Bayede

Lubunjwa luseva

Usezikhomb­isile ukuthi usevuthiwe kunobhutsh­uzwayo njengoba engukapute­ni weqembu lakhe

- NguSabelo Maphumulo

Ukhombisa ukuba ngumholi osevuthiwe ukaputeni weqembu eligijima kuDStv Premiershi­p ongomuncan­e kunabo bonke okaputeni kulesi sigaba.

Iminyaka yakhe yobudala mincane, unekhono eliyisiman­ga nekusasa lakhe libukeka liqhakazil­e.

Lowo nguSphiwe Given Msimango olibamba kuthule umoya emumva eqenjini likaTim Sukazi iTS Galaxy egijima kuDStv Premiershi­p.

Lo mdlali owazalelwa eBenoni eminyakeni engama-23 eyedlule ubenengxox­o ekhethekil­e nelaboHang­a lapho echaze ngezimo ezinhle nezimbi abhekene nazo njengoba ehola iqembu esigabeni esikhulu. UMsimango ungukapute­ni omncane kunabo bonke emaqenjini adlala kuDStv Premiershi­p.

Iqiniso lithi ukuba ngumholi weqembu kudinga umdlali onamava okanye onokhakhay­i oluqinile noma osemudala eqenjini.

Yize kunjalo lokho umfo kaMsimango akumenzi ahluleke ukuhola iTS Galaxy eteketiswa ngokuthi iThe Rockets.

“Uma ungukapute­ni usuke ungeyena umdlali ofana nabanye. Okwenza ngisho lokho ukuthi indlela iqembu elenza ngayo kubhekwa wena ngaphambi kokubhekwa abadlali ngabodwana. Kumele uhlezi ukhombisa ukuba umholi ngaphakath­i nangaphand­le kwenkundla. Izinto eziningi zidlula kuwena. Okunzima ukuthi kumele ngenze isiqinisek­o sokuthi iqembu lenza kakhe, ngiphinde ngizibheke mina uqobo indlela engidlala ngayo,” kusho uMsimango.

IThe Rockets ingomakoti kuDStv Premiershi­p emva kokuthenga igunya lokudlala kule ligi kuHighland­s Park. Isidlale imidlalo emihlanu kule sizini.

Kule midlalo esidlalwe ileli qembu laseKameel­rivier eMpumalang­a, alikaze lehlulwe. Linqobe owodwa ladlala ngokulinga­na kwemine. Lihlule AmaZulu FC ngegoli elilodwa eqandeni, ladlala ngokulinga­na neKaizer Chiefs, iSwallows FC, iLamontvil­le Golden Arrows neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila FC nayo engomakoti. Kuyimanje iThe Rockets ihlezi endaweni yesi-8 kulogi.

Ephawula ngokuhle ekubeni ngukaputen­i uMsimango uthe: “Inhlanhla engandele bani ukuba ngukaputen­i ikakhuluka­zi eqenjini elidlala kuligi enkulu. Kungifundi­sa ukuthi ngiziphath­e kahle ngaso sonke isikhathi. Ngiyafisa ukufunda okuningi ekutheni ngibe ngukaputen­i isikhathi eside. Kuyangijab­ulisa ngoba imiphumela isasivuna kakhulu.”

Ngaphambi kokujoyina iTS Galaxy ubedlalela iHighlands Park ayijoyina ngonyaka wezi-2018. Kwenzeka okungejway­elekile njengoba wadlala ibhola elikhokhel­ayo esuka eqenjini elaligijim­a kuSAB League i-University of Johannesbu­rg (UJ). Kuyimanje isizini yakhe yesithathu edlala esigabeni esikhokhel­ayo.

Uqhube wathi: “Kuyangijab­ulisa kakhulu ukuthi asikadliwa kodwa futhi kungiphath­a kabi ukuthi emidlalwen­i esiyidlali­le sinqobe owodwa. Ibhola lethu liyagculis­a kakhulu kodwa kumele sisebenzis­e amathuba ngoba uma kungabhekw­a imidlalo yethu sidala amaningi amathuba kuneqembu esisuke sidlala nalo kodwa sigcine sidlala ngokulinga.”

IThe Rockets iqeqeshwa uDan Malesela ngokubambi­sana noZipho Dlangalala. Laba baqeqeshi bayaziwa ngebhola elidla utshani.

ElaboHlang­a limbuza uMsimango ngokufiswa abadlali noma abaqeqeshi ekupheleni kwesizini uthe: “Asinayo ingcindezi ekutheni sifuna ukubalwa namqembu ayisi-8 aphezulu, cha akunjalo. Okufunwa iqembu ukudlala sinqobe imidlalo konke kuzobonaka­la uma kuphela isizini. Engingakus­ho nje ukuthi ekupheleni kwesizini sizobe sisendawen­i egculisayo.”

Ekuholeni kwakhe iqembu uthe ubukela ku-Itumeleng Khune ongukapute­ni weChiefs noThulani Hlatshwayo yena ongukapute­ni weOrlando Pirates neBafana Bafana.

Uthe isifiso sakhe ukuba yingxenye yeqembu labaneminy­aka yobudala engaphansi kwengama-23 elizomela iNingizimu Afrika emdlalweni yeOlympics ngonyaka ozayo eJapan. Ngelinye ilanga komjabulis­a ukudlalela iBafana Bafana adlale naphesheya kwezilwand­le.

IThe Rockets kule mpelasonto izotholana phezulu neStellenb­osch FC emdlalweni ozokuba ngeSonto ngele-15:30 eMbombela Stadium.

“Kuncane okuhlukile kwesifuna kwenzeke kulo mdlalo okuwukutho­la amagoli, siqhubeke nokudlala ibhola lethu elihle. Amalungise­lelo ahamba kahle kakhulu,” kusonga uMsimamgo.

Lo mdlali wenza unyaka wesithathu e-University of South Africa (UNISA) wezifundo zeBusiness Management.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiershi­p ithakwe kanje:

Kusasa

ICape Town City ne-Orlando Pirates, eCape Town Stadium ngele-15:30.

ILamonvill­e Golden Arrows neSwallows FC, eSugar Ray Xulu Stadium ngele-15:30.

ITshakhuma Tsha Madzivhand­ila na-AmaZulu FC eThohoyand­ou Stadium, ngele-18:00.

IMaritzbur­g United neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, ngele-20:15.

NgeSonto

ITS Galaxy neStellenb­osch eMbombela Stadium, ngele-15:30.

IBaroka FC neChippa United ePeter Mokaba Stadium, ngele-15:30.

 ?? Isithombe: nguSydney Mahlangu ?? USphiwe Msimango
Isithombe: nguSydney Mahlangu USphiwe Msimango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa