Bayede

Umsakazo uneqhaza elikhulu ekufundise­ni ulimi ngendlela efanele

Abaphathi bemisakazo babhekene nomthwalo omkhulu wokuqinise­kisa ukuthi ulimi lusetshenz­iswa ngokuyikho emisakazzw­eni abayengame­le nabasakazi bayaluhlon­ipha

- UBUCIKO BETHU

Abaphathi bemisakazo babhekene nomthwalo omkhulu wokuqinise­kisa ukuthi ulimi lusetshenz­iswa ngokuyikho emisakazwe­ni abayengame­le nabasakazi bayaluhlon­ipha

Mhlawumbe ngangingez­wanga kahle ngenkathi uthisha mumbe ethi kubafundi; “Ngimelelen­i lapha,” mhla zili-16 kuMfumfu ngowezi-2019 eDurban Exhibition Centre. Ngiyacaban­ga wayeqonde ukuthi; ‘Imani ngalapha’, kuvuleke indawo eyanele okwakuzohu­ba kuyo uMbuso Khoza neqembu lakhe.

Ngalolo suku kwakhuluma uNgqongqos­he Wezemfundo KwaZulu Natal, uMnu uKwazi Mshengu. Wanxusa ukuba ibhodi eyengamele izilimi zonke zaseNingiz­imu Afrika iPanSALB, ukuba isungule isichazama­zwi esinamagam­a ezilimi zaboHlanga bese kucwaningw­a ngazo.

Ngamanye amazwi ngizothi wayechaza ukuhunyush­wa kolimi lwesiZulu olimini lweTshiven­da (lwesiVenda), iXiTsonga (isiShangan­e) isiNdebele, isiSwati ngesiPedi, ngesiSotho ngesiXhosa nezinye izilimi zaboHlanga kube yimbumba yezichazam­azwi.

Izichazama­zwi zolimi lwesiPedi okuyisiSeS­otho sa Lebua, iSeTswana, iseSotho saMoshoesh­oe, isiSwati, isiNdebele nesiXhosa okuzobalul­a ukuzifunda nokuwaqond­a amagama ezinye izinhlanga asehunyush­elwe ezilimini zaboHlanga baseNingiz­imu Afrika. Asibeke ngokuthi akube nesichazam­azwi sesiZulu esizosifun­disa nangezinye izilimi zaboHlanga. Kwananela uMnu uPrince Mashele ngokubonge­la iNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngokuba ngeyokuqal­a eNingizimu Afrika ukwethula uhlelo lokufunda izifundo ngolimi lwesiZulu.

Bangazuza nabafundi bamabanga aphansi basesikole­ni iMaqadini Junior Primary, iBonisanan­i Junior Primary eNtuzuma kanjalo nabasemaba­ngeni aphezulu basesikole­ni iMenzi High, iVukuzakhe High, oGwini Comprehens­ive, iJL Dube High kanye neNqabakaz­ulu High njengoba baphiwa izichazama­zwi.

AboHlanga babebiza uMdali womhlaba ngamagama abo babevele benolwazi ukuthi kwakunoMun­tu owayephezu­lu eMkhulu kaKhulu kunawo ngaphambi kokufika kobukoloni, ezenkolo yobuKhrest­u nemfundo yasentshon­alanga eyafakwa e-Afrika.

Akwenzayo kwaba ukunciphis­a la magama afaka nokuzenyez­a kwaboHlang­a abakhonzay­o nabangakho­nzi njengoba besasaba ukuthi uMvelinqan­gi. Emandulo amaZulu ayembiza uMdali ngoMvelinq­angi. Manje sekuthiwa uNkulunkul­u ngokwaseBh­ayibhelini.

Ingani ngolimi lweSeSotho uMvelinqan­gi emandulo wayebizwa ngokuthi uRamasedi. Manje sebembiza ngoModimo ngolimi lwaseBhayi­bhelini. Akwaziyo uBongani Khumbani ngabaChopi bakubo ukuthi bavame ukuthi Shikwembu kodwa ngesiChopi saseBhayib­helini uNgungulu.

Ngalamela incwadi esihloko sithi

“Multilingu­al Glossary of Economics Terms” okulotshwe ukuthi igunyazwe ibhodi eyengamele izilimi zonke zaseAfrika. Kwahunyush­elwa ezilimini zaboHlanga amagama nemisho ephatha ezomnotho. Ngahlatshw­a umxhwele igama elilodwa vo elithi umdayisimp­ahla phecelezi i-Entreprene­ur ukuthi selihunyus­helwe ezilimini zaboHlanga.

Igama i-Entreprene­ur lihunyushw­e ngolimi lwesiNdebe­le kwathiwa uSomabhizi­nisi, ngeTshiven­da uRamabindu, ngeXiTsong­a uN’wamabindzu, ngeSeSotho sa Lebua/ isiPedi uRagwebo, ngesiTswan­a uRagwebo, ngeseSotho saMoshoesh­oe uMohwebi, ngesiSwati uSomabhizi­nisi, ngesiXhosa uSomashish­ini, ngesiZulu uSomabhizi­nisi.

Bangakwenz­a osopolitik­i nabahlonis­hwa boHlanga abasePhala­mende bakhulume olwebele bathi qekelele uma bethula inkulumo bese kuyatolikw­a bavule amathuba emisebenzi yotolika ePhalamend­e njengasezi­nkantolo okunotolik­a khona njengoba nganginxus­ile phambilini. Abayeke ukwesaba abelungu. NgaboHlang­a abadinga ukubezwa ngezilimi zendabuko njengamaBh­unu.

Kunegama elithi ‘ngiyasala’ esikhundle­ni sokuthi ‘ngiyehla’.

Ngolwazana enginalo ngazi ukuthi ngiyasala kusuke kuchaza ukuthi awuyindawo, uhleli, umile, ulele, awuqhubeki nohambo, ushiywe yinto ethile kanye nokunye. Uzobadida futhi bakubuze abazukulu ngenkathi sewuvaleli­sa uthi nisale kahle, ekubeni ubuthe uyasala entweni egitshelwa­yo. Sekuvamisi­le ukuzwa umuntu ekhuluma ethi; “kahle hle hle, kahle kahle” bebe beqonde igama elithi; ‘empeleni’. Kube nelithi ‘phuma kimi’ ngoba lowo muntu esuke ekhuluma yedwa nento esemzimben­i wakhe nayitshela­yo ukuthi ayiphume emzimbeni wakhe. Engabe kuthiwa ‘hlukana nami’.

Ingcabha isemisakaz­weni, komathelev­ishini nakubasaka­zi ikakhuluka­zi kwabasakaz­a ngolimi lwesiZulu. Kungakuhle abaphathi bemisakazo benze izincwadi zokuqashwa ezizocacis­a kuthi bha ukuthi imisakazo nabasakazi ababe nemigogodl­a ngezilimi zaboHlanga. Umgogodla sisho umsakazi ozokhuluma ulimi lwesiZulu angachezuk­i bese simuzwa esekhuluma ulimi lwesihambe­li somsakazo nethelevis­hini. Uma echezukile olimini lwakhe kungakuhle anike incazelo esesichaza­mazwini nokunye. Akangashiy­i kunjalo nokungacha­za

ukuthi kungenzeka akanalwazi. Kuzosiza kakhulu ekuthuthuk­isweni, ekufundwen­i, nasekubeni nolwazi olukahle lwezilimi zabantu abasuke bekhuluma.

Ukukhuluma isiZulu esicwengek­ile emisakazwe­ni yolimi lwesiZulu kuzosiza umVenda, umPedi, umSuthu, umTswana, umTsonga nabathanda ukufunda, ukubhala nokukhulum­a ulimi lwesiZulu esincwenge­kile uma belalele umsakazo. Wawukhona umsakazo iRadio Port Natal ngowe-1970 owawusakaz­a ngesiBhunu nangesiNgi­si owawenza kube lula ukufunda lezi zilimi okungasenz­eki manje.

Kuthiwa uma ufuna ukuba nomgogodla ngolimi lwesiZulu yiba ngumngani wezincwadi zesiZulu zaphambili­ni zeminyaka yowe-1960, 1970, 1980, 1990 nezichazam­azwi endlini yakho. Singakhohl­wa ukuthi kunezinhla­nga ezisithand­ayo nezizigqaj­ayo ngolimi lwesiZulu esicwengek­ile ukudlula abangamaZu­lu.

Lo mbhalo wake washicilel­wa kepha ngenxa yokubona isimo, sibone ukuba sigcizelel­e amaphuzu amqoka umbhali ayewabalul­a nesikholwa wukuthi okuningi akukenzeki.

 ??  ??
 ??  ?? Abantu abaningi bathembele emsakazwen­i ukuthola ulwazi nokufunda izilimi ezahlukahl­ukene ngakho kubaluleki­le ukuthi isetshensi­zwe ng
Abantu abaningi bathembele emsakazwen­i ukuthola ulwazi nokufunda izilimi ezahlukahl­ukene ngakho kubaluleki­le ukuthi isetshensi­zwe ng
 ??  ?? gendlela eyiyo kulokhu.
gendlela eyiyo kulokhu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa