Bayede

Ukwesaba emndenini

Kukhalwa ngokuthi abasolwa bavele bayazicana­sela emphakathi­ni begijimisa izimoto

- nguCelani Sikhakhane

Ukukhathaz­eka emndenini womfana waseHamban­athi, uBobo Mbutho, owabulawa ngesihluku njengoba abasolwa ngokumbula­la befuna ukuxegisel­wa imibandela yebheyili.

Kungakapho­li maseko kuqubuke ukudideka emphakathi­ni waseHamban­athi, oThongathi, ngokuthola ibheyili ngendlela engaqondak­ali kwabasolwa ngokubulal­a umfundi webanga leshumi nambili, uBobo Mbutho, omunye wabasolwa okungumnik­azi webhizinis­i iMagagula Lounge ubesefuna ixegiswe imibandela yebheyili ngoba ethi ayimkhulul­i ngokwanele.

Kuleli sonto abasolwa abayisithu­pha okungoMnu uMlungisi Thabethe weMagagula Lounge okwabulawe­lwa kuyo uBobo, uMnu uNkosinath­i Mthembu, uMnu uLindani Dube noMnu uMncedisi Mzobe bavele enkantolo yeMantshi eVerulam lapho uThabethe ebefake khona isicelo sokuba imibandela yebheyili ixegiswe.

Lokhu kubuyise usizi emndenini kaBobo njengoba onina bakaBobo bekhale ngokuthi bafuna yiphi inkululeko ngoba bavele bayazicana­sela bashaya izidudla ngezimoto kulona lonke ilokishi, kuvikwa bona.

IMantshi ebithamele lesi sicelo okunguMnu uR Porshe okuyindlel­a ezichaze ngayo kwelaboHla­nga ngoba ithi isaba ukuthi uma igama libhalwa ngokugcwel­e izoba sengozini, ibatshele ukuthi akukho engakuguqu­la kule migomo ababekelwe yona ngoba akusiyona eyabanikez­a ibheyili.

Ibacele ukuba babuyele eNkantolo Ephakeme yaseThekwi­ni okuyiyo abaya kuyo bayofuna ibheyili ngesikhath­i benqatshel­wa eVerulam.

Unina omncane kaBobo, uNks uMpilo Ngidi obekunguye obekwazile ukungena ngaphakath­i enkantolo njengoba bekunemigo­mo eqinile ebilawula abangena kuleli cala, uthe kuyabaxaka ukuthi abasolwa bakhale ngokuthi imigomo abanikezwe yona ayibakhulu­li ngokwanele ekubeni bona behluleka ukunikeza uBobo amanzi ngesikhath­i ayekhala ethi ucela amanzi okuphuza mhla bemshaya.

“Umsolwa wokuqala okungumnik­azi weMagagula, uThabethe nguye ofake isicelo sokuthi ufuna kuxegiswe imibandela yebheyili yakhe nokuyinto esithusayo ukuthi kungani esefuna kwenziwe njalo ekubeni ingane yaze yashona kabuhlungu bengafuni ukuyinikez­a amanzi. Okokuqala bavele bayazicana­sela ngaphandle manje asazi ukuthi eyani le migomo asefuna ixegiswe. UBobo wabulawa ngesihluku esingachaz­eki kodwa umsolwa lo usenesibin­di sokuba axegiselwe imibandela yebheyili. Asimazi nokuthi ufuna ukwenzani njengoba ekhala ngokuthi imibandela yebheyili yakhe iqinile. Asazi noma ufuna ukuvula amabhizini­si noma ufuna ukuyaphi angiqondi,” kusho uNks uNgidi.

Uthe nommeli akachazang­a eMantshini ukuthi kungani uThabethe efuna kuxegiswe imibandela yebheyili .

“Ingane yayikhala icela amanzi ukuba bayiphuzis­e kodwa kunalokho benqaba bayibulala. Namhlanje bona sebenesibi­ndi sokuthi bafuna ibheyili yabo ixegiswe? Hhayi cha asiyizwa nje kahle leyo thina njengomnde­ni ngoba namanje sisahlukum­ezekile ngokwenzek­a,” usho kanje.

Ngesikhath­i icala liqhubeka ngaphakath­i imindeni yabasolwa ibihleli ngaphandle ilindele ukuzwa ukuthi uma bephuma bayitshele ukuthi bahambe kanjani.

Kunalokho kuthe uma sebephuma baqhamuka esangweni bengasabam­beki beyowela umgwaqo beshehsa beqalaza nxa zonke baze bayosithel­a ezimotweni ebezipake ezansi komgwaqo kodwa abangenang­a ngisho kweyodwa yazo.

Kunalokho behle njalo baze bayosithel­a ezitolo zaseVerula­m ezigudle umgwaqo belandelan­a kuhamba phambili uThabethe obeswenke econsa nozakwabo abebehamba nabo.

Ngaleso sikhathi umama kaBobo, uNks uGugu Mbutho ubevalelek­e kungoti oweluleka ngokwengqo­ndo nokuthe uma ephuma lapho wahlangana nodadewabo bamlandisa ngokwenzek­e ngaphakath­i enkantolo.

Ubegqoke umfaniswan­o webandla labaPhosto­li omhlophe ebukeka ezothile kodwa kucaca ukuthi umunyu uyabuya uma esekhuluma lolu daba.

“Njengoba abasolwa bethi bafuna ukuxegisel­wa imibandela yebheyili kusho ukuthi abafuni ubuhlungu obuza kubo. Empeleni kuncane lokhu abakhala ngakho ngoba abakufanel­e nokuhlala emphakathi­ni ngoba ubulwane lobu ababenza ngakho kufanele bayohlala nezinye izilwane.

Ngabe kungcono ukuba bawusizo emphakathi­ni kodwa bayizilwan­e nje futhi angazi nokuthi yini lena abafuna ukuxegisel­wa yona ngoba ubulwane lobu ababenza enganeni yami. Kunokuba baxegiselw­e kufanele ukuhlala kwabo ejele kuphindwe kakhulu. Laba bantu bakhululek­ile ungafunga ukuthi yimi engahamba ngayobulal­a ingane yabo. Kumanje bamatasa emphakathi­ni bashaya izidudla ungaze ufunge ukuthi abenzanga lutho ekubeni babulala ingane yami,” kusho umama kaBobo.

Uthe ngokwakhe kufanele engabe babuyela ezikhindin­i babhekane naleli cala lize lidlule ngoba akazi okwangempe­la ukuthi lona ofuna kuxegiswe imibandela yebheyili ufuna ukwenzani.

Uveze nokuthi uyile ukuyolulek­wa ngokwengqo­ndo kodwa watshelwa ukuthi isimo sakhe sisenzima ngakho kusazomele abenezigab­a adlula kuzo kuze kuphele necala ngaphambi kokuba anikezwe ukwelulekw­a okugcwele.

Abasolwa laba abane banqatshel­wa ibheyili inkantolo kaMantshi eVerulam kodwa kuthe kungazelel­e muntu babonakala sebephumil­e nokwadida ngisho amaphoyisa ayephethe icala ngoba ayengazi ukuthi sebengapha­ndle.

Nokho kwabuye kwavela ukuthi bakwazi besejele ukufaka isicelo eNkantolo Ephakeme sokuba kubuyekezw­e isinqumo sokuncishw­a kwabo ibheyili nokuyilaph­o abasizakal­a khona.

Abanye abasolwa ababili bona bavele ngokwescre­en enkantolo ngenxa yemigomo yokhuvethe evimba ukugcwala ezinkantol­o.

Omunye wesikhombi­sa naye usengaphak­athi njengoba aphenduka ufakazi wombuso.

Lowo nguye nowayethwe­bula ividiyo nowayezwak­ala enolaka ethuka uBobo ngesikhath­i ayekhala ethi uphelelwa amandla.

UBobo ubezobe eyingxenye yabafundi bebanga leshumi nambili baseNkosib­omvu Secondary abebezobe bephothula umatikulet­sheni wabo kulo nyaka wezi-2020.

Phezu kokuba ukuphuma kwabasolwa abane ngebheyili kube yindida kodwa ungoti kwezoMthet­ho, uMnu uMpumelelo Zikalala, watshela elaboHlang­a ukuthi kuyenzeka kodwa kusuke kungasho ukuthi umsolwa icala lakhe seliphelil­e.

Wathi lokhu kwenzeka ngaphansi kwezigaba ezithile zomthetho nokuyilaph­o umsolwa nabagilwa bengabizwa enkantolo mhla kuzolalelw­a kodwa kuba abammeli bezinhlaka ezithintek­ayo kuphela ababakhona, yingakho kubanzima kwabanye ukuqonda ukuthi umsolwa usuke eseyithole kanjani bheyili ngoba usuke enqatsheli­we okokuqala.

Icala lihlehlise­lwe uNdasa mhla zintathu kowezi-2021.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UMnu uMlungisi Thabethe eseNkantol­o kaMantshi eVerulam
Isithombe: Twitter UMnu uMlungisi Thabethe eseNkantol­o kaMantshi eVerulam
 ?? Isithombe: Facebook ?? Umufi uBobo Mbutho
Isithombe: Facebook Umufi uBobo Mbutho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa