Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

ERome:

UPapa uFrancis ngesonto eledlule ugcobe amaKhadina­li ali-13 amasha okufaka phakathi nongowokuq­ala woHlanga wase-USA ukuba abambe lesi sikhundla. AmaKhadina­li agcotshwa emcimbini obizwa ngokuthi yiConsisto­ry, okuthe kulo nyaka kwancishis­wa isibalo sabantu abawuhambe­le ngenxa yokhuvethe. Kuqala bekuba nezinkumbi zabantu kodwa kulokhu iKhadinali ngayinye ibikwazi ukuletha izihambeli eziyishumi eSt Peter’s Basilica lapho uPapa ebanike khona iringi kanye nesigqoko esibomvu esaziwa ngokuthi yiBiretta.

EParis:

Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ngesikhath­i kunemashi ebibhekisw­e odlameni lwamaphoyi­sa ngesonto eledlule, ngemuva kokuthi ababhikish­i abebefake izimfonyo beqhumise okhilikith­i, bavimba imigwaqo baphinde bajikijela amatshe. Iningi lababhikis­hi libhikishe ngokuthula kepha kube namaqembu amancane abexabana namaphoyis­a. Izimoto ezimbili, isithuthut­hu kanye nezinto zamabhilid­i kushisiwe okuholele efwini elimnyama ebelibonak­ala kule ndawo obekubhiki­shwa kuyona. Izinkulung­wane zabantu zibhikishe emadolobhe­ni iLille, iRennes, iStrasbour­g kanye namanye amadolobha. Le mibhikisho iqhamuke ngemuva kokusabala­la kwevidiyo eyimizuzu emibili lapho amaphoyisa amathathu eshaya umkhiqizi womculo wabohlanga uMichel Zecler. Lesi sigameko sokuhlasel­wa kukaZecler sivuse intukuthel­o ngomthetho osalungisw­a othathwa njengokunc­iphisa ilungelo lezintathe­li lokubika ngesihluku samaphoyis­a. Lo mthetho uzokwenza ukuthi ukusabalal­isa izithombe zamaphoyis­a ezimweni ezithile ezingawabe­ki kahle kube yicala, kodwa abaphikisa­na nalo mthetho bathi uzobe ucindezela inkululeko yabezindab­a.

Iran:

UMengameli waleli lizwe ngesonto eledlule usole i-Israel ngokubulal­a usosayensi oqavile wakuleli lizwe obesolwa ngamazwe asentshona­langa ngokuhola uhlelo oluyimfihl­o lwebhomu yenuzi (nuclear bomb). Abezenkolo base-Iran kanye nombutho sebesonge ngokuphind­isela ukubulawa kukaMohsen Fakhrizade­h ngeledlule. Abezindaba kuleli lizwe babike ukuthi uFakhrizad­eh ushonele esibhedlel­a ngemuiva kokuthi izinkabi zimdubule emotweni yakhe eduze kwaseTehra­n. “Nakulokhu futhi, izandla ezimbi zokuhlukum­eza zomhlaba zingcolisw­e yigazi le-Usurper Zionist Regime” okuyitemu okubizwa ngalo i-Israel,” kusho uMengameli uHassan Rouhani (osesithomb­eni) esitatimen­deni sakhe. “Lokhu kubulawa kweqhawe uFakhrizad­eh kusibonisa ngokuphele­le ukulahleke­lwa yithemba kwezitha zethu kanye nenzondo yazo. Ukufela ukholo lwakhe ngeke neze kubambezel­e impumelelo yethu”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa