Benabele naseSwatini abakwaMthethwa
Kwaziphathe
Umuzi kaMhubhe. Uzala kuwo uSikhalo ozala uMvangeli, wazala uBonga. UMvangeli ulanywa uNtinini owazala uMbongi nabanye. USikhalo waphinde wazala uMkhonzeni ozala uSitamu no-Eddie. USikhalo wazala uMeshack, (uMshweshwe) oyiwele noTiye. UPetros ozala uMshefane noMeyitu. UTiye ulanywa uPhila. Waphinde uSikhalo wazala uMhanqaza olanywa uMtashampelo olanywa uMayiki. USikhalo waphinde wazala uThemba.
EPort Durnford
Kukhona umuzi wozalo lukaMaqongwane kaJobe kaKhayi. Igama lawo kuSenhlangenyuka, ngaseNsuze kwaDlangezwa. UNgogwana wazala uMqwebu ozale uZagiyana kwaQomintaba. UZagiyana wazala uThembinkosi (Alfred) ozale uSibusiso, uLucky noSandile. UMqwibi wabuye wazala uLushibo ozala uMandlenkosi owazala uBhamo noPhumulani. ULushibo waphinde wazala uMthembeni ozala uSigungu, uMagwegwe noThokozani wabe esezala amantombazana ayisihlanu: uThembelihle, uBabongile, uBongathini, uBanelisiwe noSiphindile.
Kukhona omunye umuzi oseNewcastle kaJobe kaKhayi. Lapho kuzalwa khona uMahiyane, ozala uMaqhikizana, uLwembu noMathopane. Yena azale uPhangindawo ozale uMbhoyi owazala uMfanimpela, uZwelakhe, uZakhele noMphikeleli. ULwembu ubuye azale uJakobe owakhe eMbabane eSwazini. UJakobe uzala uSimon noJohn. Kukhona umuzi oseMahhashini kwaNongoma oluzalo lukaKhayi. Kukhona uMacasha ozala uManyosi noMbhobo ozala uMaqhamane ozale uMphonsanyoni, uNogwaja, uBhusha, uMbabazeni, uMkhubayonke noNkayishana. UMphonsanyoni wazala uMpikayipheli
(Jeremiya).
UNogwaja wazala u-Elijah.
UBhusha wazala uMaqhuzu. UMbhobo waphinde wazala uMchitheni noKhandasekela noNondayana. Kukhona uBhekisisa (Thembinkosi) Mthethwa ozalwa eSiqokolweni. Uyise nguSipho (Ephraim) ozalwa nguLuka kaNontshaza.
OShabeni eNingizimu noGu kukhona uVumani ozalwa uSithembiso (Vova) kaMoya (Leonard) kaMtabhiya kaSogusha kaShangane. Kukhona uSizwe osebenza eThekwini ozalwa nguMkhulekelwa kaFishi kaSibhamu, kaMbembeshwana kaSogusha kaShangane kaKhayi. Kukhona futhi uThokozani (Thembiso) kaMzonyana kaMcingeni kwaDlangezwa. Esidunjini kukhona uJoseph kaSigobe kaNkasa kaNtshumayelo kaMafokwe kaNkinkiwane kaNkoyi kaKhayi.
Umuzi wakwa Zombeode-eSwazini
AbaThethwa laba abakaKhayi, abakaJobe aboYengo noma abasoYengweni. AbakaDunjwa (Ntunjwa) owaphila ngezikhathi zoShaka. Nangu uDunjwa ezibongweni zeNkosi uShaka: “Inkomo ekhala eMthonjaneni izizwe zonke ziyizwile ukulila izizwe nguDunjwa waseLuyengweni yaziwa uMancengeza wakaKhali eMambatheni.” Ngabanye abantu abalekelela ngokuqinisa uShaka esemusha. Ngezikhathi zikaShaka uDunjwa wagudlukela eSwazini nakhona waqhubeka nomsebenzi wakhe wokwelapha. Waduma wazala indodana uGwala ozala uLuhhohho uMnguni waseBuhleni.
IzibongozikaLuhhohho
“Hhohho Lwendlovu Magwaza enqananazile, Hubhu, Hubhu lwehlathi, Wena owehla ngentambo yefusi, Wehla emganwini.uMgudlula uMgudlula.”
Nguyena owaba yinduna yokuqala eSwazini. Wayehlala noNdlovukazi uLobotsheni. Ngowe-1914 uMgudlula wedlula emhlabeni eshiya indodana yakhe uMandanda isencane. Eseneminyaka eli-18 uMandanda waba nguMbusi wakwaZombothe. Ube namakhosikazi angama-25. KuMaVilakazi wazala uMnukwa, uBhakitina, uMadubana, uLuphozi, uNcengani (Mgadlela), uNjobo, uLugagane, uMagwegwane, uMgejubeka, uGigimba. uMgudlula uwusebenzele kakhulu umbuso waseSwazini UMandanda ngeminyaka ye-1922 kuya kweye-1923 waphelekezela uSobhuza II enommeli uPixley ka-Isaka Seme beyobonana noBukhosi base-England.
USobhuza II benoMandanda baqala imikhosi emikhulu yokweshwama, yemihlanga nencwala.