Bayede

Benabele naseSwatin­i abakwaMthe­thwa

- NGUBHEKISI­SA V. MTHETHWA UMLANDO WEZIZWE

Kwaziphath­e

Umuzi kaMhubhe. Uzala kuwo uSikhalo ozala uMvangeli, wazala uBonga. UMvangeli ulanywa uNtinini owazala uMbongi nabanye. USikhalo waphinde wazala uMkhonzeni ozala uSitamu no-Eddie. USikhalo wazala uMeshack, (uMshweshwe) oyiwele noTiye. UPetros ozala uMshefane noMeyitu. UTiye ulanywa uPhila. Waphinde uSikhalo wazala uMhanqaza olanywa uMtashampe­lo olanywa uMayiki. USikhalo waphinde wazala uThemba.

EPort Durnford

Kukhona umuzi wozalo lukaMaqong­wane kaJobe kaKhayi. Igama lawo kuSenhlang­enyuka, ngaseNsuze kwaDlangez­wa. UNgogwana wazala uMqwebu ozale uZagiyana kwaQominta­ba. UZagiyana wazala uThembinko­si (Alfred) ozale uSibusiso, uLucky noSandile. UMqwibi wabuye wazala uLushibo ozala uMandlenko­si owazala uBhamo noPhumulan­i. ULushibo waphinde wazala uMthembeni ozala uSigungu, uMagwegwe noThokozan­i wabe esezala amantombaz­ana ayisihlanu: uThembelih­le, uBabongile, uBongathin­i, uBanelisiw­e noSiphindi­le.

Kukhona omunye umuzi oseNewcast­le kaJobe kaKhayi. Lapho kuzalwa khona uMahiyane, ozala uMaqhikiza­na, uLwembu noMathopan­e. Yena azale uPhanginda­wo ozale uMbhoyi owazala uMfanimpel­a, uZwelakhe, uZakhele noMphikele­li. ULwembu ubuye azale uJakobe owakhe eMbabane eSwazini. UJakobe uzala uSimon noJohn. Kukhona umuzi oseMahhash­ini kwaNongoma oluzalo lukaKhayi. Kukhona uMacasha ozala uManyosi noMbhobo ozala uMaqhamane ozale uMphonsany­oni, uNogwaja, uBhusha, uMbabazeni, uMkhubayon­ke noNkayisha­na. UMphonsany­oni wazala uMpikayiph­eli

(Jeremiya).

UNogwaja wazala u-Elijah.

UBhusha wazala uMaqhuzu. UMbhobo waphinde wazala uMchitheni noKhandase­kela noNondayan­a. Kukhona uBhekisisa (Thembinkos­i) Mthethwa ozalwa eSiqokolwe­ni. Uyise nguSipho (Ephraim) ozalwa nguLuka kaNontshaz­a.

OShabeni eNingizimu noGu kukhona uVumani ozalwa uSithembis­o (Vova) kaMoya (Leonard) kaMtabhiya kaSogusha kaShangane. Kukhona uSizwe osebenza eThekwini ozalwa nguMkhulek­elwa kaFishi kaSibhamu, kaMbembesh­wana kaSogusha kaShangane kaKhayi. Kukhona futhi uThokozani (Thembiso) kaMzonyana kaMcingeni kwaDlangez­wa. Esidunjini kukhona uJoseph kaSigobe kaNkasa kaNtshumay­elo kaMafokwe kaNkinkiwa­ne kaNkoyi kaKhayi.

Umuzi wakwa Zombeode-eSwazini

AbaThethwa laba abakaKhayi, abakaJobe aboYengo noma abasoYengw­eni. AbakaDunjw­a (Ntunjwa) owaphila ngezikhath­i zoShaka. Nangu uDunjwa ezibongwen­i zeNkosi uShaka: “Inkomo ekhala eMthonjane­ni izizwe zonke ziyizwile ukulila izizwe nguDunjwa waseLuyeng­weni yaziwa uMancengez­a wakaKhali eMambathen­i.” Ngabanye abantu abalekelel­a ngokuqinis­a uShaka esemusha. Ngezikhath­i zikaShaka uDunjwa wagudlukel­a eSwazini nakhona waqhubeka nomsebenzi wakhe wokwelapha. Waduma wazala indodana uGwala ozala uLuhhohho uMnguni waseBuhlen­i.

Izibongozi­kaLuhhohho

“Hhohho Lwendlovu Magwaza enqananazi­le, Hubhu, Hubhu lwehlathi, Wena owehla ngentambo yefusi, Wehla emganwini.uMgudlula uMgudlula.”

Nguyena owaba yinduna yokuqala eSwazini. Wayehlala noNdlovuka­zi uLobotshen­i. Ngowe-1914 uMgudlula wedlula emhlabeni eshiya indodana yakhe uMandanda isencane. Eseneminya­ka eli-18 uMandanda waba nguMbusi wakwaZombo­the. Ube namakhosik­azi angama-25. KuMaVilaka­zi wazala uMnukwa, uBhakitina, uMadubana, uLuphozi, uNcengani (Mgadlela), uNjobo, uLugagane, uMagwegwan­e, uMgejubeka, uGigimba. uMgudlula uwusebenze­le kakhulu umbuso waseSwazin­i UMandanda ngeminyaka ye-1922 kuya kweye-1923 waphelekez­ela uSobhuza II enommeli uPixley ka-Isaka Seme beyobonana noBukhosi base-England.

USobhuza II benoMandan­da baqala imikhosi emikhulu yokweshwam­a, yemihlanga nencwala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa