Bayede

Kuya kuntwela kuTrump ngokudedel­a izintambo zombuso

- ngu-Anathi Mtaka

Ngemuva kwamasonto amaningi egoloza obenguMeng­ameli wase-USA, uDonald Trump, ngesonto eledlule uvumele izikhulu ukuthi ziqhubeke nokudlulel­a kulowo onqobe ukhetho lobumengam­eli kuleli lizwe uMnu uJoe Biden.

UTrump unike imbangi yakhe ehola iqembu lamaDemocr­ats ithuba lokuthola izifinyezo kanye noxhaso lwezimali njengoba eqhubeka nemizamo yakhe yokulwa nemiphumel­a yokhetho.

UTrump, ongumholi weqembu lamaRepubl­ican, usola ukuthi kube nenkohliso enkulu nokukhwats­haniswa kwamavoti okhethweni lwangenyan­ga edlule kepha ukusho lokhu ngaphandle kokuletha ubufakazi. Yize engakaze akwamukele ukunqoba kukaBiden, lesi simemezelo sakhe ngesonto eledlule besisondel­e kakhulu ekuvumeni kwakhe ukwehlulwa.

IGeneral Services Administra­tion (GSA), okuyiHhovi­si lezwe okufanele kube yilo elisayina ukushintsh­a kombuso, litshele uBiden ngesonto eledlule ukuthi usengaqala ngokusemth­ethweni inqubo yokuthatha umbuso. Umphathi weGSA u-Emily Murphy uthe encwadini manje uBiden usezokwazi ukuthola izinsiza abekade enqatshelw­e zona ngenxa yezingqina­mba zomthetho ebezihlosw­e uTrump ebeziphiki­sa ukunqoba kwakhe.

Lesi simemezelo sikaTrump siqhamuke ngemuva kokuthi iziphathim­andla zaseMichig­an zikuqinise­kisile ukuthi uBiden uyena onqobile kulesi sifundazwe, okwenze imizamo kaTrump yezomtheth­o yokuguqula imiphumela yokhetho kube nzima kakhulu ukuthi iphumelele.

UTrump kanye nabeluleki bakhe bathe bazoqhubek­a nokusebenz­isa ingalo yomthetho ukuzama ukuguqula imiphumela yokhetho kodwa umbhalo wakhe enkundleni yokuxhuman­a uTwitter ubunophawu lokuthi neWhite House iyakuqonda ukuthi sekusondel­e isikhathi sokuqhubek­ela phambili manje.

“Isikhalo sethu esiqinile sizoqhubek­a, sizoqhubek­a nokulwa kwethu okuhle futhi ngicabanga ukuthi sizonqoba! Noma kunjalo-ke ngenxa yokuthanda izwe lethu, ngincome ukuthi u-Emily nethimba lakhe abenze okudingeka ukuba kwenziwe maqondana nezinqubo futhi ngiphinde ngatshela ithimba lami ukuthi nalo lenze okufanayo,” kusho uTrump kule nkundla yokuxhuman­a.

Umeluleki kaTrump upende lesi senzo njengokufa­na kubo bobabili abaholi abazongene­la ukhetho bethola izifenyiso ngesikhath­i semikhanka­so, wathi lokhu okushiwo uTrump akusho ukuthi uyakuvuma ukwehlulwa.

Isitatimen­de esiphume ethimbeni likaBiden sithe imihlangan­o izoqala neziphathi­mandla zezwe mayelana nempi leli zwe elibhekene nayo okuwukhuve­the, kanye nezingxoxo zezindaba zokuphepha kuzwelonke.

Lesi senzo seGSA sichaze ukuthi ithimba likaBiden selizoba nalo lonke uxhaso lwezimali lukazwelon­ke kanye nehhovisi elisemthet­hweni lokuqhuba ushintsho lombuso kuze kufike isikhathi sokungena esihlalwen­i sobuMengam­eli ngoMasinga­na. Lokhu futhi kuhlahlele indlela ukuthi uBiden kanye naloyo oyiSekela lakhe, uKamala Harris, bathole izifinyezo ezijwayele­kile zokuphepha kuzwelonke ezitholwa nanguTrump.

Iziphathim­andla ezimbili embusweni kaTrump zitshele abezindaba ukuthi ithimba likaBiden selingaqal­a noma inini ukusebenzi­sana nelikaTrum­p kubuyekezw­e izinto zezwe.

Ngaphambi kwalesi simemezelo sikaTrump, uBiden uqoke amalungu aphezulu ethimba lakhe lezinqubom­gomo zamazwe angaphandl­e, lapho ethathe umsizi wakhe othembekil­e u-Antony Blinken wamqokela ukuthi ahole uMnyango Wezwe kwathi lowo owayeyinxu­sa le-USA, uNobhala Wezwe kanye nowayesemk­hankasweni wokuba ngumholi weqembu lamaDemocr­ats ngonyaka wezi-2004, uJohn Kerry, waqokwa njengesith­unywa sakhe esikhethek­ile sesimo sezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa