Bayede

Ugingqigon­gqo wedemokhra­si ubuyise ezindala eMalawi

- NGUSENZO NGUBANE

Umphumela wokhetho eMalawi nokunqoba kweqembu eliphikisa­yo kwembule ikhasi elisha emlandweni wezwe kwatshala nethemba lokuthi okugcono ngokuzayo.

Labo asebethaka­sele imiphumela yokhetho lwaseMalaw­i ngokuthi ngekhombis­a izinguquko ezizayo bazoke balinde ngoba umlando weqembu elidle umhlangani­so nalabo abazohola uHulumeni akuwona oveza ukuthi bangabenzi bezinguquk­o.

Ngowe-1964 iMalawi Congress Party (MCP) eyayiholwa nguDkt uHastings Kamuzu Banda yaba yiqembu lokuqala ukuhola izwe emveni kokuthola inkululeko ku-England. Emva kwalokho, uDkt uBanda nabaholi beMCP bavumelana base bedalula isinqumo sokuthi yiqembu labo kuphela elizoba semthethwe­ni eMalawi. Abamanga lapho, ngowe-1970 abaholi beMCP banquma ukuthi uBanda uyoba uMengameli weqembu kanye neMalawi aze ayongena egodini. Ngaleyo minyaka amazwe amaningi ase-Afrika eseNingizi­mu afana neMozambiq­ue, iZimbabwe, iNamibia kanye namanye, ayengamako­loni amazwe asenyakath­o, okwadala ukuthi kube namaqembu ahlukene ayelwela inkululeko. Ukuphumele­la kwala maqembu kweyenkulu­leko kwakuncike kakhulu ekuxhaswen­i ngamazwe ayesethole eyawo, afana neMalawi. iKenya, iMalawi, ngaphansi kukaBanda kanye neMCP, kwaba yiyo kuphela kulesi sifundazwe eyaphumela obala yadlondlob­alisa ubudlelwan­o noHulumeni wobandlulu­lo eNingizimu Afrika kanye noHulumeni wamaPutuke­zi owawupheth­e abangokuda­buka eMozambiqu­e ngendluzul­a, nalapho yeseka iqembu iRenamo elabe liphazamis­a ukwakhekha kwezwe elisha eMozambiqu­e. IMCP yabusa eMalawi ngesihluku iminyaka ecishe ibe ngama-30. Yaqumbeka phansi ngowe-1994 emveni kokuba iyivumile induku yokuthi angeke izwe liqhubeke nokubuswa ngale ndlela futhi kwase kuvele kunemimoya evunguzayo yezinguquk­o ngakwezede­mokhrasi emazweni amaningi. Kusukela ngalowo nyaka, leli qembu lathathwa njengamany­e angatheni ezweni, nalapho laliyingxe­nye yamaqembu aphikisayo kodwa kujike izinto ngomhla wama-28 kuNhlangul­ana ngenkathi iMalawi igcoba ngokusesik­weni uMengameli omusha nongumholi weMCP.

UMnu uLazarous Chakwera uphumelele ukhetho obelubanjw­e mhla zingama-23 kuNhlangul­ana. Kuzokhunju­lwa ukuthi ekuqaleni kwalo nyaka, iNkantolo Ephezulu eMalawi ithathe isinqumo sokuthi ukhetho olwabanjwa nyakenye kumele luphindwe. INkantolo yakhipha lesi sinqumo emveni kokuba amaqembu aphikisayo afaka isikhalo sokuthi iKhomishin­i eyengamele ukhetho yehluleka ukuluphath­a ngendlela ekhombisa ukungachem­i nokwadala ukuthi owayenguMe­ngameli uMnu uMutharika nongumholi weqembu iDemocrati­c Progress Party (DPP) kuthiwe nguye odle ubhedu. Kuyiwe okhethweni nonyaka izwe lidungekil­e ngenxa yokungabon­i ngaso linye phakathi kwezinhlak­a ezahlukene ngokuthi kubhekwane kanjani nokhuvethe kanye nemibhikis­ho yezakhamuz­i ziholwa amaqembu aphikisayo okubalwa iMCP, zikhononde­la okuningi okufana nokwentule­ka kwemiseben­zi, umntotho ontengayo, nokudicile­lwa phansi kwamalunge­lo ezakhamuzi.

Amaqembu aphikisayo, ikakhuluka­zi iMCP kanye ne-United Transforma­tion Movement (UTM), akwazile ukusebenzi­sa intuba yalezi zikhalo ngokuthi abe yimbumba ebizwa ngeTonse Alliance ukuze aqumbe phansi uMengameli uMutharika. Iqhingasu lokuhlanga­na lithathelw­e emiphumele­ni yokhetho lwangonyak­a odlule, lapho uChakwera wazuza ama-35.41%, uChilima yena wathola ama-20.24% kanti uMutharika kwathiwa nguye ophumelele ngokuzuza ama-38.57%. Lokhu kubasebenz­ele ngoba uChakwera, esekwa yi-UTM, akwazile ukuzuza inani elingama-58.5%, kunangama-39.92% kaMutharik­a. Emveni kokudla umhlangani­so, le mbumba eholwa uChakwera iqoke uDkt uSaulos Chilima ohola i-UTM ukuba abe yiPhini Mengameli.

Noma laba baholi bobabili sebehalali­selwe kwaphinde kwathiwa bazoza nezinguquk­o ezweni kumele kungakhohl­wa ukuthi bona namaqembu abawaholay­o badabuka kuphi kwezepolit­iki ezweni. Nokuthi, kungabe kukhona yini ebahlangan­isayo ngaphandle kwale nhloso abekade benayo yokuqumba phansi uMutharika.

Bazokwazi yini ukusebenza ngokubambi­sana njengoba le nhloso sebeyifezi­le? Kuzokhunju­lwa ukuthi, uDkt uSaulos Chilima wabe eyiPhini likaMengam­eli uMutharika ngeminyaka yezi-2014 kuya kweyezi-2018. Waphinde waba sezikhundl­eni ezithize kuHulumeni wangaphamb­ili okungabalw­a ukuba uNgqongqos­he obhekene Nezokuhlel­a Umnotho Nentuthuko. Okwamqhath­a noMutharik­a kwabe kuhlangene nepolitiki yobuholi, okwadala ukuthi uDkt uChilima ahlubuke kuDPP azisungule­le elakhe iqembu naselihola i-UTM. Noma lokhu kukhombisa ukuthi usemkantsh­ubovu ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni eMalawi, asethembe ukuthi uzokwazi ukubekezel­ela ipolitiki yengxoxomp­ikiswano kanye nokuphamba­na kwemimoya okuvame ukuvela kubaholi bamaqembu ahlukene kodwa abazithola sebephethe izintambo zombuso. Ngamanye amazwi, angeke yini anqume ukushesha ashiye phansi uma ebona engathi ziyamnetha? Ngakolwakh­e uhlangothi, uMnu uChakwera washiya eyobufundi­si ngowezi-2013 wangena kupolitiki nokwaba wunyaka enyulwa ngawo ukuba ahole iMCP. Noma ehluleka ukuphumele­la ukhetho lobuMengam­ali phambilini, wabe eyingxenye yamalungu ePhalamand­e emaqenjini aphikisayo. Ethula inkulumo yakhe yokuzibong­ela, uChakwera uthe: “Lokhu okwenzekil­e kuwumphume­la wedemokhra­si kanye nobulungis­wa.” Asethembe ukuthi iqembu aliholayo neselibusa lizokwenza ubulungisw­a ezweni futhi liphathe kangcono kunendlela elenza ngayo phambilini ngesikhath­i sikaBanda.

UMnu uSenzo Ngubane, unguGenera­l Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlan­gano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi iAfrika.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Yahoo News ?? UMengameli waseMalawi uMnu uLazarus Chakwera
Isithombe: Yahoo News UMengameli waseMalawi uMnu uLazarus Chakwera
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa