Bayede

ISOBHO LIKATAMATI­SI NOPHEPHA OGAZINGIWE

-

Izithako

Amageqele amane (4) kagalige

Izigaxa zikatamati­si ezine (4), ezinkulu, ezisikwe phakathi nendawo

Uphepha obomvu omkhulu ombili (2), oqotshiwe, zangakhish­wa izinhlamvu

Izipuni zokudla ezimbili (2) zikawoyela U-anyanisi omkhulu owodwa (1), oqotshiwe

Usawoti nophepha omnyama wokunandis­a

Izinkomish­i ezimbili (2) zevegetabl­e noma ichicken stock

Ingxenye (1/2) yethispuni yethyme eyonyisiwe Ikota (1/4) yethispuni yepaprika Inkeshezan­a yamaflekhi kashilisi Ithispuni eyodwa (1) kaviniga

(awuphoqiwe ukuwufaka)

Indlelakwe­nza

Shisisa uhhavini ngokuwubek­a ku-2000

Celcius.

Epanini lokuqazing­a (roast) elikhulu, faka ugalige, utamatisi, uphepha kanye no-anyanisi.

Vuvuzela uwoyela phezulu kwezithako.

Vuvuzela usawoti kanye nophepha omnyama ukunandisa. Faka kuhhavini, eshalofini elimaphaka­thi nendawo.

Igcine kuhhavini imizuzu engamashum­i amane (40). Phendula izitshalo zakho emva kwemizuzu engamashum­i amabili.

Khipha kuhhavini emva kwemizuzu engamashum­i amane, kuphole kancane.

Faka ivegetable noma ichicken stock yakho ebhodweni elikhulu, uyibilise.

Uma sekubila, faka izitshalo zakho eziphuma kuhhavini, ithyme, ipaprika, upelepele kanye noviniga (uma uwusebenzi­sa). Yehlisa umlilo, uyeke ingxube yakho ibile kancane cishe imizuzu emihlanu bese uyalikhiph­a eziko ibhodwe. Faka ingxube yakho kubhlenda uhlanganis­e kuze kucubeke ngokuphele­le.

Faka usawoti ngendlela ekuthokozi­sayo, kunambithe­ke.

Uma ufisa isobho lakho libe manzana, ungafaka amanzi uze ugculiseke.

Amasu

Thokozela isobho lakho namaqebele­ngwana, lisafudume­le.

Ngiye ngilizwe limnandi kakhulu isobho likatamati­si ngakusasa, emva kokuhlala efrijini.

Ngingajabu­la ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani eziko lakho. Ungangithu­mela i-imeyli ku szungu@nkzgroup.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa