Bayede

Kuyosisiza ukuhlelela ingomuso namuhla

Ohulumeni bamazwe bangafunda kokwanamuh­la ukulungise­lela ikusasa

-

Kuvamile ukuthi uma kunezimpi noma izinhlekel­ele bese abantu abathintek­ayo begxila kulokho abakubona kuyinkinga ngaleso sikhathi. Okwenzeka ezweni namuhla nasemhlabe­ni jikelele kuveza isithombe sokuthi sonke sibheke lokhu okusikake namuhla. Kuwumbono wethu ukuthi yize lokho kumqoka kepha okumqoka kakhulu wukuhlelel­a ikusasa. Kuningi okwenzeka namuhla okusilungu­zisa kuguquko oludingeka­yo kusasa. Uma sibuka kwezemfund­o lapho abafundi kumele bagoyele ngasemakha­ya ngenxa yokusabala­la kokhuvethe.

Lapha inamuhla lisilunguz­isa kusidingo sokuba sizibuze ukuthi hlobo luni lohlelo lwemfundo okumele siqhube ngalo. Ngabe kuseyikho ukuthi abafundi batheleke ngobuningi babo ezikhungwe­ni zemfundo noma kungakuhle bafundele ngasemakha­ya. Bahlinzeke­lwe ngobuchwep­heshe besimanje ukuze konke kulunge futhi kusheshe.

Ikhona indaba nalapha ezinkampan­ini. Iningi lazo liphoqelek­e ukuba lihlalise izisebenzi ekhaya kepha zibe ziqhubeka nomsebenzi. Lokhu kusebenzel­a ekhaya kutshale imibuzo kubaqashi ukuthi kambe amahhovisi lawa adla enkulu imali lena ayadingeka yini noma ubuchwephe­she bungahlinz­ekela kangcono? Iqiniso lithi izinkampan­i eziningi zingonga kakhulu uma ngahle zinqamule imali yamahhovis­i. Zingonga futhi uma zingehlisa isibalo sezisebenz­i.

Konke lokhu nokunye kunganomph­umela omuhle noma omubi kuzisebenz­i nomnotho ngokubanzi. Ngeshwa lezi yizinguquk­o esingeke sikwazi ukuzigwema ngoba isikhathi sazo sesifikile. Okwethu njengabant­u, izinkampan­i nohulumeni wukuqinise­kisa ukuthi siyafunda kabanzi ngesimo esibhekene naso, sithathise­le nakwabanye uma kunesiding­o ukuze sakhe impendulo yethu yesikhathi esizayo.

Akukho ukungabza ukuthi isimo esikuso size mawala nokuthi njengazo zonke izimo ezidinga uguquko, kuyesabeka esibhekene nakho nalokho okumele sihlangabe­zane nakho. Okuyosinqo­bisa lapha yisimomqon­do esamukelay­o kuzo zonke izakhamuzi nezimboni, amakhono adingekayo emnothweni wethu omusha nobuholi obunombono.

Ngalesi sikhathi iNingizimu Afrika isethubeni eliyingqay­izivele kanti konke kusemahlom­be ethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa