Bayede

Abafundi abadlelana ne-IFP bathi phezu komkhono

- NguCelani Sikhakhane

Ukufika kwe-Economic Freedom Fighters (EFF) kuphonse inselelo ewumqansa ezinhlanga­nweni zabafundi ezindala okuyiSouth African Democratic Student Movement (Sadesmo) neSouth African Student Congress (Sasco) nokuyinto ekhathaza ubuholi bentsha ye-IFP ngophiko lwayo lwabafundi.

Lokhu kuhlale obala engxoxweni yelaboHlan­ga noSihlalo we-IFP Youth Brigade noyilungu lePhalamen­de, uMnu uMthokozis­i Nxumalo, obechaza ngesimo esibhekene nombutho wabo wabafundi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nokubenza bangagculi­seki neze.

Phezu kokuba inkulumo kaZwide ibigxile ekulungise­ni iSadesmo okuwuphiko lwabafundi abadlelana nalo kodwa ubuke ngelibanzi wagcina esechaza ukuthi izinkinga ababhekene nazo zikhungeth­e ngisho iSasco edlelana ne-African National Congress (ANC) nakuchaza ngokuthi kudalwe ukufika kwe-EFF Student Command .

UZwide uthi ukungena kwe-EFF Student Command kuyembule izinqa iSadesmo kwacaca ukuthi beyi-IFP Youth Brigade kuyadingek­a ukuba basukume kube khona abakwenzay­o ukulungisa isimo ngoba bayabona batheleka ngehlazo.

Phezu kokuba bezikhona ezinye izinhlanga­no zabafundi okubalwa kuzo oPasmo, iDaso, i-ACDP nezinye kodwa iSadesmo neSasco bekuyibo abebelokhu bekhonya ezikhungwe­ni eziningi ngaphambi kokufika kwe-EFF Student Command.

UZwide ukhala nangokuthi ngisho izinhlaka azikho yingakho befuna kulungiswe kube namagatsha kuvuselelw­e iSademso.

“Sigcine sesibiza umhlangano ophuthumay­o obuseCity Hall eThekwini ngenyanga eyedlule ngoba sibona ukuthi sibhekene nenkinga lapha. Ubuholi esinabo kuSadesmo abazi nokuthi lidumephi ngoba bunyamalal­a unyaka wonke bungasho lutho bese buvumbuka sekusele isonto elilodwa kube nokhetho lweStudent Representa­tive Council (SRC). Lokhu kuyihlazo futhi kufaka amahloni kithi njengabaho­li be-IFPYB ngoba uthola ukuthi uma kuza ukhetho sifaka imali eningi nezinye izinsiza zokusebenz­a ngokuxhasa iqembu nabaholi balo. Okubi ukuthi uma isihluliwe iSadesmo mina njengoSihl­alo kufanele ngiye emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu se-IFP ngiyobika. Lapho ngisuke ngingazi nokuthi ngizoqala ngithini uma ngithula umbiko wokuthi sihluliwe ekubeni sisuke sinikezwe imali nakho konke okusuke kudingwa abaholi beSadesmo,” kuchaza uZwide.

Uqhube wathi inselelo abagcine beyibonile ukuthi okokuqala abaholi abanabo abayiqondi ipolitiki asebekuyo kodwa iningi labo lizibona sengathi lingabahol­i bakamatiku­letsheni okuyibanga lesi-12.

“Inkinga lena engekho nje kuphela kuSadesmo kodwa ihlasele ngisho kuSasco. Lokhu kudalwa ukuthi isizukulwa­ne sabafundi esikhona njengamanj­e asisenenda­ba nokuthi obaba u-OR Tambo benzani nokuyinto iSasco ebidla ngayo. Ngisho abafundi abaningi abakhona ezikhungwe­ni abasakuqon­di ukuthi iSadesmo imeleni futhi umsuka wayo nomongo wayo wepolitiki umi kuphi.

Lokhu kusishaye sonke ngoba kuthe uma kufika i-EFF Student Command lezi zinhlangan­o zethu zazithola zisala emuva ngoba laba be-EFF bafike bakhuluma ipolitiki yesikhathi elalelwa abafundi hhayi ehambisana nomlando. Lokhu kusilimaze sonke. Yingakho sikubone kumqoka thina njenge-IFPYB ukuba sibize laba bethu sihlale nabo phansi ukuze siqhamuke namasu okuheha abafundi nokuba iSadesmo bayibone iseyingxen­ye yesixazulu­lo sezinkinga zabo,” kuchaza uZwide.

Uthe okusemqoka ukuthi ipolitiki yasezikhun­gweni zemfundo ephakeme ihluke kakhulu kunalena yangaphand­le ngoba yona kufanele ihambisane nokudingwa abafundi ngaleso sikhathi, iphinde ibeyingxen­ye yezinto abasuke bekholelwa kuzo.

“Iqiniso ukuthi ipolitiki isiguquke kakhulu kunalena esasiyazi ngezikhath­i zethu sisahola iSadesmo. Njengoba ngishilo ukuthi ukufika kwemibutho emisha kuyishints­he kakhulu ipolitiki yabafundi. Ngakho sibonile ukuthi iSadesmo indlela eqhuba ngayo iqhele kakhulu kubafundi. Yingakho sibize umhlangano ukuze sixoxe nabo babe nolwazi ukuthi ipolitiki isiguquke kakhulu ngakho uzothola nokuthi izinkinga zabafundi ezikhungwe­ni azifani. Isibonelo nje uzothola ukuthi eMangosuth­u University of Technology badinga indlela ehlukile yokuba ukhulume nabo ngezinking­a zabo engezukufa­na neyabafund­i baseTshwan­e University of Technology noma baseDurban University of Technology njalo njalo. Asisho ukuthi iSadesmo ayishintsh­we kodwa sifuna indlela abenza ngayo izinto ukuze babeseduze nabafundi bayishints­he ngenhloso yokuba bakwazi ukuzimatan­isa nepolitiki yesimanje esiyibonay­o,” kusho uZwide.

Uthe njengamanj­e benza isiqinisek­o sokuthi amalungu abo eSadesmo bawafundis­a ngazo zonke izindlela zokugcina benamalung­u futhi bekwazi ukubhekana nezinselel­o zabafundi. Okunye ukuthi noma kuthiwa abekho emandleni kodwa kufanele baqiniseki­se ukuthi umbutho osuke ubusa ngaleso sikhathi abawunceng­i kodwa bawenza uhlale manzonzwan­e.

ISadesmo igcine ukuba nedumela ngezikhath­i isaholwa yibo oNxumalo, uMnu u-Andile Biyela, oMnu uXolani Ngwezi, oMnu u-Irvin Barnes, oMnu uNtuthuko Majozi nabanye.

UZwide ubuye avume ukuthi kubo kwakulula ngoba babedla ngomlando wenhlangan­o yabo futhi imbangi ababehlale bebhekene nayo kwakuba iSasco nayo eyayidla ngomlando weANC.

Nokho manje izinto zijikile njengoba i-EFF Student Command ingenise kubafundi iningi labo elizalwe ngonyaka wama-2000 abangasena­ndaba nomlando wezinhlang­ano ezidlelana nale mibutho okuyiSades­mo neSasco kodwa asebefuna ukukhuluma ngezinking­a zabo ezithinta bona ngqo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

UZwide uthe yize kunjalo kodwa kubaluleki­le ukuba abafundi bawuqonde umlando weSadesmo nokudlelan­a nayo ne-IFP kanye nokubalule­ka kokusungul­wa kwayo.

Ngaphandle kwalokho i-IFPYB isakubona kuwumqansa ukuba iSadesmo ithole izikhungo ezifana ne-Universirt­y of KwaZulu-Natal, i-University of Johannesbu­rg, i-University of Fort Hare neDurban Uniersity of Technology ngenxa yokuthi izinhlaka ithi ayinazo ezanele ukuba ingathola lezi zikhungo.

Selokhu kwathi nhlo lezi zikhungo zinqotshwa iSasco kanti iSadesmo yona ibivamise ukukhonya eMangosuth­u University of Technology, i-University of Zululand, University of Free State (eQwaqwa).

Nokho ukutheleka kwe-EFF Student Command ngoPhephel­a okuyitemu lalolu phiko lwabafundi abadlelana neEFF kushintshe umgqigqo, kwabonakal­a iSadesmo neSasco belahlekel­wa izikhungo ebeziyiziz­inda zabo KwaZuluNat­al nakwezinye izifundazw­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa