Sekungenelele iPhalamende ngenkiyankiya yaseMkhanyakude
Izinkinga ezikhungethe uMasipala wesifunda uMkhanyakude, KwaZuluNatal seziphoqe iPhalamende laseNingizimu Afrika ukuba lingenelele liphinde linqumele amakhansela ugwayi katiki ukuba alethe yonke imibiko ethinta lo Masipala lungakadluli usuku lomhla zingama-31 kuMasingana wangowezi-2021.
Lokhu kulandela umsindo nezidubedube eziqubuke kulo Masipala ezihambisana nokungezwani kwamakhansela e-African National Congress (ANC) okubalwa neMeya uMnu uSolomon Mkhombo neMeneja nokube yimbangela yokuba kungasebenzeki.
IPhalamende lithe lifuna ukwazi ngawo wonke umbiko wezimali othinta nokusetshenziswa budedengu kwezigidigidi ezimbili ngendlela engacacile ukuthi kwakwenzenjani nokuthi kwakuyisiphi isizathu sokuba baze bachithe imali engaka.
Okunye kube ukuthi kufanele uMkhandlu uhlale zingakapheli izinsuku ezili-14 ngoba uma kungenjalo kuyofanele uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal ungenelele.
Okunye ukuthi uma uMkhandlu uhluleka ukuhlala kuyofanele uCogta uchazele iPhalamende ukuthi ngabe inkinga kube yini nanokuthi kungani ungawuphuci amandla uwufake ngaphansi koMlawuli ngokuvunwa iSigaba 139.
Okunye kube ukuthi iPhalamende lizibophezele ukuthi lizowelusa uMkhanyakude kusuka manje kuze kuyophela uMasingana ngonyaka ozayo ukuze likwazi ukuzibonela mathupha izinkinga ezikhona.
Lo Masipala elaboHlanga selibike kaningana ngezinkinga eziwukhungethe okubalwa ukungezwani kwamakhansela, inkohlakalo ethinta izikhulu okubalwa kuzo abakwezokuxhumana kanye neSikhulu Sezezimali nabanye.
Kuze kwakhala i-ANCYL yaba nokhukhulela ngoqo wemashi isola iMeya uMkhombo ngokuthi kunenkohlakalo ethinteka kuyo benoMnu uMduduzi Dlamini nezinye izisebenzi zikaMasipala.
Lolu phiko lukhale nangokuthi kunemibiko okuhleziwe phezu kwayo ngenxa yokuthi uMkhombo akafuni idedelwe ngoba ithinta yena.
UMkhombo naye waziphendulela kulo leli phephandaba wathi uma bebe neqiniso ngale mashi ukuthi balwa nenkohlakalo bekumele baye ehhovisi likaSomlomo bayofuna imibiko ngoba nguye uSomlomo noMeneja abagcina imibiko nabathatha izinqumo ngayo.
“Uyabona inkohlakalo elapha iyanuka kanti mina lokhu kungiphatha kabi ngenxa yokuthi ngisho abantu baseMkhanyakude abanawo amanzi ngenxa yayo inkohlakalo eyenziwa lapha. Mayelana nemashi ye-ANCYL labo bebethengiwe ukuba bazodicilela phansi igama lami futhi kade baqala bekwenza lokhu bengibhala ngisho ezinkundleni zokuxhumana,” kubalisa uMkhombo ngenyanga eyedlule.
Ngisho i-ANC esifundazweni ayeneme ngokwenzeka eMkhanyakude njengoba uMnu uNhlakanipho Ntombela wakubeka kwacaca ukuthi inkinga enkulu ukungezwani kweMeya neMenenjja kaMasipala okudale zonke lezi zinkinga ezikhungethe lo Mkhandlu.
“Inkinga esinayo eMkhanyakude ukuthi kunokungezwani okukhona phakathi kweMenenja kaMsipala neMeya uMkhombo yingakho izinto zinjeyana. Udaba lwabo seluke lwakhulunywa ebuholini besifundazwe ngenhloso yokuba kulungiswe izinto,” kusho uNtombela.
I-ANCYL ikhala ngokuthi abaholi be-ANC abajutshwa eMkhanyakude bahlulekile ukufeza izidingo zomphakathi kunalokho babeke engcupheni uMkhandlu ukuthi ugcine usubuyela ku-IFP ngenxa yokukwebhana kwabo nokunganaki zinkinga zenhlupheko yabantu.