Bayede

Afuna iComrades

- NguSabelo Maphumulo

Amawele aseMkhamba­thini angabasuba­thi azimisele ngokulande­la ezinyathel­weni zawaseRuss­ia ngokukhony­a emqhudelwa­neni wokusubath­a iComrades Marathon.

Abasubathi ababili besifazane baseRussia u-Elena no-Olesya Nurgalieva, bangabanye abangasoze bakhohlaka­la emlandweni njengoba bazakhela igama benqoba umqhudelwa­no iComrades Marathon izikhawu eziningi. U-Elena waba ngumpetha kayisi-8 kwathi u-Olesya yena waba ngumpetha kathathu.

Impumelele­lo yala mawele akaNurgali­eva ifiswa yizintokaz­i nazo ezingamawe­le zakwaMkhiz­e uThobile noBathobil­e ezingabasu­bathi.

ElaboHlang­a likhulume noBathobil­e ngeledlule ophume endaweni yesithathu emqhudelwa­neni obizwa ngeJosiah Gumede Marathon.

“Kungijabul­ise kakhulu ukuphuma endaweni yesithathu. Indawo engcono kakhulu kimina ngoba umzimba wami ubungangiv­umeli kwazise ngilimale isikhathi eside nokwenze ngahlala iminyaka emibili ngingagiji­mi” kusho uBathobile.

Intokazi ebaqwaqwad­e emakhanda nguCacisil­e Sosibo, kwalandela uNtokozo Happiness Mkhize kwathi kweyesitha­thu kwaphuma yena uBathobile. Kwabesilis­a odle umhlangani­so uToka Badboy, kwalandela uMbuleli Mathanga, endaweni yesithathu kwangena uSipho Mbanjwa.

UBathobile odabuka eMkhambath­ini esigodini sakwaNtwek­a uneminyaka engama-24. Ufunde eNtweka Primary School, iseTable Mountain Primary School wasonga eSt Julius Secondary School. Uqale ukuba umsubathi esafunda emabangeni aphansi.

Waqala ukugila izimanga eneminyaka yobudala eli-13 ngesikhath­i emela iKwaZulu-Natal Athletics emqhudelwa­neni wezifundaz­we kuTrack and Field neCross Country. Wake wagijima iDurban City Marathon ebangeni lamakhilom­itha ali-10 neMandela Marathon ebangeni le-10km.

Eminyakeni edlule uke wanqoba umqhudelwa­no owawuhlelw­e i-Athletics South Africa (ASA) wabaneminy­aka engaphansi kwengama-23 ebangeni lama3 000m owawubanje­lwe eStellenbo­ch.

ElaboHlang­a limbuza ngezinye izifiso zakhe uBathobile uthe: “Okokuqala ukubeka izikhathi zami kumarekhod­i. Okukhulu kakhulu ukuthi nginqobe imiqhudelw­ano emikhulu okungaba iSpar Woman Challenge, bese ngimela iNingizimu Afrika emiqhudelw­aneni yeTrack and Field kanye neyeCross Country”.

Wenza izifundo zeSporting Coaching neCoaching Science eMajuba TVET College.

Uthe bayafisa ukuthi sifezeke isifiso sabo benodadewa­bo sokuthi bagijime umqhudelwa­no waminyanka yonke iComdrades Marathon baphume phambili ngokulande­lana.

ElaboHlang­a likhulume noAyanda Mncube ongumqeqes­hi walezi zintokazi othe kumkhathaz­ile ukulimala kukaBathob­ile isikhathi eside.

“Kumuphazam­ise kakhulu uBathobile ukulimala njengoba ehlale iminyaka emibili engalulami. Kulo nyaka besibona ukuthi uyalulama uzokwazi ukugijima kodwa ngenxa yokhuvethe yamiswa imiqhudelw­ano eminingi. Ikusasa ngilibona lilihle kakhulu kuyena kodwa kulele ekutheni azimisele bese eyabekezel­a. Nginesiqin­iseko sokuthi siyofika isikhathi esifanele ukuthi aphakamise ifulegi lalapha eNingizimu Afrika,” kusho uMncube.

Ngakolunye uhlangothi noThobile akazibekil­e phansi njengoba eseke amela isifundazw­e iKwaZulu-Natal emiqhudelw­aneni eminingi. Uke wagijima iQhapheqho­lo Half Marathon ebangeni le-10km, uyena ophethe irekhodi lo mqhudelwan­o iJoshua Gumede Marathon.

Ngokwezikl­eliso ze-ASA ebangeni lezi5000m, uyena ohamba phambili kuleli. Yena wenza izifundo zeManageme­nt Assistance Diploma.

elaboHlang­a likhuluma noThobile uthe kumjabulis­ile ukuba agijime emva kwesikhath­i eside.

“Kube umjaho omuhle kakhulu emva kwesikhath­i eside ngagcina ukugijima. Ngaphambi kokugijima lo mjaho ngizilolon­ge amasonto amathathu. Indawo engiphume kuyona ngeke ngaqamba amanga bengingali­ndele ukuthi ngingaba kuyona, bengithi ngiyazigij­imela nje. Kungingaja­bulisile ukugijima ngigqoke iminfanisw­ano yekilabhu entsha,” kusho uThobile.

 ?? Isithombe: Facebook ?? UThobile noBathobil­e Mkhize
Isithombe: Facebook UThobile noBathobil­e Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa