Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Kunzima ezikoleni, ziyavalwa

Siyaqhubek­a siyanda isibalo sezikole ezivalwayo ngenxa yokhuvethe. Lokhu kuthelelek­a kwenzeka kubafundi kanye nakothisha uqobo.

NgoMsombul­uko kuvalwe isikole saKwaMashu esigcemeni kwaD, Inhlakanip­ho High School. Kuphoqelek­e abafundi baphindele emakhaya kuze kube bayalelwa ukuthi ababuye.

Abafundi bakulesi sikole bathe basathukil­e ukuzwa ukuthi kukhona uthisha ohaqwe ilolu bhubhane, bathemba nawukuthi uyena kuphela onalo futhi uzosheshe alulame.

Izikole ezisondele­ne neNhlakani­pho High School ezivaliwe nazo iNqabakazu­lu Comprehens­ive High School okwatholak­ala ukuthi khona onaleli gciwane, iBarracuda Primary School neNewlands East Secondary School.

Njengoba kwandiswe amabanga avuliwe ezikoleni kubukeka sisazokwan­da isibalo.

Ziyenyuka izibalo zokhuvethe

Kunokuthi sehle isibalo salabo abathelele­ka ngokhuveth­e lapha eNingizimu Afrika siyakhuphu­ka kunokuthi sehle.

NgoLwesith­athu kuvele ukuthi bayizi-8 811 abantu abasha okuvela ukuthi bahaqwe ileli gciwane. Lokho kwenza ukuthi babe yizi-224 665 abahaqekil­e lapha eNingizimu Afrika.

Ngokweziba­lo ezintsha kuvela ukuthi iGauteng iyona esihamba phambili ngabantu abanokhuve­the. Bayizi-3 527 abantu abasha abanaleli gciwane kulesiya sifundazwe nokwenze baba yizi-75 015 sebe bonke, kulandele iWestern Cape enabantu abayizi-73 292.

IWestern Cape iyona ehamba phambili ngabantu asebedlule emhlabeni, bayizi-2 192, kulandele i-Eastern Cape enabangama-582, kube iGauteng enabangama-478 bese kuba iKwaZulu-Natal enabangama-223.

Umdlalo oyingozi

Yize unobungozi obukhulu umdlalo obizwa nge“stabane” kodwa intsha ikakhuluka­zi eyaKwaMash­u naseMlazi ilokhu iqhubekile ukuwudlala lo mdlalo okugitshel­wa phezu kwezitimel­a.

Okhulumela iPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA) esifundazw­eni iKwaZulu-Natal, uMu uZama Nomnganga, uthe sebekhulum­e kakhulu ngalolu daba.

“Sizama ngakho konke okusemandl­eni ukudlulisa umyalezo ngobungozi bale nto eyenziwa intsha nsuku zaphuma. Sihambela izikole siqwashisa kodwa kubukeka kufana nokuthi sidlala ngesikhath­i ngoba bayaqhubek­a.”

NgoLwesibi­li kutholalak­e umfanyana oneminyaka elinganise­lwa eminyakeni eli-15 elimele kanzima eDuffs Road Train Station. Okhulumela abaKwaZulu-Natal Emergency Services, uRobert McKenzie uthe,

“Ushe kanzima kakhulu, impilo yakhe isesimeni esibucayi kakhulu. Kumele intsha iyekele ukwenza le nto yokugibela ezitimelen­i. Yize umuntu esuke ezenzile kodwa kubuhlungu usumbona esekhala esezwela izinhlungu.

Kushaqwe inqwaba yezibhamu

Zingaphezu­lu kwezi-30 000 izibhamu ezishaqwe ngamaphoyi­sa eGoli ekuqaleni kwesonto.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uColonel Brenda Muridili, uthe ziyizi-52 000 izibhamu ezishaqwe esigabeni sokugcina nyakenye. “Ziyizi-33 000 izibhamu ezitholiwe zacekelwa phansi.

Lapho sibala izibhamu eziyizi-30 913 ezincane, izibhamu eziyi-1 452 ezinkulu nezibhamu ezingama-894 ezimaphaka­thi kanye nezingxeny­e zezibhamu ezingama-725,” kusho uMuridili.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UMnu uZama Nomnganga
Isithombe: Facebook UMnu uZama Nomnganga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa