KWEZINYE IZINGXENYE
Ezase-Iran:
Intatheli yakuleli lizwe uMnu uRouhollah Zam ugwetshwe intambo ngemuva kwezinyanga abanjwa ngabezomthetho bakuleli lizwe ngendlela engaqondakali.
Ngokusho kokhulumela aBehluleli uGholam Hossein Esmaeili uZam utholwe enecala “lokukhohlakala emhlabeni.” Leli gama alicacisi icala elilodwa, kepha kuyicala uHulumeni wase-Iran kwesinye isikhathi olisebenzisayo uma umuntu esolwa ngokuzama ukuketula umbuso.
EzaseSyria:
I-United States of America (USA) isikhiphe olunye unswinyo eyayihlele ngalo ukuphoqa uMegameli waseSyria uMnuz Bashar al-Assad ukuba abuyele etafuleni lezingxongxo eliholwa yi-United Nations (UN). Ngesonto eledlule UMnyango Wezwe kanye noMnyango Wezezimali ukhiphe imigomo engama-39 okufanele ijeziswe kanye naye u-Assad noNkosikazi wakhe u-Asma al-Assad.
UNobhala uMnu uMike Pompeo ephawula ngalesi senzo uthe, “Lokhu kuzoba wukuqala komkhankaso wokucindezelwa kwezomnotho kanye nezepolitiki ukugwema ukuthi ubuholi buka-Assad bubenemali ogcina usubusekela uma bulwa izimpi kanye nokuhlukumeza izakhamuzi zasekuleli lizwe.”
EzaseBelgium:
INkosi yakuleli lizwe isithumele umyalezo “wokuzisola kwakhe okujulile” kuMengameli waseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngokuhlupheka kanye nokuhlazeka leli lizwe elafakwa ngaphansi kwakho ngesikhathi iBelgium isafake leli lizwe ngaphansi bobukoloni iphinde yathi “Ukuqhubeka nokuqinisa ubuhlobo bethu futhi sakhe nobungani obukhulu kumele sikwazi ukukhuluma ngomlando wethu omude ngeqiniso nangokuzithoba,” kuphetha iNkosi.
Lo myalezo uqhamuka nje iDRC ibibungaza iminyaka engama-60 lathola inkululeko.
Ezase-United States of America:
Isivumelwano esaziwa ngeThe USMexico-Canada kusukela kuleli sonto sizoqala ukusebenza, okube ukufezeka kwesithembiso somkhankaso kaMengameli uDonald Trump ngonyaka wezi-2016 wokuqeda ngesivumelwano esasaziwa ngeNorth American Free Trade, ayevame ukuyibiza ngokuthi isivumelwano esibi kakhulu sokuhweba esake senziwa. Lesi sivumelwano esisha sasayindwe uTrump kanye nabalingani bakhe baseMexico naseCanada ngonyaka wezi-2018 savunywa isigungu sakuleli lizwe.
UTrump wathi lesi sivumelwano sasizoba ukunqoba okukhulu kwezepolitiki ngaphambi komkhankaso wakhe wesikhundla sikaMengameli kodwa selokhu kwaba nokhuvethe kanye nolunye usizi kuleli lizwe lesi sivumelwano abantu abasasinakile.
EzaseYemen:
Izakhamuzi eziningi zakuleli lizwe zisebungozini enkulu yokuhlaselwa igciwane iCorona okuqinisekiswe ochwepheshe abathi leli lizwe lingaba elinezibalo eziningi ezinabantu abanaleli gciwane futhi ababulwawe yilo. Lokhu kudalwa ngukuthi kuvele ukuthi i-United Nations (UN) isinciphise imali yoxhaso kuleli lizwe elihlaselwe yizimpi. Lokhu kuncishiswa kwemali yoxhaso kuqhamuke ngemuva kokuba isicelo se-UN semali eyizigidigidi ezi-$2.42 yokuxhasa yona uqobo yehlulekile ukufezeka.
Osebenzela i-UN khona eYemen uLisa Grande uthe; “Ngesikhathi kwanda ukuncishiswa koxhaso lwaseYemen kuqhamuke kabi leli lizwe selibhekene naleli gciwane iCorona ikakhulukazi ngenxa yokuthi abantu bakuleli lizwe abondlekile kahle futhi abakahlomi ngokwanele ukubhekana naleli gciwane,” kuphetha uGrande.