Uyamemeza OkaNdaba: ISILO sithi akugxilwe kwezokuphepha emakhaya
UBukhosi ekhaleni lempi Ingonyama Trust izohlela umhlangano wezokuphepha emphakathini
INgonyama kaZulu isiphawulile ngokuphepha ezindaweni ezingaphansi koBukhosi kweleNdlovukazi uMthaniya. Lokhu Omdala ukuphawule emcimbini wokwamukela ibutho leZitoyitoyi okuyintsha ebiqeqeshwa uMbutho wamaPhoyisa kulezi zinyanga ezedlule. Leli butho ngokusho kweSILO lizokwandiswa lisatshalaliswe kulo lonke eleNdlovukazi.
“Namuhla sethula isolomuzi, iZitoyitoyi, lokhu sikwethula ngokubambisana namaphoyisa. Leli butho omlando walo njengoba ngishilo utholakala cishe kuwo wonke aMakhosi, uzoqinisekisa phakathi kokunye ukuphepha eNdlunkulu kanye nasezindaweni zasemakhaya. Kuyisifiso sami ukuthi lokhu esikwenza lapha kuphindaphindeke kuwo wonke aMakhosi kweleNdlovukazi uMthaniya. Ngaphandle kokuthi sibone ukwanda kokubulawa sakusocongwa kwaMakhosi, nemiphakathi yasemakhaya ihleli lubhojozi. IZitoyitoyi lezi ziqhamuke ngesikhathi lapho uBukhosi engiyinhloko yabo kumele buhole ezokuphepha ezindaweni zasemakhaya,” kuphefumula Ongangezwe Lakhe.
Uqhuebeke wathi: “Sihlale sizwa futhi sikhuza ngokubulawa kwabalimi abamnyama nabamhlophe, kepha kuncane okukhulunywa ngokuphepha kwazo zonke izakhamuzi zasemakhaya nezingaphansi koBukhosi. Ngisasho njengoba ngihlale ngisho ukuthi ngeke kunyakaze lutho ezindaweni zaMakhosi uma uBukhosi bungabandakanywa. Lokhu angikusho lapha eNingizimu
Afrika kuphela kepha ngikubhekise ezwenikazi i-Afrika,” kusho iMbube.
Sifika lapha nje iSILO besike sakhuluma ngomunyu ngalokho esithi kusiphethe kabi kule minyaka yokubusa kwaso.
“Ngiyafisa ngalesi sikhathi ngiphawule ngento engenza ngibe namahloni ngisho ukubizwa ngeNkosi yenu. Kule minyaka engama-49 ayikho into engibangela amahloni njengokuzwa ubulwane obuhlasele abanye besilisa phakathi kwethu. Lezi akuzona izenzo zamadoda njengoba kuhlale kubikwa kepha yizenzo zobunswelaboya. Yebo laba abenza lokhu akusebantu, yizilwane uqobo lwazo. Ngonjani umuntu odlwengula usana nesalukazi? Ngonjani obulala owesifazane ozithwele angagcini lapho kepha aphinde amkhunge emthini amshiye elenga. Ngonjani umzali othi angadinwa aqobe izingane nomfazi abashiye beyizicucu aqede lapho naye azibulale?” kubuza iSILO.
Lezi zinkinga ngokweSILO azenzeki emadolobheni kuphela kepha seziyanda nasemakhaya. Khona lapho sikhale ngokuthi umsebenzi wamaphoyisa ubuye wenzelwe phansi izinqumo zezinkantolo.
“Okuphazamisayo kulokhu wukuthi athi amaphoyisa esesebenze ubusuku nemini ethungatha inswelaboya bese iya nje usuku olulodwa enkantolo bese ibuyela emphakathini. Ngiyawakhalela amaphoyisa ngalokhu ngoba umsebenzi wawo uphenduka izithukuthuku zengcanga uqobo,” kusho Omdala.
Khona lapho ingcabha ube eseyikhomba nakuwo umphakathi ikakhulukazi amadoda. “Umbuzo omqoka wukuthi kwenzeka konke nje lokhu akuphi amadoda?
Selingaphathwa ngamathimboxo nezinswelaboya kuthulwe nje Zulu? Niyawesaba yini la mathimboxo? Ingani akhona lapha phakathi kwethu, ayizingane zethu nezihlobo zethu. Kulindweni kawasondezwa ngani kuxoxwe nawo? Awu madoda akwaZulu senaba yiminqolo nje kuphathwa abafazi, izintombi nezingane zenu kabuhlungu kanjena.
“Anginazi mina ninjena, nizalwa ngobani ngempela. Mina ngazi uZulu okuthi uma ehlatshwe yiva bese eyazibangula khona lapho. Yiva phela leli, lezi zichwensi zidinga ukubangulwa kuthule kuthi du. Amaphoyisa lawa ake ayobheka laba abeba imali bese laba abahlukumezayo nabadlwengulwayo bashiywe nathi,” kububula iMbube Yomhlaba.
Ibe isithembisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa okuthile. “Ngiyathembisa Ndosi uma nje singanikwa noma izinsukwana kungathi kuqala unyaka omusha kube sekushaya umoya. Lapha KwaZulu ake sibe yisibonelo ukuthi izintwala sizichoba kanjani. Zintwala phela lezi, yimigodoyi nje okumele singavumi ichanase emakhanda ethu. Sekuzolokhu kukhulunywa into eyodwa yezishimane? Ngeke phela siyofa nini Ndosi? Kanti Mageba sihleli asifi nje sihlalele ukuzwa nokubona amanyala egilwa zigwadi zezishimane?
Ingomboco yezokuphepha
OMdala udonse uHulumeni ngendlebe ekutheni angalokothi enze izinhlelo ezindaweni zasemakhaya ngaphandle kwaMakhosi nezinhlaka zoBukhosi. Ube esejuba abeBhodi le-Ingonyama Trust ukuba bahlele umhlangano ophuthumayo wezokuphepha.
“Ngisakusho ukuthi umsebenzi wamaphoyisa kanjalo nemikhankaso yezokuphepha emakhaya ngeke inyakaze bungekho uBukhosi. Yikho njengeNkosi yesizwe esikhulu kuleli kanye noSihlalo we-Ingonyama Trust ngijuba iBhodi lami eliholwa nguMehluleli uNgwenya ukuba ngokubambisana noMnyango WezamaPhoyisa kuzwelonke nasesifundazweni ukuba bahlele umhlangano ozobheka ezokuphepha emakhaya KwaZulu-Natal. Bengingafisa ukuba lo mhlangano ube ngonyaka ozayo ngoMbasa. Kulo mhlangano aMakhosi, izinhlaka zoBukhosi, amalungu omphakathi ikakhulukazi intsha nabesifazane, uHulumeni kanye namaphoyisa kumele bahlanganise amakhanda ngezokuphepha emakhaya,” kusho iMbube.
Odabeni lwezokuphepha uKhomishana wamaPhoyisa, uJenene uSithole unanele kokushiwo yiSILO. “Kuyishwa ukuthi kufanele siphile nabantu ezweni lethu abangawugcini umthetho futhi abangakuhloniphi okuyigunya lokubusa koMbuso. Ngakhoke kuphoqelekile ukuthi umphakathi kufanele ubuthwe futhi uvume ukuthi usize amaphoyisa ekulweni nobugebengu sibuye sisebenzise zonke izinsiza ezikhona ukuqinisekisa ukusunguleka kokwakheka komphakathi onamasu agxile ekungeneleleni ekuqapheni okuzosiza ekufezeni inhloso yokuqeda ubugebengu. Lokhu kungenzeka ngezinhlelo ezihambisanayo ezibhekela amaqhinga okuphepha,” kusho uJenene.
Ube esechaza ukuthi ngokwesiphoyisa lolu hlelo lokubuthwa kwabazoqinisa ezokuphepha emakhaya luxhumaphi ezinhlelweni zabo.
“Umbutho, iSouth African Police Service, usubone isidingo sokwandisa ezokuphepha eZigodlweni ngokubonakala kokwanda kwezigameko zobugebengu kanye nokugulukudela okwenzeka eZigodlweni. Ukukhula kwezigameko zobugebengu kuphosele inselelo amandla ombutho iSAPS ukuba ubhekane namazinga obugebengu kanye namandla esiphoyisa kudingeke ukuba enyuswe ngokusebenzisa ibutho ngokwakha amandla iReserve Policing. Ithimba elihlanganise iSAPS, i-Ingonyama Trust neNdlu yoBuholi BoMdabu Besifundazwe lakhiwe ukuze libhekane nezinhloso nokuqinisekisa ukuthi kwakhiwe Abaqaphi BaseNdlunkulu (iZitoyitoyi).
“IZitoyitoyi ezilikhulu sesiqeqeshiwe ngokusemthethweni esikhungweni samaphoyisa iSAPS Academy zizoviliyela eMbusweni kaZulu emcimbini wezindondo ozobe wenganyelwe yiSILO. Eminye yemisebenzi ezizoyenza (iZitoyitoyi) yilena:
Ukugcinwa komthetho nokuziphatha ngokuba yiso nendlebe kwamaphoyisa.
Ukuphendula emibikweni yokwephulwa komthetho ngokoMthetho Wenqubo Ngobugebengu we-1977 (uMthetho uNombolo 51 we-1977)
Ukuya lapho kunobugebengu obusolisayo njengokubika komphakathi;
Ukubika zonke izigameko eziphathelene nobugebengu kuKhomanda Wesigceme noma kuMxhumanisi Wezokuphepha Emakhaya; kanye
Nokwandisa ukusebenza ukuze kwenezezele emisebenzini yobuphoyisa nokwandisa ukubonakala kwabezomthetho,” kuchaza uJenene.