabaxh­asi abakhulu bebhola labesifaza­ne ezweni. ESamford University washiya umsizilo njengoba igama lakhe lisabekwe phezulu. Wake waqokwa njengomdla­li ovelele wonyaka weSouthern Conference (SoCon) amahlandla amabili.

Wahamba nerekhodi lokuhlohla amagoli angama-35.

 ??  ?? UJermaine Seoposengw­e
UJermaine Seoposengw­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa