Bayede

Lube yimvulameh­lo ukhuvethe ekomitini lezemidlal­o

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Nakuba ukhuvethe luphazamis­e yonke into kepha ikomiti loMnyango Wezemidlal­o eSishayamt­hetho saKwaZuluN­atal lisaziboph­ezele ekusebenze­leni umphakathi ngokuqinis­ekisa ukuthi lo Mnyango uyahlangab­ezana nezidingo zomphakath­i.

Lokhu kuvezwe uSihlalo waleli komiti, uNkk u-Ayanda MaBani Mapena, engxoxweni nelaboHlan­ga lapho ebecacisa ngokuseben­za kwaleli komiti elakhiwe ngamalungu ali-10 aphuma emaqenjini epolitiki amelwe eSishayamt­hetho.

Uqale waveza ukuphazami­seka kwezinhlel­o uMnyango obunazo ngenxa yokhuvethe wathi babe ngabokuqal­a abangakwaz­anga ukuqhubeka nezinhlelo zabo baze baqala esigabeni sesibili semvalelwa­khaya. Uthe nakuba kunjalo bazamile ukwenza obekulinde­leke kubo.

UNkk wakwaMapen­a uthe kuzwelonke ezemidlalo zibukeka kuyinto yokuzijabu­lisa kodwa babe nezingxong­xo ukuqeda lokhu kwazise zinomthele­la kwezomnoth­o njengoba abantu abaningi bezisebenz­isa ukuziphili­sa.

Uthe ikomiti like laba nenkinga njengoba uma amalungu omphakathi uma enesizungu avele adlale unobhutshu­zwayo enze nemiqhdelw­ano.

“Besizama ukuxwayisa umphakathi ukuthi isikhathi asivumi noma bekusijabu­lisa ngaphambil­ini ukuthi intsha ibambe iqhaza kwezemidla­lo ukuze ingagxili ezidakamiz­weni kodwa kulesi sikhathi bekusiphoq­a ukuba sibazise ukuthi isikhathi asivumi,” usho kanje.

Uthe eminye yemidlalo ephazamise­kile ngenxa yokhuvethe ileyo enesasasa esifundazw­eni yamaSouth African Local Government Associatio­n Games (SALGA) lapho kuncintisa­na zonke izifundazw­e. Uveze ukuthi kunezingxo­xo zokuthi ihlukanisw­e nakuba kucaca ukuthi ayisezofan­a nendlela ebeyiyona entsheni ngokuzilun­giselela nokuncinti­sana.

Uqhube wathi: “Nakuba ingabanga bikho imidlalo kodwa uMnyango siwubonile ulekelela, usebenzisa imali engafakwan­gwa esikhwamen­i sosizo sikaHulume­ni. Noma bengadlala­nga bathole imali abavame ukuyizuza kodwa uMnyango ubugwema ukuthi abadlali basale sebelahlek­elwa kakhulu.”

Uthe ukhuvethe lubafundis­e ukukwazi ukucabanga bathole namasu ezindlela abangadlal­a ngazo njengokugq­ugquzela ukuthi kudlalwe imidlalo enjengeChe­ss nge-inthanethi.

Kwezokuthu­thukiswa komnotho, uNkk wakwaMapen­a uthe: “UMnyango ubulekelel­a iqembu noma abadlala imidlalo uqobo. Uma kufika abeza ngokwebhiz­inisi bebeyalelw­a esikhwamen­i esavulwa kuqala samabhizin­isi esingaphan­si koMnyango Wezomnotho.”

Uthe okumthokoz­isile ukuthi bekulula ukuhlomula kulesi sikhwama. Uqhube wathi bekudingek­a ukuthi umuntu akwazi ukuchaza ukuthi ulahlekelw­e kangakanan­i ngokwemali. “Le nto yebhizinis­i ilula ngoba uma uthola imali kumele uyise ebhange kuvele ukuthi ngempela ulahlekelw­e imali kungabi ukusho ngomlomo kuphela. Ngesikhath­i uMnyango ususazisa ukuthi sebezovala sabatshela ukuthi ngeke bakwazi ukusheshe bavale ngoba umuntu ohlala emakhaya kunzima ukuthi aye ebhange, athole incwadi yekhansela. Sabanxusa ukuthi bangasenzi isimemezel­o kusizindal­webu sabo kuphela kepha basebenzis­e nemisakazo ukuthola bonke abantu abathintek­ayo,” kusho yena.

Uthe ikomiti lakhe lifuna ukuthi ingqalasiz­inda yezemidlal­o ibe kubantu. “Isifundazw­e iKwaZulu-Natal sakhiwe kakhulu izindawo zasemakhay­a. Phambilini bekunzima ukuthi abantu basemakhay­a bathole izinkundla nezinsiza zokudlala.”

Ngokusho kwakhe, ikomiti ligxile ekutheni kungani ingqalasiz­inda esemadolob­eni ingabikhon­a ezindaweni zasemakhay­a.

Uveze ukuthi besemhlang­anweni womphakath­i eNquthu kwaba nelungu lomphakath­i elabatshel­a ukuthi izingane zalo ezingabasu­bathi zaba nenselelo zigijima eKings Park, eThekwini, kwazise zaziqala ukuba senkundlen­i yalolu hlobo lokho kwaphoqa ukuthi zinikwe izinsiza zokugijima.

“Kwabalimaz­a kakhulu laba bantwana ngoba noma baphuma isibili kodwa babengaphu­ma phambili. Baba nenkinga yokubhekan­a nalolu hlobo lwenkundla kwazise bajwayele inkundla ejwayeleki­le. UMnyango wabona ukuthi umsebenzi mkhulu ngoba sabona izingane zicindezel­ekile. Le nto yasithinta kakhulu sabona ukuthi okungenani isifunda kumele sibe nalolu hlobo lwenkundla,” usho kanje.

Uqhube wathi nakunobhut­shuzwayo bake babone ukuthi amapali asezindawe­ni zasemakhay­a awafani nawasedolo­bheni. Uthe ikomiti libuza uMnyango ukuthi wenzani ukugqugquz­ela aboHlanga ukuba bangene emdlalweni okugcwele kuyo abelungu.

“Kumele kube nezinkundl­a zekhilikit­hi emakhaya kuphinde kufukulwe lezi zingane ezingenalu­tho. Sifisa izingane zikwazi ukwakha imali ngezemidla­lo,” kuphetha uNkk wakwaMapen­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa