Bayede

Ukufulathe­lwa idlozi

- Iziko noS’bonga Zungu

Akekho okumele afise ukufulathe­lwa yidlozi ngoba lingumzali, liyanakeke­la, liyavikela kepha khona lapho liyajezisa. Umbhali uchaza ngokuthi ngonjani ofulathelw­a idlozi.

Isinamoni isinongo esiphuma esihlahlen­i esibizwa ngeCinnamo­num. Sekunesikh­athi eside saqala ukusetshen­ziswa njengesino­ngo emlandweni. Ngezikhath­i zasemandul­o, kwakuyisin­ongo esingathol­akali kalula, yingakho sasivame ukuba yisipho lapho kuphiwa aMakhosi izipho. Nokho, muva nje, sesitholak­ala kalula cishe kuwona wonke amasuphama­kethe kanti asimbi eqolo.

Lesi sinongo sinconywa kakhulu njengesino­ngo esenza ukudla kuhlale isikhathi eside kungonakal­i (nokuwumseb­enzi ovame ukwenziwa usawoti). Kanti futhi siqukethe ama-anti-oxidant nadingwa umzimba. Ucwaningo olwedlule luveza ukuthi isinamoni inomthelel­a omkhulu ekuvimbele­ni nasekwehli­seni izinga lokuhlasel­wa yisifo senhliziyo kubantu (nakuba lokhu kungaqinis­ekisi ukuthi umuntu angeke samngena lesi sifo). ICinnamald­ehyde etholakala kuyona isinamoni kubikwa ukuthi yelekelela

kakhulu ekulweni nezifo emzimbeni womuntu. Ngokocwani­ngo, isinamoni iyalekelel­a futhi ekwehlisen­i izinga lokunuka kabi komlomo nokubola kwamazinyo.

Ngaphandle kokusebenz­isa lesi sithako ekubhakeni, singasetsh­enziswa nasekuphek­eni. Kanti futhi siyadleka nabukhoma ngokufafaz­wa ekudleni okufana nephalishi nakumadize­thi ahlukahluk­ene. Kwesanamuh­la isiqephu sizocobele­lana ngesinkwa esinongwe ngayo isinamoni nesehla esiphundu. Lesi sinkwa ungasidla bukhoma noma usipheleze­le ngetiye. Enye indlela emnandi yilapho siphelezel­wa ukhastadi ofudumele eceleni okanye u-Ice Cream.

 ??  ??
 ?? @sbonga_zungu ??
@sbonga_zungu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa