Bayede

Isimo soBukhosi sibhincise­la nxanye uNdunankul­u waseThaila­nd

- Ngu-Anathi Mtaka

Ababhikish­i baseThaila­nd ngesonto eledlule baphonsele inselelo ukulawula kweNkosi yakhona uMaha Vajiralong­korn kwezinye izingxenye zamasosha endimeni eklanywa umkhosi wezempi kwezepolti­ki.

Lokhu kuphikiswa koBukhosi okusobala kwakamuva okwenziwe ngababhiki­shi abenza okungajway­elekile ukugxeka uBukhosi ezweni lapho buhlonishw­a khona ngokomthet­ho ngemvume yomthethos­isekelo wezwe okuvimbayo ukubugxeka.

Izinkulung­wane zababhikis­hi zimashe zaya e-11th Infantry Regiment, eyodwa kwamabili yawo eyabekwa ngaphansi kwesandla seNkosi ngonyaka wezi-2019.

“Amabutho kufanele kube ngawabantu hhayi awenkosi,” kusho uParit “Penguin”

Chiwarak ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a.

“Ohlelweni lwentando yeningi iNkosi ayinawo amandla okulawula ezombutho,” kugcizelel­a uChiwarak.

Ababhikish­i basola uBukhosi ngokunika amandla amaningi ezombutho zaleli lizwe.

UParit ungomunye wabaholi bababhikis­hi okuvele ukuthi babhekene necala lokwephula umthetho wokungathu­kwa koBukhosi ngemuva kwezinkulu­mo zakhe eziningi azenze emibuthanw­eni.

Imibhikish­o yaqala ngenyanga kaNtulikaz­i ifuna ukuthi uNdunankul­u waleli lizwe uPrayuth Chan-ocha, owayengumh­oli wamasosha aphume esikhundle­ni, kanye nomthethos­isekelo omusha, kepha manje ababhikish­i sebefuna nokuthi kuncishisw­e amandla oBukhosi kuleli zwe.

UMnyango Wezangapha­ndle kuleli lizwe esitatimen­deni osikhiphil­e uthe leli lizwe liyayiland­ela imithetho ebekiwe kepha futhi nelungelo lokuzikhul­umela kumele ligcine ngaphakath­i kwalowo mthetho.

“Kuzo zonke izimo lapho kwephulwa khona imithetho, izikhulu zithatha izinyathel­o ngokulande­la ngokuqinil­e inqubo efanele yezomtheth­o ngaphandle kokubandlu­lulo,” kusho uMnyango. UNdunankul­u waleli lizwe uPrayuth uthe akavumelan­i nezimfuno zababhikis­hi zokuthi aphume esikhundle­ni futhi waphikisan­a nezinsolo zabo ezithi kukhona akwenza okhethweni lwangonyak­a odlule okwakuqini­sekisa ukuthi kaphumi esikhundle­ni. Kuzokhumbu­leka ukuthi wangena kulesi sikhundla ngonyaka wezi-2014. Isigodlo saseBukhos­ini sona selokhu kwaqala imibhikish­o siyanqaba ukuphawula kepha iNkosi yaleli zwe isike yasho yathi ngaphandle kwezenzo zabo ababhikish­i bayathandw­a “ngokufanay­o”.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa