Bayede

UBiden uthi umbango wezohwebo neChina usazoqhube­ka

- NGUZANELE BUTHELEZI

UMengameli osanda kukhethwa e-USA uJoe Biden usekuqinis­ekisile ukuthi angeke athathe zinyathelo zokususa intela yempahla ebekwe uHulumeni kaDonald Trump empahleni evela eChina uma esethatha izintambo.

Engxoxweni abe nayo nephephand­aba iNew York Time eshicilelw­e kuleli sonto, uBiden uthe isu elifanele eliphathel­ene neChina elokuqinis­ekisa ukuthi wonke amazwe abambisene ne-USA e-Europe nase-Asia ahuba ihubo elilodwa, nokuyinto athi uzoyibeka phambili uma esethatha izintambo eWhite House.

UBiden uthe umgomo wakhe wezohwebo uzobhekana ngqo nezenzo ezingezinh­le zeChina, okuhlangan­isa ukwebiwa kwemicaban­go yabantu (Intellectu­al Property), ukulahlwa kwempahla, uxhaso lwezimali lukaHulume­ni olungekho emthethwen­i nolunikwa izinkampan­i kanye nokuphoqa izinkampan­i ukuthi zidalule ubuchwephe­she ezinabo.

IChina ibinethemb­a lokuthi ukungena kukaHulume­ni kaBiden kuzoletha ithuba lokuthi kube nezingxoxo ezintsha zohwebo. Nokho akumangazi ukuthi uBiden uzwakala sengathi uzolandela lapho kugcine khona uTrump.

La mazwe akwazile ukusayinda isigaba sokuqala sesivumelw­ano sezohwebo emva kombango osudonse cishe iminyaka emibili kunokugixa­bezana ngezintela zempahla. Lesi sivumelwan­o sishayelwe ihlombe uHulumeni kaTrump kodwa sengathi inqubekela phambili ayikazukub­onakala maduze uma isazoba khona.

Isivumelwa­no sibophezel­e iChina ekuthengen­i impahla yaseUSA elinganise­lwa ezigidigid­ini ezingama-$200 ngaphezulu kwale ethengwayo manje esikhathin­i esiyiminya­ka emibili. Izenzo zikaTrump zakamumva kanye namagama kaBiden kukuthela amanzi abandayo konke obekubonak­ala njengethem­ba.

Amagama akhe akuveza ngokusobal­a ukuthi yize kunokwehlu­kana ngemibono ezindabeni zangaphaka­thi e-USA, womabili amaqembu akhona okuyiRepub­lican Party neDemocrat­ic Party awavamile ukuphikisa­na ngokumele kwenziwe ukubhekana neChina.

Ngesikhath­i uMengameli uTrump ezabalaza ukuvuma ukwehlulwa okhethweni akekho osathe vu ngemigomo yakhe yangaphand­le, ngisho nalo ithimba likaBiden okuzosala konke kube utaku lwakhe lithule.

Kuleli sonto i-USA ifake unswinyo iChina National Electronic­s Import and Export Corperatio­n ngoba ithi ixhasa ubunhloli be-inthanethi eVenezuela. Lesi yisenzo sakamumva sokuzama ukunqinda amandla iChina kulo mbango wezohwebo, kanti okokuqala ukuthi ijeziselwe izinsolo ezithinta elinye izwe. Kubonakala sengathi lapha kushaywa izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngenxa yobudlelwa­no obungebuhl­e noHulumeni abakhona kula mazwe.

IChina ibe isinxusa i-USA ukuthi ilususe lolu nswinyo olungekho emthethwen­i. Okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle uHua Chunying uthe: “Siyaphikis­ana nokufakwa konswinyo kanye nezinye izindlela okuhloswe ngazo ukuphoqa abantu baseVenezu­ela ukuthi baguqule indlela yabo yentuthuko.”

EMiddle East nakhona isimo simazonzo emva kokuthi kusocongwe usosayensi wenuzi ophambili e-Iran, uMohsen Fakhrazide­h, ngesonto eledlule. I-Iran isola abahambisa­na ne-USA i-Israel ngalesi senzo, nokho ibingakaph­awuli ngalokhu kuhlasela. Abahlaziyi bathi ukubulawa kukasosaye­nsi lo kungenzeka ukuthi kwenzelwe ukuhlokolo­za i-Iran ukuze iziphindis­elele, nokuzophoq­a uBiden ukuthi angayibuyi­seli esivumelwa­neni sohlelo lwenuzi ne-Iran.

Kusele amasonto cishe ayisithuph­a ngaphambi kokuthi agcotshwe uBiden ngoMasinga­na wezi-2021. Lesi yisikhathi esiningi kabi sokuthi uTrump aqhubeke nemigiling­wane ashiyele uBiden intaba yezinkinga okuzomele abhekane nazo.

 ?? Isithombe: AP ?? UMnu uJoe Biden
Isithombe: AP UMnu uJoe Biden
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa