IPhephandaba laboHlanga: Sethula izinguquko ezinqala
Ngowezi-2018, iphephandaba iBAYEDE lemukelwa yinhlangano yabahleli iSouth African National Editors Forum (SANEF), ngesikhathi liqokelwa ubungqwele emklomelweni wabezindaba wobuqotho owaziwa ngokuthi iNat Nakasa Award for Media Integrity. Kwabe kungokokuqala ngqa kwawesiNguni futhi kwaba ngesikhathi iphephandaba iBAYEDE ligubha unyaka walo wesihlanu lasungulwa.
Ukukhula nokwethembeka kwabafundi bethu kule minyaka kusenze sakwazi, esikhathini esifushane, ukubeka iqophelo lobuntatheli ezingeni nelamaphephandaba angolimi lwebele eNingizimu Afrika. Izinguquko kwabezindaba nasensuseleni kuyo yokukhangisa, kunyangantathu wesithathu wezi-2019 iphephandaba iBAYEDE lenze kabusha izinguquko ezimqoka zenhlelambukeko ezihambisana neqhingasu loshicilelo ukuze lihlale liseqhulwini emakethe yezindaba zesiNguni. Ukubukeka kabusha kwephephanda iBAYEDE kube nokugudluka kwesihloko esincane okujwayelekile kuye kuleso esikhulu esivulekile.
Luphuma ngoLwesihlanu, ushicilelo luzoqhubeka nokugxila ekufundiseni abafundi
futhi luqaphelise ngezindaba zezakhamuzi ezenzekayo ngobuholi obuqotho, ngesiko lezombusazwe, ukuzibophezela ngokwenhlalo nangepolitiki yezomnotho yamazwe ngamazwe. Ngokusebenzisa okuxhunyanwa nabo kuyo yonke imikhakha eNingizimu Afrika nasemadolobheni abalulekile emhlabeni jikelele, iphephandaba libuye libe nengosi yemibono ephusile ebhalwa yizingqwayingqwayi. Njalo ngoLwesihlanu, iphephandaba iBAYEDE lifinyelela kubantu abanomthelela abangabeNguni libalethela izindaba, ezepolitiki nezepolitiki yomnotho, ezamabhizinisi nezezimali, ezethekhinoloji, ezendlelakuphila, ezobuciko, ezefagugu ngokwamasiko, ezezakhiwo ngokweSahluko 9, imibiko yezinkantolo kanye nezemidlalo ezintsha. Ngesikhathi libuka ezezwekazi, okwethulwayo kubuye kubhekwe ukuthi amazwe omhlaba azibuka kanjani izinto.
Ukweseka lezi zinguquko, sethule isitudiyo sethu sophawumpahla esisibiza nge-Igunundu Agency. Sisebenzisa i-Igunundu Agency sesithuthukise ukukhangisa okuhambisana nezidingo ezixazululayo zamaklayenti ethu kwezingaqho eliphezulu. Siletha ulwazi ngezindlela ezahlukene okubalwa; i-inthanethi, okwemikhiqizo yabashicileli, okwezinkundla zokuxhumana konke lokhu kwenza ukuba kube wushicilelo oluphilayo olugaywayo.
Kusuka ngoNtukikazi wezi-2020 inhlokosibizo yethu ethi BAYEDE isizoba bovu kulo iphephandaba qobo nakusizindalwebu. Isizindalwebu sethu naso sizokwethulwa kabusha mhla ziyisi-9 kuNtulikazi. Siyakumema ukuba usivakashele ukuze uthole ingqikithi nenqababutholwa. Isizindalwebu sethu sethula isimokuvela esikhanyayo uma usivula nokho ungasenza sibe mnyamana kuye ngokuthi ukhetha kuphi noma yikuphi okuzwana namehlo akho.
Konke lokhu sikwenzela wena ngoba ufanelwe ngokungcono nokuthola ingqikithi njalo.