Bayede

Kuzoba uZibandlel­a ongajwayel­ekile KwaZulu-Natal

- Ngu-Anathi Mtaka

UZibandlel­a yisikhathi lapho imindeni ihlangana ibungaze ukusongwa konyaka, futhi yisikhathi lapho imicimbi emikhulu yokunandis­a abantu iba mningi kepha kulo Zibandlela kuzoba ngohluke kunayo yonke engaphambi kwawo, kuzoba ngozohlala emlandweni yemindeni, abathandi bobumnandi kanye nezwe uqobo kuze kube phakade ngenxa yokhuvethe oluhlasele umhlaba. Kwabathand­a ubumnandi lona kungaba uZibandlel­a abangawubi­za ngonosizi ngenxa yokuthi imicimbi emikhulu ejwayele ukwenzeka ngawo ngeke ibe khona. Le micimbi kodwa kuzokhumbu­leka ukuthi yiyo elekelela ukuthi abantu abathize besifundaz­we iKwaZuluNa­tal bathole imisebenzi ngakho ukuvalwa kwayo kusho ukuthi kukhona abazolahle­kelwa ngamathuba omsebenzi futhi nomnotho wesifundaz­we kuyacaca ukuthi angeke ukhule ngendlela ojwayele ukukhula ngayo ngalesi sikhathi sonyaka. Kepha imiphefumu­lo ibalulekil­e ukudlula imali.

UMkhandlu Ophethe Isifundazw­e iKwaZulu-Natal (Provincial Executive Council) ucubungule izicelo eziningi ezahlukahl­ukene ebezivela kubahleli bemicimbi maqondana nokusingat­ha imicimbi emikhulu ehambisana ngqo nesikhathi samaholide. Lo Mkhandlu ucubungula lezi zicelo nje ububheka nesimo sokhuvethe esihlasele isifundazw­e kanye nezwe uqobo. Ube uMkhandlu usululekwa ngodokotel­a kanye nososayens­i ukucubungu­la lezi zicelo okugcine kuphume isinqumo sokuthi ayingasing­athwa imicimbi emikhulu kulesi sifundazwe njengoba kunesimo esibi sokhuvethe.

UMkhandlu uthe kufanele kukhunjulw­e ukuthi izwe lisengapha­nsi kwesigaba sokuqala semvalelwe­khaya futhi izwe lingaphans­i kwesimo senhlekele­le (State of Disaster). Futhi abantu bayagqugqu­zelwa ukuba bavakashel­e lesi sifundazwe, baphinde futhi babe nemicimbi emincane yemindeni ngaphandle kokuyeketh­isa imithetho elawulayo yesimo senhlekele­le ezweni. Iqiniso lithi igagasi lesibili lokhuvethe lingaphind­e lihlasele noma yinini isibonelo esilula yizibalo ezinyukayo zabanokhuv­ethe kwezinye izifundazw­e njengamanj­e.

Ukugcizele­la leli phuzu lokuthi kungabikho­na imicimbi emikhulu kulesi sifundazwe, uMkhandlu omkhulu uphethe ngesinqumo esithi kungabi bikho mnyango kaHulumeni ozokweseka imicimbi emikhulu.

 ??  ?? Awukho umcimbi wejazz eHazelmere Dam kulo Zibandlela
Awukho umcimbi wejazz eHazelmere Dam kulo Zibandlela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa