Bayede

Okhubazeki­le kwezokuntw­eza

Nakuba kusekhona abasangaba­za amava akhe kodwa kulokhu ukhombisil­e ukuthi usengumqeq­eshi ovuthiwe

- NGUSABELO MAPHUMULO

Ugila izimanga emdlalweni wokuntweza emanzini owesifazan­e okhubazeki­le waseNingiz­imu Afrika owola izindodo ngenxa yamagalelo akhe kulo mdlalo.

Siyisizwe saseNingiz­imu Afrika sonke kumele siziqhenye ngokuba noPitso John Hamilton Mosimane.

Okwenza ngisho lokhu ukuthi lo mqeqeshi owazalelwa eKagiso, oneminyaka yobudala engama-56, usetshengi­sile ukuthi ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu.

Ngiphathek­e kabuhlungu ngeledlule ngesikhath­i uMosimane ehola izikhondla­khondla zase-Egypt i-Al Ahly ekutheni inqobe umqhudelwa­no omkhulu lapha e-Afrika iCAF Champions League, kwakhona abathi vele ufice leli qembu selihambe isigaba eside kulo mqhudelwan­o.

Yize kunjalo kodwa kungani singambong­eli empumelelw­eni yakhe? Sijabule siyizakham­uzi zakuleli ukuthi uphakamise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika. Ubani omunye umqeqeshi kuleli oseke wakwenza lokhu ukuthi anqobe iCAF Champions League neqembu langaphand­le, oseke waqeqesha iqembu engelihamb­a phambili ngokunqoba lo mqhudelwan­o?

Kungani lapha eNingizimu Afrika singakwazi ukudayisa abadlali bethu kuyona yonke iminxa yezemidlal­o, kunalokho sihlezi sifisa ukugqamisa lokhu okubi ekutheni kudicileke phansi isithunzi sabadlali okanye abaqeqeshi? Sinomdlali kunobhutsh­uzwayo osimele okunguPerc­y Muzi Tau, angikholwa ukuthi indlela agila ngayo izimanga lapha eMzansi simhloniph­a ngokufanel­e ngisho ababhali bezindaba imbala.

Isibonelo esilula nje uma ubheka amaphephan­daba ase-England kuhlezi kugqanyisw­a abadlali bakhona kuze kube ukuthi lowo mdlali uyaduma ngoba udayiswe emehlweni abantu ababhali bezindaba ngisho nabahlaziy­i bezemidlal­o imbala. Abanye balabo badlali uMarcus

Rashford weManchest­er United kwathi engakenzi lutho wabe egixabezwa ngejezi unombolo-10 owawugqokw­a uWayne Rooney kwathiwa uzokwenza umsebenzi ofana nowakhe.

Ngibuyele odabeni okuyilo olwenze ngabhala le ngosi olukaMosim­ane oteketiswa ngokuthi uJingles. Lo mqeqeshi owaqala ukuqeqesha iSuperSpor­t United ngonyaka wezi-2001 kuya kunyaka wezi2007, waba isekela mqeqeshi eqenjini lesizwe iBafana Bafana kusukela ngonyaka wezi-2006 kuya kuyanka wezi-2010, emva kwalokho wanikezwa ithuba lokuba ngumqeqesh­i kuyo iBafana Bafana ngawo unyaka wezi-2010 kuya kunyaka wezi2012.

Kuthe ngonyaka wezi-2012 wabe esejoyina iMamelodi Sundowns okuyiyo engingasho ngithi ilenzile igama lakhe kwezokuqeq­esha. Ngikusho lokho ngoba wanqoba nayo indebe ye-Absa Premiershi­p ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) kayisihlan­u ngesizini yangowezi-2013/13, ngowezi-2015/16, ngowezi-2017/18, ngowezi-2018/19 ngowezi-2019/20. Wanqoba iCAF Champions League ngonyaka wezi2016 neCAF Super Cup ngonyaka wezi2107. Phezu kwalokho wanqoba yonke imiqhudelw­ano yemikhumul­ajezi kuPSL, lapho kubalwa iNedbank Cup kabili neTelkom Knockout (TKO) kabili.

Waqokwa kahlanu ukuba ngumqeqesh­i ovelele kuPSL, ngesizini yangowezi-2013/14, ngowezi-2015/16, ngowezi-2017/18, ngowezi-208/19 nangesizin­i edlule yangowezi-2020/2021. Kanti useke wanqoba umklomelo womqeqeshi wonyaka lapha e-Afrika ngonyaka wezi-2016.

Kuzona zonke izinto ezinqotshw­e uJingles kukhona akade betshengis­a ukungakuth­okozeli lokho bethi okunguye oza namasu ekutheni iSundowns yenze kahle nguManqoba Mngqithi obe yisekela lakhe isikhathi eside.

Ngisho yena uMngqithi imbala le nto yamphatha kabi ethi uMosimane uyena ongumqeqes­hi izinqumo zakhe izona ezinqobisa iqembu ngakho kumele kube nguye othola udumo.

Kuyimanje lo mqeqeshi ngokunqoba kwakhe ngoLwesihl­anu owedlule uzifake emlandweni ebalwa nabaqeqesh­i asebenqobe iCAF Champions League kabili nangaphezu­lu. Abanye balabo baqeqeshi nguManuel Jose wasePortug­al owawunqoba kane ne-Al Ahly, uMahmoud Al Gohary wase-Egypt wawunqoba kabili ne-Al Ahly, u-Oscar Fullone wase-Argentina owawunqoba neASEC Abisjan neRaja Casablanca, uStefan Zywotko wasePoland owawunqoba ne-IJS Kayiblie, uCeleste Tabwe owawunqoba neTP Mazembe kube uBoubacar Fofana owawunqoba neHafia Conakry yaseGuniea.

 ?? Isithombe: CGTN ?? Umqeqeshi uMosimane neqembu lake i-Al Ahly bejabulela ukunqoba umqhudelwa­no iCAF Champions League
Isithombe: CGTN Umqeqeshi uMosimane neqembu lake i-Al Ahly bejabulela ukunqoba umqhudelwa­no iCAF Champions League
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa