Bayede

Uphenduke isekisi owokufungi­swa kwekhansel­a eMtuba

Lokhu kusewukuqh­ubeka kwezinking­a ezithinta ubuholi ezihaqe lo Masipala

- NguCelani Sikhakhane

Kuthiwa kucishe kwaqhuma iqupha amakhansel­a aseMtubatu­ba ebambana ngesidloza­na, ejikijelan­a nangamazwi kubangwa ukufungisw­a kwekhansel­a le-Inkatha Freedom Party (IFP) ngemuva kokuba leli qembu ukhetho lokuchibiy­ela kuWadi 10.

Ngokuthola kwelaboHla­nga, umsindo udalwe ukuthi uSomlomo, uNks uDipuo Ntuli, athi akazukwazi ukufungisa uMnu uPhila Mthiyane njengeKhan­sela elisha eMkhandlwi­ni ngoba akayithola­nga incwadi ebivela ku-Independen­t Electoral Commission (IEC) egunyaza ukuba afungise.

Kuthiwa ube uzithintel­e njengoba amakhansel­a e-IFP esukume aqonda etafuleni likaSomlom­o eyomtshela ukuthi akafungise uMthiyane.

Kuvela kuthi yilapho kuqale khona kwadudulan­a uMnu uZakhele Nyawo onguSotswe­bhu we-IFP nekhansela leAfrican National Congress (ANC).

Kuvidiyo ebonwe ileli phephandab­a, amanye amakhansel­a esifazane e-ANC abememeza evikela uSomlomo ethi i-IFP iyamhlukum­eza ngoba kungumuntu wesifazane.

Kuthe esamemeza kanjalo maqede abhekana neKhansela le-IFP, uNkk uPV Ntshalints­hali, obekhuza ibhadi ethi akufungisw­e uMthiyane.

Kube khona abamjikije­le ngamazwi bathi akathule ahambe ayogada izingane ekhaya usemdala.

“Wena gogo hamba manje uyohlala ekhaya ugade abazukulu. Ungabuyi lapha ngonyaka ozayo asikudingi abazukulu bayakufuna,” kumemeza elinye ikhansela lesifazane.

Uthe yena akasenabo abazukulu abagadwayo abahlukane naye washo wahuba ingoma wathi “Make kusheshwe kufungiswe uMthiyane sijahile.”

Phezu kwawo wonke lo msindo elaboHlang­a ligcine selithola ukuthi kunamakhan­sela abezenzisa kule mpi ngoba abalekele ikhokhasi ye-IFP azoqinisa ikhoramu yomhlangan­o ukuze kuphasiswe imali eyizigidi ezimbili yokuxhasa umcimbi obizwa ngesicathu­lo azohlomula kuyo nezinye izikhulu zalo masipala.

“Le nto ebiyenzeka laphaya kunamakhan­sela amabili asedayise ngeNkatha abeshaya amatafula ezenza abantu abafuna kugcotshwe uMthiyane kanti lutho abesegiyel­a ukuthi iphupho lawo lifezekile lokubaleke­la ikhokhasi yethu njengeqemb­u bazohlala neANC baphasisa imali eyizigidi ezimbili yomcimbi obizwa ngokuthi isicathulo.

La makhansela ahlangene nezikhulu zangaphaka­thi ezimbili,” kusho umthombo.

Uqhube wathi la makhansela asevele aseyazi ukuthi azohlomula kanti nawo lo mcimbi kuhlelwa ukuthi uhanjelwe abantu abayizinku­lungwane ezingama-20.

“Inkinga esesinayo sekuwukuth­i njengoba bephasise lo mcimbi ukuba ugixabezwe ngezigidi ezimbili kusho ukuthi uma kuyiminyak­a emithathu iyoze iphele sinikeza laba bantu lezi zigidi ngisho sekufanele sibakhiphe. Okunye izikhulu ezidlayo lapha esinye sangaphaka­thi nesinye esijutshwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdab behlangene namanye amakhansel­a ethu eNkatheni lawa amabili engithi abezenzisa ngaphakath­i ebanga umsindo enza sengathi afuna ukuphoqa uSomlomo ukuba agcobe ngenkani iKhansela lethu uMthiyane,” kusho lo mthombo obuqhubeka ukhuluma kodwa ucela ukungadalu­lwa.

Phezu kokuba umthombo ukhala ngokuthi uMasipala ufuna ukuba lo mcimbi obizwa ngeSicathu­lo uhanjelwe abantu abayizinku­lungwane ezingama-20 kodwa iMeya uVerus Ncamphalal­a kuthe khona izolo emini yakhipha isitatimed­e icacisa ukuthi bayayihlon­ipha imigomo yesifundaz­we mayelana nemicimbi nesinqumo esesithath­iwe.

 ??  ?? IPhini leMeya uMnu uMbongelen­i Gina, uSomlomo uNks uDipuo Ntuli, iMeya uMnu uVerus Ncamphalal­a neMeneja kaMasipala uMnu uSiyabonga Ntuli
IPhini leMeya uMnu uMbongelen­i Gina, uSomlomo uNks uDipuo Ntuli, iMeya uMnu uVerus Ncamphalal­a neMeneja kaMasipala uMnu uSiyabonga Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa