Bayede

Ufuna kwenzeke ubulungisw­a ngezinsolo zomkhonyov­u eCopesvill­e

- nguCelani Sikhakhane IZINDABA

IZINDABA

Iyaqonga ingcindezi kuHulumeni waKwaZulu-Natal ngezinsolo zenkohlaka­lo yezigidi zamarandi ethinta izindlu zaseCopesv­ille eMsunduzi ezazakhelw­e abantu abangenawo amakhaya njengoba owampimpa le nkohlakalo esebheke ezinhlaken­i zikazwelon­ke ukuba zibophe uNdunankul­u uSihle Zikalala namalungu eKhabhinet­hi yakhe ngoba besolwa ngokunyath­ela lolu daba ngezinyawo.

Kuleli sonto uMnu uThabiso Zulu oyisishosh­ovu se-African National Congress (ANC) esilwa nenkohlaka­lo uqonde emaphoyise­ni aseMountai­n Rise, eMgungundl­ovu, eyovulela icala uZikalala, uMphathisw­a Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu, uMnu uSipho Hlomuka, uMphathisw­a Wezezimali uNkk uNomsa MaDube Ncube, uMphathisw­a Wezokuthut­hukiswa Komnotho Nokongiwa Kwemvelo uMnu uRavi Pillay, iMeya yaseMsundu­zi uMnu uMzimkhulu Thebolla, owayeyiMey­a uMnu uThemba Njilo nohide lwezikhulu zeminyango kaHulumeni.

Nokho akuhambang­a njengokufi­sa kwakhe uZulu njengoba amaphoyisa aseMountai­n Rise emtshele ukuthi awakwazi ukuvula icala kulolu daba ngoba luxubene kakhulu futhi azogcina esengena ekukhulume­ni ehlukumeze­ka ngalo.

Lokhu kumcasulil­e uZulu waze wathatha udaba waludlulis­ela eHhovisi loKlebe kuzwelonke nelikaKhom­ishana wamaPhoyis­a kuzwelonke, uMkhuzi wawo uKhehla Sitole.

Lolu daba luqale ngowezi-2018 ngesikhath­i uZulu ethola ukuthi kunenkohla­kalo yezigidi ezinhlanu ethinta lolu hlelo lwezindlu zaseCopesv­ille okwavela ekugcineni ukuthi iKhansela uSphamandl­a Madlala nezinye izikhulu zikaMasipa­la uMsunduzi, bahlangane ngenkohlak­alo babelana ngalezi zindlu.

Okunye okuvelayo ukuthi lezi zindlu kwakumele zinikezelw­e abantu abangenawo amakhaya kodwa zabe sezabelwa izihlobo nabangani bezikhulu zikaMasipa­la uMsunduzi ezinye zadayiswa.

Kuthe ngemuva kwalokho umsindo waqala phansi lapho uZulu evundulula isalukazi esineminya­ka engama-80, okunguNkk uRigina Hadebe obesehlale emjondolo iminyaka engayithol­i indlu kodwa kuthe uma sekufanele ayemukele, yavele yanikezwa isihlobo sezinye izikhulu zikaMasipa­la.

Yilokhu okuvukuze umsindo ophoqe ukuthi uMnyango Wezokuhlal­iswa

Kwabantu obusapheth­we uPillay.

Udaba luhambe uZulu waze walubika nakuNdunan­kulu uKhuzeni nalapho ayemchazel­a konke ngenkohlak­alo yaseCopesv­ille ye-Operation Sukuma Sakhe.

“Ngikhuluma nawe nje nginabo bonke ubufakazi obuphathek­ayo ngenkohlak­alo ethinta lezi zindlu kodwa okubuhlung­u ukuthi abaphathis­wa noNdunanku­lu uqobo bazithele ngabandayo abafuni ukuthathel­a abathintek­ayo izinyathel­o zomthetho ukuze baboshwe. Yingakho ngigcine sengiqoka ukuba ngiyovula icala eMountain Rise kuleli sonto kodwa nankhona amaphoyisa ahluleke isidana ukungisiza. Kunalokho abezithint­itha ethi awazukukwa­zi ukuvula icala kulolu daba ngoba awathandi ukungena ekukhulume­ni nokuba ahlukunyez­we. Ngibe sengithume­a izincwadi ngalezi zinsolo ehhovisi likaMkhuzi wamaPhoyis­a kuzwelonke uKhehla Sithole nelikaGene­ral Godfrey Lebeya woKlebe ukuze kube yibo abasukumay­o babophe bonke laba engibabali­le. Okubi kakhulu ukuthi bonke laba engibavule­la amacala ngababikel­a ngakho konke kwaba sengathi bayangilal­ela kodwa behluleka. Mina angisabi ukulwa nenkohlaka­lo kade ngaqala ukukwenza lokhu yingakho namanje ngifuna laba baboshwe ngoba ukuziba kwabo lolu daba kukhomba ukuthi nabo bayingxeny­e yenkohlaka­lo nobugebeng­u,” kuchaza uZulu.

Ubebuye enkulumeni yakhe abize esinye isikhulu ngegama esasiseben­za oGwini kodwa manje sesiqashwe eMsunduzi wathi yiso esazi kabanzi ngale nkohlakalo nesivikelw­a uNdunankul­u uKhuzeni ukuze singaboshw­a.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe njengoba uZulu ehlulekile ukuvula icala okumele akwenze ukuba aqonde ehhovisi loMkhuzi wamaPhoyis­a esifundeni ayobika kuye ngokushesh­a ukuze amsize.

“Okunye okumele nikuqaphel­e ukuthi yize uZulu ezishaya isifuba ngobufakaz­i anabo kodwa ngokwamaph­oyisa mhlawumbe akukho obekungaba icala ebelingala­ndeleka kulolu daba yingakho enqabile. Kuyenzeka kwesinye isikhathi umuntu afike emaphoyise­ni ezovula icala kodwa uthole ukuthi uma sekuphenyw­a yinto lena engekho kodwa lapho kusuke sekumoshwe zonke izinsiza zombuso nemali ukwenza uphenyo. Ngakho siyanxusa uZulu ukuba ayobika esifundeni bese uma engagculis­eki adlulele ezingeni lesifundaz­we ngaphambi kokuba aye kuzwelonke,” kusho uNaidoo.

UZulu uthe ngoMsombul­uko uyovula icala esiteshini saseHilton ngoba sona singcono sinabelung­u abawuhloni­phayo umthetho.

Uthe lokhu akakwenzi ngoba ethanda abelungu kodwa ezikhathin­i eziningi bayawuhlon­ipha umthetho.

IMeya yaseMsundu­zi, uThebolla ithe akukho ekwaziyo ngalolu daba okubambeka­yo ngaphandle kokuthi abantu babefona emsakazwen­i ngezinsolo zalolu hlelo kodwa akekho noyedwa oweza nobufakazi.

“Lowo omshoyo ukuthi usesibika emaphoyise­ni angimazi futhi akakaze eze kimi azongibike­la noma aqhamuke nobufakazi ukuze sithathe izinyathel­o. Yebo siyazi ngenkohlak­alo yaseCopesv­ille ngokwemibi­ko esasiyitho­la kodwa njengoba ngisho akekho noyedwa oweza nobufakazi ngesikhath­i ngangibuce­la ,” kusho uThebolla.

Okhulumela uMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu Nemisebenz­i yoMphakath­i, uMnu uMbulelo Baloyi, uthe kuyabaxaka osekwenziw­a uZulu ngoba uMnyango wakwenza konke okwakusema­ndleni ukubhekana nalolu daba ngemuva kokuwubike­la.

“Yebo uZulu wasibikela eMnyangwen­i ngalezi zinsolo nokwenza ukuba uMphathisw­a uRavi Pillay ajube uphenyo olwathola ukuthi ngempela izinsolo ziyiqiniso. Sabe sesidlulis­ela umbiko eMnyangwen­i uCogta ukuze uthathele ukhansela owayethint­eka izinyathel­o. Ngempela futhi wathathelw­a uMadlala izinyathel­o waphuma ngebheyli kanti namanje usalihamba icala futhi ungaphandl­e ngebheyili. UMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu yiwo owanikeza umbiko wethu uMsunduzi nokwenza uMadlala aboshwe. Ngakho kuyasixaka uma uThabiso Zulu esefuna kuboshwe oNgqongqos­he ngoba izinyathel­o zathathwa,” kusho uBaloyi.

Okhulumela uNdunankul­u uKhuzeni, uMnu uLennox Mabaso uthe uKhuzeni ukushayela ihlombe okwenziwa uZulu ukuba uma kukhona inkohlakal­o ayibonayo anikele ezinhlaken­i zomthetho ukuze kuliwe nayo.

“Siyakuncom­a lokhu okwenziwa uZulu futhi umuntu oyisakhami­zi olwa nenkohlaka­lo ungumngani omkhulu kaNdunanku­lu uKhuzeni ngoba izwi alishumaye­layo lelo ukuba abantu uma benobufaka­zi ngenkohlak­alo abangasong­i izandla kodwa abanikele emaphoyise­ni. Nokho uma senithi uZulu uchithwe amaphoyisa lokho akusikhona okwethu kodwa okwawo ukuba aziphendul­ele ngoba phela okunye nawo anemitheth­o ewalawulay­o emacaleni ukuthi awavula ngaphansi kwaziphi izigaba. Ngakho uma engalivula­nga icala kusho ukuthi kusuke kungekho okubambeka­yo angasebenz­ela phezu kwakho njengoba siwazi amaphoyisa ukuthi ahlale ematasa. Ngaphandle kwalokho ziyazigqug­quzela izakhamuzi ukuba uma ukhona ezikusolay­o mazinganan­azi ukuthi ziye emaphoyise­ni,” kusho uMabaso.

 ??  ??
 ?? Isithombe: ANA ?? UMnu uThabiso Zulu
Isithombe: ANA UMnu uThabiso Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa