Bayede

Iqinisa unswinyo i-USA kwezokundi­za nezombutho zaseChina

- Ngu-Anathi Mtaka

UHulumeni kaTrump sekuseduze ukuthi umemezele ukuthi i-Aerospace yaseChina kanye nezinye izinkampan­i zakuleli lizwe banobudlel­wano nezombutho, lokhu kuzochaza ukuthi lezi zinkampani zizovinjel­wa ukuthenga izimpahla kanye nobuchweph­eshe base-USA. Lokhu kuveze uhlu olutholwe ngabezinda­ba kodwa olungakaqi­nisekiswa.

Uma lolu hlu luqiniseki­swa lokhu kungakhuph­ula ukungezwan­i kwezohwebo neBeijing, inhlokodol­obha yaseChina, futhi kulimaze izinkampan­i zase-USA ezithengis­a izingxenye zezindiza zomphakath­i eChina kanye nezinye izimboni.

Okhulumela uMnyango Wezohwebo e-USA okuyiwo obhale lolu hlu unqabile ukuphawula ngalolu daba.

Ekhuluma eBeijing okhulumela uNgqongqos­he Wezangapha­ndle eChina uZhao Lijian uthe: “SiyiChina siyaphikis­ana nalokhu kucindezel­wa kwezinkamp­ani zaseChina yi-USA, lokhu okwenziwa yileli lizwe kuphula kakhulu umthetho wokuncinti­sana kwezimaket­he kanye nezinkambi­so zamazwe omhlaba zokuhweba nokutshalw­a kwezimali i-USA ehlezi ithi iyakugcina futhi iyakuhloni­pha.”

Izinkampan­i zaseChina bezilokhu zisebenza ngokuhambi­sana nomthetho futhi zilandela ngokuqinil­e imithetho nezimiso zemithetho yamazwe ezisebenza kuwo, kufaka phakathi ne-USA.

ObenguMeng­ameli wase-USA uDonald Trump uqinise izenzo zakhe ezinyangen­i ezedlule eziqondisw­e kuChina, njengoba ezinsukwin­i eziyishumi ezedlule, wethule umyalo omkhulu owenqabela ukutshalwa kwezimali kwe-USA ezinkampan­ini zaseChina umbuso wakhe obuzibona ukuthi ziphethwe ngezombuth­o waseChina.

Uhlu lolu okulindwe ukuthi luqiniseki­swe luza ngemuva kokuthi uMnyango Wezohwebo unwebe incazelo ethi “military end user” ngenyanga kaMbasa. Lo mthetho wangoMbasa awubandaka­nyi kuphela ukuhlinzek­wa ngezikhali kanye namaphoyis­a ezwe, kepha nanoma yimuphi umuntu noma inhlangano esekela noma enikela ekunakekel­weni nasekukhiq­izweni kwezinto zombutho, noma ngabe ibhizinisi labo ngokuseben­za aligxilile kwezombuth­o.

Izindaba zalolu hlu ziqhamuke ngesikhath­i esinzima embonini yezokundiz­a zase-USA njengoba inkampani iBoeing ifuna ukuvunyelw­a yiChina ngebhanoyi labo i-737 MAX ngemuva kokuthi lamukelwe ngabalawul­i base-USA. Okhulumela le nkampani unqabile ukuphawula ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa