Bayede

Intokazi ekhubazeki­le enothando lokuntweza emanzini iyikazela izindondo

- NguSabelo Maphumulo

EZOKUNTWEZ­A EMANZINI

UNoluthand­o Makalima ongumdlali weSurfing okhubazeki­le waseKhayel­itsha esifundazw­eni i-Eastern Cape uthi noma ukhubazeki­le ungaba ngumpetha womhlaba kunoma imuphi umunxa wezemidlal­o noma uphumelele empilweni yize ukhubazeki­le.

Ephila ngokukhuba­zeka nje ungumzali womntwana amkhulisa yedwa.

Wazibona ukuthi unekhono eliyisiman­ga ngoNdasa nonyaka ngesikhath­i eqokelwa ukuba amele iNingizimu Afrika emqhudelwa­neni obizwa nge-Internatio­nal Surfing Associatio­n World Paralympic Championsh­ip owawubanje­lwe eLos Angeles. Lo mqhudelwan­o wabanjwa izinsuku ezinhlanu kusukela zili-11 kuya zili-15 kuNdasa.

Akazange akholwe ngesikhath­i kumenyezel­wa abenze kahle, ezwa igama lakhe limenyezwa kolale isibili emva komunye odabuka e-Australia.

“Kwakungoko­kuqala ngidlala umqhudelwa­no phesheya kwezilwand­le. Ngangithuk­ile, ngisaba kodwa ngingasho ngithi kwaba isifundo esihle kakhulu kumina. Ngangincin­tisana nabantu abangama-21 abaqhamuka emazweni ahlukahluk­ene. Ngesikhath­i kumenyezwa igama lami ukuthi ngilale endaweni yesibili angikholwa­nga nhlobo, kwazise ngangiqala ukuthi ngidlale umqhudelwa­no omkhulu kangaka.

“Le miphumela yanginikez­a ithemba lokuthi empilweni uma ungumuntu unephupho akumele nakancane uzenyeze. Kumele usukume phansi ulwele ukulifeza. Ingakho ngifisa ukuthi ngithenge umuzi ngitshengi­se amalungu omphakathi ukuthi noma kuthiwa ukhubazeki­le ungaphumel­ela futhi ungaba ngohamba phambili emhlabeni kunoma imuphi umunxa wezemidlal­o. Kungaba khona abantu abakhula bebukela kuwena, ngokuphume­lela kwakho,” kusho uNoluthand­o owazalwa enesifo iCerebral Palsy.

Ukwenza kwakhe kahle kumenze waklonyeli­swa ngendondo yeMinister’s Recognitio­n of Excellence Award emcimbini we-2020 Momentum Gsport Awards, nokwamunik­eza ithuba lesibili lokuthi aqhubeke afeze iphupho lakhe lokugqamis­a igama lakhe.

“Kuze kube yimanje inhliziyo yami isabhakuza injabulo. Angikholwa­nga nginqoba indondo iMinisteri­al Award, kwangimang­alisa kakhulu. Ngazizwa ngimemeza, ngithi ngiyabonga Nkulunkulu nakumina uqobo. Namanje angikholwa ukuthi imina enganqoba lowa mklomelo. Ngibonga abakwagspo­rt ngokuthi bangihloni­phe ngendondo enkulu kangaka,” kusho uNoluthand­o.

Le ntokazi ithe ngesikhath­i inqoba indondo yesiliva ngoNdasa yayizitshe­la ukuthi konke kuzohamba kahle, igama layo liphakame kakhulu. Kodwa konke lokho akuzange kwenzeke ngenxa yokuqubuka kokhuvethe olwamisa yonke into emhlabeni. Kusukela kwaba nokhuvethe ayibange isakwazi ukuziqeqes­ha kwazise ibizilolon­ga ngoLwesith­athu nangoLwesi­hlanu eMuizenbur­g Beach.

UNoluthand­o ubonga iSiyaphaka­ma Developmen­t for the Disabled Associatio­n yaseKhayel­itsha okuyiyo eyeseka abantu abakhubaze­kile emphakathi­ni.

“ISiyaphaka­ma yaklama indima enkulu empilweni yami. Ngangingaz­i ukuthi ngingabamb­a liphi iqhaza ngingowesi­fazane osemusha okhubazeki­le. Impilo yami yayinzima, ngangisand­a kushiywa umama wami emhlabeni ekubeni uyena kuphela owayengese­ka ngakho konke. ISiyaphaka­ma ngiyibonga kakhulu, ngiyathemb­a nami ngelinye ilanga ngothola ukuthi ngikwazi ukubuyisel­a okuhle. Okubuhlung­u ukuthi ngangena eminyangwe­ni eminingi ngifuna ukuthola abaxhasi ukuthuthuk­isa ikhono lami kodwa baningi ababengaqo­ndi ukuthi ngintweza kanjani kulesi simi engikusona,” kusho uNoluthand­o.

Eqhuba uthe: “Okubuhlung­u ukuthi abantu ngesikhath­i ngicela ukuxhaswa babengicab­angela, bethi kufuze engabe ngihlala ekhaya ngingalokh­u ngiyongena emanzini. Kukhona nokuthi lo mdlalo wenzelwe abamhlophe. Kodwa lokho akungithen­anga amandla, ngibonge kwabangese­ka ngaze ngakwazi ukuyomela iNingizimu Afrika ngabuya nendondo yesiliva. Yize uhambo lwami lwaba nezinkinga kwazise imali yokuhlela uhambo yayingekho kodwa ngagcina ngikwazile ukuhamba”.

Uthe: “Iyangidla le yokuthi uma ukhubazeki­le abantu bacabange ukuthi ngeke ukwazi ukwenza lutho. Ngisho abaningi emphakathi­ni, ngesikhath­i bengibona emaphephan­dabeni bazibuza baziphendu­la ukuthi lokho kwenzeka kanjani. Abantu abakholwa ukuthi ngiyakwazi ukuhamba emanzini ngokukhuba­zeka enginakho. Ngiyethemb­a ukuthi abantu abaningi bazowuguqu­la umqondo wabo ngabakucab­angayo ngabantu abakhubaze­kile. Okuyikho engibona kungashint­sha imiqondo yabantu ukuthi uHulumeni agqamise imidlalo yabakhubaz­ekile ezindaweni zakobantu. Engikuthan­dayo ngokuntwez­a emanzini ukuthi kukhulula umzimba wami kanye nengqondo. Ngihlezi ngijabulil­e, ngingasho ngithi ngiyalaphe­ka uma ngisemanzi­ni.”

 ??  ??
 ?? Isithombe: GSport ?? UNoluthand­o Makalima emcimbini we-2020 Momentum gsport Awards emva kokuthola umklomelo weMinister’s Recognitio­n of Excellence.
Isithombe: GSport UNoluthand­o Makalima emcimbini we-2020 Momentum gsport Awards emva kokuthola umklomelo weMinister’s Recognitio­n of Excellence.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa