Bayede

Leli bekungelon­a isonto lethu

-

Isonto esikulo liqale kabi futhi kubukeka lizophetha kabi. Kuqale ngokuthi kuwe izinsika zethu oMama u-Esme Matshikiza nobengumfe­lokazi weciko ubaba uTodd Matshikiza. Sithe sisezwe lokho sezwa ngezindaba zokuwa kweciko, ingadlanga­dla uqobo uMama uMary uMaThwala Mhlongo. Uwa nje uMaThwala ngayizolo sabe sizwe ukwedlula kwensizwa endala yaseBlekes, eChestervi­lle ubaba uWelcome Msomi. Kuthe kusenjalo izolo sezwa ukwedlula kukadaweth­u uPinky Mtshali umzwilili weTheku.

Sizwa lokho nje sisabindwe ngucwaning­o okungathi uma luba yiqiniso kuguqule izinto eziningi ekweluswen­i kokhuvethe. Inhlangano ebheke ezempilo umhlaba wonke iWorld Health Organisati­on (WHO) iveze ukuthi sekunocwan­ingo olusha noluveza ukuthi igciwane ukhuvethe seliyathol­akala nasemoyeni. Yize kusaphenyi­siswa kepha lokhu kukhuluma kusho ukuthi lokhu ebesiphung­a ngakho lo mkhuhlane kungahle kungeneli. Lokhu kungabhidl­iza izinhlelo eziningi zoHulumeni ebezincike ekutheni abantu kumele baqhelelan­e nokuthi izimfonyo lezi ziwumalamu­lela. Nokho kusaphenyw­a kuyosisiza ukuthi siqhubeke nokwenza lokho uHulumeni nongoti abaselulek­a ngakho.

Abepolitik­i bona bebesazikh­otha amanxeba bethulike. Kuqale kwadlula uMphathisw­a uKegakilwe eNorth West elandwa wukhuvethe. Sezwa lapho ukuthi oNdunankul­u ababili owaseNorth West uSolwazi uMokgoro kanye noWinde waseWester­n Cape sebexineki­le. Kepha okusishaqi­se sonke wukwedlula kwensizwa ebisenekus­asa eliqhakazi­le uMnu uRicardo Mthembu obekhulume­la uKhongolos­e KwaZulu-Natal.

Asicwayiza­nga kwabe sekwehla okukhulu. Izindaba zokwedlula kweNkosaza­ne kaBhusha nengudadew­abo weSILO kanye neNdlovuka­zi yamaRharha­be kwenze sadumala sazibuza ukuthi kuyophela nini lokhu okusizunge­zile kwasicinde­zela. Sikhuluma ngoMgqibel­o, emsebenzin­i wesikhumbu­zo sokubhujis­wa kweSigodlo sasOndini, ISILO ngokujulil­e lapho sithi ezinye zezinto ezenzeka kithi ziwukusiso­ndeza kuSimakade. Uma sizwa kukhulunyw­a ngokuseza ngenxa yesifo nokwedlula kwabantu la magama siyawakhum­bula kanjalo nokusondel­a siyasibona isidingo sakho. Kubo bonke abeNkosi abadlulile njengephep­handaba sithi dudu, kulabo esibaziyo nesingabaz­iyo. Khona lapho sigqugquze­la ukunakekel­ana, ukubonelel­elana nokuvikela­na ngalesi sikhathi esinzima kithi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa