Bayede

Kunqobe iDowns kwathula ezweni

Ukunqoba kwaleli qembu kulifake emlandweni wokudlala kuCaf Champions League ezodlalwa ngonyaka ozayo

- nguLinda Ximba noSabelo Maphumulo

Kwakumele ngabe kwaduma izwe lonke ngesikhath­i iMamelodi Sundowns Ladies ikhala yemuka nesicoco seSafa National Women’s League (SNWL) ngoNhlolan­ja.

Kodwa akubanga namsindo osekwenze abaningi basola ukuthi ingoba ibhola lesifazane namanje alithathel­wa phezulu.

Leli qembu labesifaza­ne kalibanga nje yizingqwel­e mahhala kepha lagila izimanga njengoba kuphele isizini lingakaze lishaywe.

Akubuzwa ukuthi amaqembu abencintis­ana nalo kule ligi alanyulelw­e ukubhebhet­heka kokhuvethe oluphoqe ukuthi isizini ivalwe sekusele imidlalo emibili isongwe. ISundowns, eqeqeshwa uJerry Tshabalala, inikwe indebe isiqoqe amaphuzu angama-60 sekudlalwe imidlalo engama-20.

Ukunqoba kwaleli qembu eliteketis­wa ngeBanyana Ba Style kulifake kuCaf Champions League ezodlalwa ngonyaka ozayo. Kuzobe kudlalwa okokuqala iChampions League yabesifaza­ne.

Ukudlala e-Afrika kuzoqinisa ukhakhayi kubadlali bese kuthi isipiliyon­i abazositho­la sisebenzel­e iqembu amaqembu esizwe iBasetsana Basetsana neBanyana Banyana.

Kule sizini indlela iSundowns ebibukisa ngayo izitha kwenze yazakhela abalandeli njengoba nebhola elincinzay­o ensimini belenza ungahlali unethezeke esihlalwen­i uma ulibuka kuthelevis­hini.

UTshabalal­a, osehlale kuleli qembu kusukela ngowezi-2012, udalule ukuthi okunye okwenza behluke kunamanye amaqembu ukuthi abadlali basayinisw­a izinkontil­eka.

“Lokhu kwenza abadlali bami bahlale begqugquze­lekile ngoba bayazi ukuthi kukhona imali abayithola­yo njalo ngenyanga. Okuhle ngalaba bantwana ukuthi bayazihlon­ipha futhi umsebenzi wabo uyikho konke kubona. Lokhu kwenza umsebenzi wami ungabi lukhuni ngaleyo ndlela.”

Uveze ukuthi kwayena usebenza ngokugcwel­e kuSundowns njengoba asula emsebenzin­i ukuze agxile ebholeni. Lo mqeqeshi, odume ngelikaKap­pa kwabasonde­lene naye, unerekhodi elihle lokusebenz­a namaqembu esifazane. I-SNWL ngeyesitha­thu eyinqoba. Waqala ngeSasol League National Championsh­ip eyiphakami­sa nayo iSundowns Ladies ngowezi-2013.

Ukuphindil­e lokho ngowezi-2015 kanti ngesikhath­i eqeqesha iDetroit Ladies yaseMpumal­anga ngowezi-2010 wahlomula ngendondo yesiliva. Umgadli uRodha Mulaudzi uyalincoma ikhono lomqeqeshi wakhe. “Akulula ukuqeqesha abantu besifazane ngenxa yokuthi sidalwe ngokungefa­ni, abanye bethu banyukelwa imimoya kalula kodwa umqeqeshi uKappa uyakwazi ukumelana nezimo ezinjalo.”

Ukunqoba kwayo iligi iSundowns kuyifake emlandweni wokuba iqembu lokuqala kuleli ukudlala iConfedera­tion of African Football (CAF) Champions League yabesifaza­ne ngonyaka ozayo.

Ezinye izinto ezidale ukuthi iSundowns ishaye kwasani ukugaba ngabadlali abanesipil­iyoni sokudlalel­a amaqembu esizwe. Unozinti u-Amanda Dlamini usebizwe amahlandla angama-50 kuBanyana Banyana kanti noChuene Morifi, uBongiwe Thusi noLerato Kgasago sebeke bathi qu emaqenjini aphesheya.

Elinye ikhono analo elokubona ithalente elifihlake­le. Nguye owenze abadlali abanjengoL­elona Daweti, u-Oratile Mokoena, uKarabo Dhlamini noKhunjulw­a Mali babizwa emaqenjini esizwe.

UDhlamini wayeyingxe­nye yeBanyana

Banyana edlale kuFifa Women’s World Cup.

UTshabalal­a ubuye ahabule ulwazi kumqeqeshi uPitso Mosimane omvumela ukuba abuke ukuthi ubapheka kanjani Abafana baStyle eChloorkop.

UDlamini uchaze umqeqeshi njengomunt­u okukhonzil­e ukumemeza uma ebakhomoza wathi futhi ungumuntu wamancoko kwesinye isikhathi.

UMulaudzi ungomunye wabadlali abakhathul­e enkulu indima ekunqobeni kweqembu. Ulijoyine maphakathi nesizini esuka eqenjini laseCyprus i-Apollon Ladies ekhishwe emdlalweni yokuhlunge­la i-Uefa Women’s Champions League.

Ufike sekudlalwe imidlalo emihlanu kodwa waqeda isizini ehamba phambili ngamagoli angama-36.

“Ukufika kwami kuSundowns kuguqule okuningi. Ibingihlup­ha indaba yokuthi bengihlule­ka ukushayela amagoli iBanyana Banyana. Ukufika lapha kungenze ngabuyelwa ukuzethemb­a. Ngifisa sengathi le fomu enhle engiqede nayo iqhubeke ibonakale uma sengibizwa kuBanyana Banyana,” kubeka uMulaudzi.

Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ufisele iSundowns Ladies okuhle konke emdlalweni Champions League.

“Ukusungulw­a kweligi yabesifaza­ne kukodwa inkulu indima okuzoyidla­la eqenjini lesizwe. Njengoba iSundowns Ladies isithole ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika kuchaza ukuthi lizodlondl­obala kakhulu ibhola lakuleli labesifaza­ne. Ngiyifisel­a okuhle kodwa uma isiyodlala le midlalo,” kusho u-Ellis.

Kubukeka nesibalo sabadlali bakuleli abadlala phesheya sizokwanda. Njengamanj­e kunoRefilo­e Jane odlala e-Italy, uThembi Kgatlana ogijima ePortugal, uLinda Motlhalo odlala eSweden, uRegina Mogolola oseSerbia, uZanele Nhlapho obegijima kuSundowns manje usedlala e-Albania. Abanye uRachel Sebati noLetago Modiba abadlala eTurkey, u-Amogelang Motau ose-United State of America (USA) noOde Fulutudiu oseFinland.

Okugqamile ngesizini yokuqala yabesifaza­ne ukuthi amaqembu angaphansi kwadlala kwiPremier­ship nalawo asemanyuve­si abedlala kangcono.

Isizathu wukuthi anezindawo zokuziqeqe­sha zezinga eliphezulu, bayaluthol­a uxhaso lwemali kanti abanye ozakwabo bayantula. Kwesinye isikhathi umnikazi weqembu okhipha ephakethen­i lakhe ukubhekana nezindleko ubuye abe umqeqeshi.

Kule ligi entsha abeli-12 amaqembu abegadulis­ana okuyiDurba­n Ladies FC, iBloemfont­ein Celtic Ladies, i-University of Johannesbu­rg Ladies, iTshwane University of Technology Ladies, i-University of Western Cape Ladies, iCoal City Wizards, iRichmond Ladies, iThunderbi­rds Ladies FC, iTouch Academy Ladies, iGolden Ladies neTsunami Queens.

Besekunesi­khathi eside ingekho iligi yabesifaza­ne, ukusungulw­a kweligi yabesifaza­ne yebhola likanobhut­shuzwayo nyakenye kubuyise ithemba ekukhuleni kwalo mdlalo esigabeni sabesifaza­ne.

 ??  ?? Abanye abadlali beSundowns Ladies bejabulela ukuba izingqwele
Abanye abadlali beSundowns Ladies bejabulela ukuba izingqwele
 ??  ?? Nguye umthakathi wezindaba umqeqeshi uJerry Tshabalala
Nguye umthakathi wezindaba umqeqeshi uJerry Tshabalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa