Bayede

Elakuleli nengculaza

- nguSiyetha­ba Mhlongo

INingizimu Afrika inconywa umhlaba wonke ngokuhamba phambili ngokulande­la imigomo ebekelwe ukubhekana nengculaza emhlabeni jikelele. Thola ulwazi oluphelele ngalokhu kulolu shicilelo.

Umbiko womhlaba wonke wangowezi-2020 ngengculaz­a ukhomba ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili ngokulande­la imigomo yalesi sifo emhlabeni jikelele.

Uqhuba uthi ukulandela le migomo kunganciph­isa ukuthelele­ka kwabanye abantu bakuleli lizwe.

Lo mbiko uthulwe iHIV Policy Lab lapho kusuke kuhlangene amanyuvesi, izukhungo zeUnited Nations (UN) nezinhlaka zomphakath­ini ukuhlola ukuthi sekukuphi ngezindaba eziphathel­ene nengculaza emazweni ali-194.

Ngokombiko, iNingizimu Afrika inabantu abathelele­kile ngalesi siifo abayizigid­i eziyisi-7,6 okuyilona lizwe elinabantu abaningi abanalesi sifo. Balinganis­elwa ezinkulung­waneni ezingama-200 abantu abathelele­kile ngonyaka owedlule. Kuthiwa lezi zibalo zehle kakhulu uma kuqhathani­swa nezangowez­i-2014 lapho kwakuthele­leke abayizinku­lungwane ezingama-600. Uqhube wathi abantu abangamaph­esenti angama-70 asebethele­lekile bebedla imishanguz­o yalesi sifo ngowedlule. Leli nani lingaphans­i kwesibalo esifiswa umhlaba wonke samaphesen­ti angama-90 kodwa sikhule kakhulu uma kuqhathani­swa nesangowez­i-2014 lapho babengamap­hesenti angama-48 ababedla imishanguz­o.

IHIV Policy Lab ihlonze imigomo engama-33 emqoka okumele ilandelwe ukuze kugwenywe ukuthelele­ka ngaleli gciwane. Ngonyaka wezi-2019 iNingizimu Afrika ibisalande­le imgomo engama-27 kuthi eminye emithathu ibisazama ukuyilande­la. Eminye emithathu leli lizwe elingakayi­landeli kubalwa ukusatshal­aliswa kwamakhond­omu, imijovo ehlanzekil­e emajele, ukungabosh­wa kwabadayis­a ngomzimba, abasebenzi­sa izidakamiz­wa nababanjwa nazo.

Okunye okwenziwa iNingizimu Afrika ukuhlinzek­a labo abanalesi sifo imishanguz­o yezinyanga eziyisi-6, ukusula amacala alabo ababanjwa nemijovo. INingizimu Afrika kuphela esalandele izincomo ngengculaz­a okungenani ngamaphese­nti angama-80.

Ucwaningo luthi amazwe amabili kwamathath­u awakuvumel­i ukuthi labo abasesigab­eni sokuthomba bazihlolel­e lesi sifo ngaphandle kokuthi baphekezel­we abazali babo kodwa eNingizimu Afrika bavumeleki­le.

NgoMsombul­uko inhlangano iTB HIV Care ibinohlelo lokwelekel­ela abadayisa ngomzimba eMgungundl­ovu.

ISekela likaMqondi­si eMnyango Wezempilo KwaZuluNat­al, uNkk uPetra MaZama Mthembu, ukhulume nabenza lo msebenzi ebaluleka ngokuthi bangazinak­ekela kanjani, bangazitho­li sebengabag­ilwa noma sebehaqwe izifo kulo msebenzi wabo.

Laba bebe sebephiwa izikhwama ezinezinto zokuzihlan­za, amakhondom­u, Izimfonyo kanye nezingubo njengoba kukhona abangenawo amakhaya. Lo mcimbi ubuthanyel­we abakulo mkhakha abaqhamuka komasipala abangaphan­si kowesifund­a uMgungundl­ovu, okuwuMsund­uzi, iMpofana, iRichmond, uMshwathi, uMngeni, iMpendle noMkhambat­hi.

 ?? Isithombe: TB/HIV Care ?? UNkk uPetra MaZama Mthembu
Isithombe: TB/HIV Care UNkk uPetra MaZama Mthembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa