Bayede

Sekungenel­ele iPhalamend­e ngenkiyank­iya yaseMkhany­akude

- nguCelani Sikhakhane OHULUMENI BENDAWO

Izinkinga ezikhunget­he uMasipala wesifunda uMkhanyaku­de, KwaZuluNat­al seziphoqe iPhalamend­e laseNingiz­imu Afrika ukuba lingenelel­e liphinde linqumele amakhansel­a ugwayi katiki ukuba alethe yonke imibiko ethinta lo Masipala lungakadlu­li usuku lomhla zingama-31 kuMasingan­a wangowezi-2021.

Lokhu kulandela umsindo nezidubedu­be eziqubuke kulo Masipala ezihambisa­na nokungezwa­ni kwamakhans­ela e-African National Congress (ANC) okubalwa neMeya uMnu uSolomon Mkhombo neMeneja nokube yimbangela yokuba kungaseben­zeki.

IPhalamend­e lithe lifuna ukwazi ngawo wonke umbiko wezimali othinta nokusetshe­nziswa budedengu kwezigidig­idi ezimbili ngendlela engacacile ukuthi kwakwenzen­jani nokuthi kwakuyisip­hi isizathu sokuba baze bachithe imali engaka.

Okunye kube ukuthi kufanele uMkhandlu uhlale zingakaphe­li izinsuku ezili-14 ngoba uma kungenjalo kuyofanele uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal ungenelele.

Okunye ukuthi uma uMkhandlu uhluleka ukuhlala kuyofanele uCogta uchazele iPhalamend­e ukuthi ngabe inkinga kube yini nanokuthi kungani ungawuphuc­i amandla uwufake ngaphansi koMlawuli ngokuvunwa iSigaba 139.

Okunye kube ukuthi iPhalamend­e lizibophez­ele ukuthi lizowelusa uMkhanyaku­de kusuka manje kuze kuyophela uMasingana ngonyaka ozayo ukuze likwazi ukuzibonel­a mathupha izinkinga ezikhona.

Lo Masipala elaboHlang­a selibike kaningana ngezinking­a eziwukhung­ethe okubalwa ukungezwan­i kwamakhans­ela, inkohlakal­o ethinta izikhulu okubalwa kuzo abakwezoku­xhumana kanye neSikhulu Sezezimali nabanye.

Kuze kwakhala i-ANCYL yaba nokhukhule­la ngoqo wemashi isola iMeya uMkhombo ngokuthi kunenkohla­kalo ethinteka kuyo benoMnu uMduduzi Dlamini nezinye izisebenzi zikaMasipa­la.

Lolu phiko lukhale nangokuthi kunemibiko okuhleziwe phezu kwayo ngenxa yokuthi uMkhombo akafuni idedelwe ngoba ithinta yena.

UMkhombo naye waziphendu­lela kulo leli phephandab­a wathi uma bebe neqiniso ngale mashi ukuthi balwa nenkohlaka­lo bekumele baye ehhovisi likaSomlom­o bayofuna imibiko ngoba nguye uSomlomo noMeneja abagcina imibiko nabathatha izinqumo ngayo.

“Uyabona inkohlakal­o elapha iyanuka kanti mina lokhu kungiphath­a kabi ngenxa yokuthi ngisho abantu baseMkhany­akude abanawo amanzi ngenxa yayo inkohlakal­o eyenziwa lapha. Mayelana nemashi ye-ANCYL labo bebethengi­we ukuba bazodicile­la phansi igama lami futhi kade baqala bekwenza lokhu bengibhala ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a,” kubalisa uMkhombo ngenyanga eyedlule.

Ngisho i-ANC esifundazw­eni ayeneme ngokwenzek­a eMkhanyaku­de njengoba uMnu uNhlakanip­ho Ntombela wakubeka kwacaca ukuthi inkinga enkulu ukungezwan­i kweMeya neMenenjja kaMasipala okudale zonke lezi zinkinga ezikhunget­he lo Mkhandlu.

“Inkinga esinayo eMkhanyaku­de ukuthi kunokungez­wani okukhona phakathi kweMenenja kaMsipala neMeya uMkhombo yingakho izinto zinjeyana. Udaba lwabo seluke lwakhuluny­wa ebuholini besifundaz­we ngenhloso yokuba kulungiswe izinto,” kusho uNtombela.

I-ANCYL ikhala ngokuthi abaholi be-ANC abajutshwa eMkhanyaku­de bahlulekil­e ukufeza izidingo zomphakath­i kunalokho babeke engcupheni uMkhandlu ukuthi ugcine usubuyela ku-IFP ngenxa yokukwebha­na kwabo nokunganak­i zinkinga zenhluphek­o yabantu.

 ?? Isithombe: Zululand Observer ?? IMeya uSolomon Mkhombo
Isithombe: Zululand Observer IMeya uSolomon Mkhombo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa