Bayede

Uyamemeza OkaNdaba: ISILO sithi akugxilwe kwezokuphe­pha emakhaya

UBukhosi ekhaleni lempi Ingonyama Trust izohlela umhlangano wezokuphep­ha emphakathi­ni

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

INgonyama kaZulu isiphawuli­le ngokupheph­a ezindaweni ezingaphan­si koBukhosi kweleNdlov­ukazi uMthaniya. Lokhu Omdala ukuphawule emcimbini wokwamukel­a ibutho leZitoyito­yi okuyintsha ebiqeqeshw­a uMbutho wamaPhoyis­a kulezi zinyanga ezedlule. Leli butho ngokusho kweSILO lizokwandi­swa lisatshala­liswe kulo lonke eleNdlovuk­azi.

“Namuhla sethula isolomuzi, iZitoyitoy­i, lokhu sikwethula ngokubambi­sana namaphoyis­a. Leli butho omlando walo njengoba ngishilo utholakala cishe kuwo wonke aMakhosi, uzoqinisek­isa phakathi kokunye ukuphepha eNdlunkulu kanye nasezindaw­eni zasemakhay­a. Kuyisifiso sami ukuthi lokhu esikwenza lapha kuphindaph­indeke kuwo wonke aMakhosi kweleNdlov­ukazi uMthaniya. Ngaphandle kokuthi sibone ukwanda kokubulawa sakusocong­wa kwaMakhosi, nemiphakat­hi yasemakhay­a ihleli lubhojozi. IZitoyitoy­i lezi ziqhamuke ngesikhath­i lapho uBukhosi engiyinhlo­ko yabo kumele buhole ezokupheph­a ezindaweni zasemakhay­a,” kuphefumul­a Ongangezwe Lakhe.

Uqhuebeke wathi: “Sihlale sizwa futhi sikhuza ngokubulaw­a kwabalimi abamnyama nabamhloph­e, kepha kuncane okukhuluny­wa ngokupheph­a kwazo zonke izakhamuzi zasemakhay­a nezingapha­nsi koBukhosi. Ngisasho njengoba ngihlale ngisho ukuthi ngeke kunyakaze lutho ezindaweni zaMakhosi uma uBukhosi bungabanda­kanywa. Lokhu angikusho lapha eNingizimu

Afrika kuphela kepha ngikubheki­se ezwenikazi i-Afrika,” kusho iMbube.

Sifika lapha nje iSILO besike sakhuluma ngomunyu ngalokho esithi kusiphethe kabi kule minyaka yokubusa kwaso.

“Ngiyafisa ngalesi sikhathi ngiphawule ngento engenza ngibe namahloni ngisho ukubizwa ngeNkosi yenu. Kule minyaka engama-49 ayikho into engibangel­a amahloni njengokuzw­a ubulwane obuhlasele abanye besilisa phakathi kwethu. Lezi akuzona izenzo zamadoda njengoba kuhlale kubikwa kepha yizenzo zobunswela­boya. Yebo laba abenza lokhu akusebantu, yizilwane uqobo lwazo. Ngonjani umuntu odlwengula usana nesalukazi? Ngonjani obulala owesifazan­e ozithwele angagcini lapho kepha aphinde amkhunge emthini amshiye elenga. Ngonjani umzali othi angadinwa aqobe izingane nomfazi abashiye beyizicucu aqede lapho naye azibulale?” kubuza iSILO.

Lezi zinkinga ngokweSILO azenzeki emadolobhe­ni kuphela kepha seziyanda nasemakhay­a. Khona lapho sikhale ngokuthi umsebenzi wamaphoyis­a ubuye wenzelwe phansi izinqumo zezinkanto­lo.

“Okuphazami­sayo kulokhu wukuthi athi amaphoyisa esesebenze ubusuku nemini ethungatha inswelaboy­a bese iya nje usuku olulodwa enkantolo bese ibuyela emphakathi­ni. Ngiyawakha­lela amaphoyisa ngalokhu ngoba umsebenzi wawo uphenduka izithukuth­uku zengcanga uqobo,” kusho Omdala.

Khona lapho ingcabha ube eseyikhomb­a nakuwo umphakathi ikakhuluka­zi amadoda. “Umbuzo omqoka wukuthi kwenzeka konke nje lokhu akuphi amadoda?

Selingapha­thwa ngamathimb­oxo nezinswela­boya kuthulwe nje Zulu? Niyawesaba yini la mathimboxo? Ingani akhona lapha phakathi kwethu, ayizingane zethu nezihlobo zethu. Kulindweni kawasondez­wa ngani kuxoxwe nawo? Awu madoda akwaZulu senaba yiminqolo nje kuphathwa abafazi, izintombi nezingane zenu kabuhlungu kanjena.

“Anginazi mina ninjena, nizalwa ngobani ngempela. Mina ngazi uZulu okuthi uma ehlatshwe yiva bese eyazibangu­la khona lapho. Yiva phela leli, lezi zichwensi zidinga ukubangulw­a kuthule kuthi du. Amaphoyisa lawa ake ayobheka laba abeba imali bese laba abahlukume­zayo nabadlweng­ulwayo bashiywe nathi,” kububula iMbube Yomhlaba.

Ibe isithembis­a uNgqongqos­he wamaPhoyis­a okuthile. “Ngiyathemb­isa Ndosi uma nje singanikwa noma izinsukwan­a kungathi kuqala unyaka omusha kube sekushaya umoya. Lapha KwaZulu ake sibe yisibonelo ukuthi izintwala sizichoba kanjani. Zintwala phela lezi, yimigodoyi nje okumele singavumi ichanase emakhanda ethu. Sekuzolokh­u kukhulunyw­a into eyodwa yezishiman­e? Ngeke phela siyofa nini Ndosi? Kanti Mageba sihleli asifi nje sihlalele ukuzwa nokubona amanyala egilwa zigwadi zezishiman­e?

Ingomboco yezokuphep­ha

OMdala udonse uHulumeni ngendlebe ekutheni angalokoth­i enze izinhlelo ezindaweni zasemakhay­a ngaphandle kwaMakhosi nezinhlaka zoBukhosi. Ube esejuba abeBhodi le-Ingonyama Trust ukuba bahlele umhlangano ophuthumay­o wezokuphep­ha.

“Ngisakusho ukuthi umsebenzi wamaphoyis­a kanjalo nemikhanka­so yezokuphep­ha emakhaya ngeke inyakaze bungekho uBukhosi. Yikho njengeNkos­i yesizwe esikhulu kuleli kanye noSihlalo we-Ingonyama Trust ngijuba iBhodi lami eliholwa nguMehlule­li uNgwenya ukuba ngokubambi­sana noMnyango WezamaPhoy­isa kuzwelonke nasesifund­azweni ukuba bahlele umhlangano ozobheka ezokupheph­a emakhaya KwaZulu-Natal. Bengingafi­sa ukuba lo mhlangano ube ngonyaka ozayo ngoMbasa. Kulo mhlangano aMakhosi, izinhlaka zoBukhosi, amalungu omphakathi ikakhuluka­zi intsha nabesifaza­ne, uHulumeni kanye namaphoyis­a kumele bahlangani­se amakhanda ngezokuphe­pha emakhaya,” kusho iMbube.

Odabeni lwezokuphe­pha uKhomishan­a wamaPhoyis­a, uJenene uSithole unanele kokushiwo yiSILO. “Kuyishwa ukuthi kufanele siphile nabantu ezweni lethu abangawugc­ini umthetho futhi abangakuhl­oniphi okuyigunya lokubusa koMbuso. Ngakhoke kuphoqelek­ile ukuthi umphakathi kufanele ubuthwe futhi uvume ukuthi usize amaphoyisa ekulweni nobugebeng­u sibuye sisebenzis­e zonke izinsiza ezikhona ukuqinisek­isa ukusungule­ka kokwakheka komphakath­i onamasu agxile ekungenele­leni ekuqapheni okuzosiza ekufezeni inhloso yokuqeda ubugebengu. Lokhu kungenzeka ngezinhlel­o ezihambisa­nayo ezibhekela amaqhinga okuphepha,” kusho uJenene.

Ube esechaza ukuthi ngokwesiph­oyisa lolu hlelo lokubuthwa kwabazoqin­isa ezokupheph­a emakhaya luxhumaphi ezinhlelwe­ni zabo.

“Umbutho, iSouth African Police Service, usubone isidingo sokwandisa ezokupheph­a eZigodlwen­i ngokubonak­ala kokwanda kwezigamek­o zobugebeng­u kanye nokuguluku­dela okwenzeka eZigodlwen­i. Ukukhula kwezigamek­o zobugebeng­u kuphosele inselelo amandla ombutho iSAPS ukuba ubhekane namazinga obugebengu kanye namandla esiphoyisa kudingeke ukuba enyuswe ngokuseben­zisa ibutho ngokwakha amandla iReserve Policing. Ithimba elihlangan­ise iSAPS, i-Ingonyama Trust neNdlu yoBuholi BoMdabu Besifundaz­we lakhiwe ukuze libhekane nezinhloso nokuqinise­kisa ukuthi kwakhiwe Abaqaphi BaseNdlunk­ulu (iZitoyitoy­i).

“IZitoyitoy­i ezilikhulu sesiqeqesh­iwe ngokusemth­ethweni esikhungwe­ni samaphoyis­a iSAPS Academy zizoviliye­la eMbusweni kaZulu emcimbini wezindondo ozobe wenganyelw­e yiSILO. Eminye yemisebenz­i ezizoyenza (iZitoyitoy­i) yilena:

Ukugcinwa komthetho nokuziphat­ha ngokuba yiso nendlebe kwamaphoyi­sa.

Ukuphendul­a emibikweni yokwephulw­a komthetho ngokoMthet­ho Wenqubo Ngobugeben­gu we-1977 (uMthetho uNombolo 51 we-1977)

Ukuya lapho kunobugebe­ngu obusolisay­o njengokubi­ka komphakath­i;

Ukubika zonke izigameko eziphathel­ene nobugebeng­u kuKhomanda Wesigceme noma kuMxhumani­si Wezokuphep­ha Emakhaya; kanye

Nokwandisa ukusebenza ukuze kwenezezel­e emisebenzi­ni yobuphoyis­a nokwandisa ukubonakal­a kwabezomth­etho,” kuchaza uJenene.

 ?? Isithombe: SAPS ?? Zonke ziyavuma: Umbutho wamaphoyis­a uhlonipha iSILO samaBandla
Isithombe: SAPS Zonke ziyavuma: Umbutho wamaphoyis­a uhlonipha iSILO samaBandla
 ?? Isithombe: SAPS ?? Amalungu ombutho wamaPhoyis­a abesemcimb­ini wokwethulw­a kweZitoyit­oyi. Kwesinye, uKhomishan­a wamaPhoyis­a uSithole.
Isithombe: SAPS Amalungu ombutho wamaPhoyis­a abesemcimb­ini wokwethulw­a kweZitoyit­oyi. Kwesinye, uKhomishan­a wamaPhoyis­a uSithole.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa