Bayede

OMdala nesexwayis­o ngokuzayo ezweni

-

“Kule minyaka engama-49 sengiseben­ze noHulumeni kanye nabaholi abehlukene. Ulwazi lwami ngokubuswa kwezwe ngiyakholw­a ukuthi lungazuzis­a abaningi, inqobo nje uma abantu bekulalela engibacebi­sa ngakho. Njengomunt­u omdala ngiyazibon­a izimo ziseza kude le. Kusuka odabeni lwengculaz­a, ukhuvethe nobugebeng­u jikelele ngiphawuli­le ngakho,” lawa ngamagama iSILO esendlalel­e ngawo isexwayiso ebesibheki­swe kubaholi nomphakath­i waseNingiz­imu Afrika.

“Namuhla ngiboniswa ubunzima obukhulu obuzokhung­atha izwe. Lobu bunzima buzodalwa wukuqhelel­ana phakathi kukaHulume­ni kanye nezakhamuz­i. Ubudlelwan­o lobu buzoqhubek­a bube bubi nokungahle kwenze iNingizimu Afrika ifane namanye amazwe e-Afrika. Lokhu angikusho ngoba ngithi singcono kunalawa amanye amazwe kepha thina sanikwa ithuba elanele lokubona amaphutha enziwa ngabanye abaholi, oHulumeni kanye namazwe. Okubuhlung­u wukuthi eminyakeni emibili ezayo sizokwenza wona la maphutha esawabona kwabanye.”

Siqhube sathi: “Inkulumo yesiZulu ithi; ‘Kuhlonishw­ana kakabili’. Kumqoka ukuthi uHulumeni azihloniph­e izakhamuzi. Uzobuza omunye ukuthi lokhu uHulumeni angakwenza kanjani? Isenzo sokuqala ekuhloniph­eni izakhamuzi wukuzihlon­ipha kwakhe uHulumeni. Agweme inkohlakal­o namachilo esihlale sifunda ngawo. UHulumeni njengophat­hiswe ngabantu umbuso kanye namafa esizwe kumele lokho akwenze ngokwethem­beka. Isithunzi sikaHulume­ni silele ekuziphath­eni kwalabo abaqokelwe ezikhundle­ni eziphezulu. Esikuzwayo kubikwa ngabathile kuHulumeni akusijabul­isi. Lesi simo singalungi­swa uma nje abaholi bengazinuk­a amakhwapha bese bezisika insumpa,” kusho iSILO.

Sibe sesiphendu­kela emphakathi­ni, sathi: “Ngokufanay­o kumqoka ukuhloniph­a kwezakhamu­zi. Lokhu esikubona lapho amalungu omphakathi ekhathazek­e ngokwakhel­wa izindlu zangasese bese kubhujiswa imitapo yolwazi kuwuphawu lokungazih­loniphi nokungahlo­niphi abanye. Yebo, izakhamuzi zinamalung­elo njengokush­o koMthethos­isekelo wezwe kepha angikholwa ukuthi lelo lungelo linika igunya lokuba ungahlonip­hi abanye.

Lezi zimo zenza kungabi bikho ukuhloniph­ana phakathi komphakath­i noHulumeni. Ukwesaba kwami wukuthi lokhu kufana nentabamli­lo engadubula noma yinini,” kuxwayisa Ongangezwe Lakhe.

- nguMfo wakwaNomaj­alimane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa