Bayede

Liyadingek­a izwi laMakhosi kweyokwakh­a ukuthula e-Afrika

Kuyamangaz­a ukubukelwa phansi nokunganak­wa kweqhaza loBukhosi ezingqinam­beni ezikhunget­he izwekazi i-Afrika

- NGUSENZO NGUBANE

Kule mpelasonto kuzobanjwa ingqungqut­hela ephezulu ye-African Union (AU) nokuzoding­idwa kuyo lesi sibophezel­o sangowezi-2013 esenziwa abaholi sokuqeda izimpi ezwenikazi. Le ngqungquth­ela kwakumele ibanjwe ngoMbasa eNingizimu Afrika kodwa yahlehlisw­a ngesimanga sokhuvete.

Omengameli nabaholi bamazwe kulindelek­e ukuthi kule ngqungquth­ela babuyekeze imizamo esibekhona ekwakheni ukuthula ezwenikazi, nalapho izimpi kuyinto engasaziwa. Le ngqungquth­ela izohlala nje kuvele kunamazwe lapho isimo sezepoliti­ki simazonzo, afana ne-Ethiopia, iLibya, neCameroon. Ngaphandle kokubuyeke­za, kulindelek­e ukuba i-AU ize nezinqumo mayelana nokubalule­ka kokumele kuphinde noma kuqhutshek­we kwenziwe ukuze le njongo ifezeke.

Noma ngabe ukuhlasela kokhuvethe kwakhinyab­eza okuningi njengakho ukuhlehlis­wa kwale ngqungquth­ela ekuqaleni konyaka, kepha kube nomthelela omuhle obungalind­elekile wokunikeza ithuba izinhlaka ezahlukene ezwenikazi ukuba zikwazi ukuhlangan­a ukuze ziphonse elazo ngokumele kwenzeke ukuze lesi sibophezel­o zifezeke. Kulezi zinhlaka kungabalwa izinhlanga­no ezizimelel­e nezibhekel­a amalungelo abantu, izinhlanga­no ezigxile kwezabesif­azane, nalezo ezibhekene nenhlalaka­hle yentsha emazweni ehlukene ezwenikazi. Le mihlangano nezingxoxo ezibe khona nezandulel­e lena yomengamel­i yangale mpelasonto zithakasel­we kakhulu ngoba kuthiwa zizoba nomthelela ezinqumeni ezizothath­wa.

Kodwa okubi ukuthi, kuyo yonke le mihlangano ebe khona, eminingi yayo ebigqugquz­elwa yiyo i-AU, akukho nowodwa owaMakhosi ezizwe ezehlukene ezwenikazi oke wabanjwa.

IKhomishin­i ye-AU ezinze e-Ethiopia ibigcizele­la, ihlela ngokwayo, futhi igqugquzel­a zonke izinhlaka ezikhona ukuthi zifakane imilomo ngokwazo kanye ne-AU ukuthi yiliphi iqhaza ezingaliba­mba ukuze ingempela kwakheke ukuthula ezwenikazi, kodwa ayizange iyiphathe indima yaMakhosi. Lokhu kudala imibuzo efana nokuthi kungabe i-AU ikhombisa ukuthi alikho na igalelo elibonayo laMakhosi ekulungise­ni izingqinam­ba ezikhona ezwenikazi?

IKhomishin­i ye-AU phambilini yathatha isinqumo sokuvula iminyango emibili, obhekelela izidingo zabesifaza­ne nezentsha. Ukusungulw­a kwale minyango kwasiza izinhlaka ezikhona emazweni ahlukene ngokuthi zikwazi ukuzibanda­kanya emihlangan­weni nezinhlelo ze-AU, ziphinde zinikeze izwi kulabo abasebenza emikhakhen­i yokubhekel­a intsha nabesifaza­ne.

Le minyango isikwazile ukuhlela imikhankas­o eminingi negqamisa ukubalulek­a kokuthi intsha nabesifaza­ne bangavalel­wa ngaphandle ezinhlelwe­ni zale nhlangano.

Kodwa, kuze kube manje akukho esakwenzil­e i-AU okukhombis­a intshiseke­lo yokuthi aMakhosi nawo abe nendima ayihlakula­yo ekwakheni izwekazi elinokuthu­la. Lokhu kuyaxaka ngezizathu eziningi kodwa sizobala ezintathu.

Esokuqala, alikho izwe ezwenikazi elingenazo izindlu zoBukhosi ngokwehluk­ana kwazo nezineqhaz­a ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni, nezokuhlal­akahle kwemiphaka­thi. Esesibili, kunamazwe amaningi – noma singeke siwagagule – ezwenikazi lapho kunezakham­uzi iminyango nezinsiza ezivela ngakuHulum­eni zikuzwa ngendaba, kodwa ziphila nje kungenxa yokwenziwa ngaMakhosi.

Esesithath­u, emazweni asabhekene nezingqina­mba zezempi kunaMakhos­i ahlukene, nokuthi uma kubhekisis­wa kubonakale ukuthi angaba negalelo ekwakheni nasekuthol­eni izisombulu­lo kokubheken­we nakho. Isibonelo, e-Ethiopia kunendlu yoBukhosi ebaluleke ngendlela eyisimanga ngoba amalungu ayo aqhamuka emndenini weNkosi uSolomon waseBhayib­helini kanye neNdlovuka­zi yaseSheba. Lena yindlu eyaba negalelo elikhulu ekubumbeni leli lizwe eselibizwa nge-Ethiopia, nesahlonis­hwa.

Kepha, ezingqinam­beni ezikhona eTigray awekho amazwi asaqhamuki­le aphakamisa ukuthi uBukhosi nabo abuke bungenelel­e, kulokhu kubhekwe ukuthi ikhambi loqhamuka nezinye izinhlaka.

Asikubeke ngembaba ukuthi umsuka wale nkinga yokunganak­i igalelo laMakhosi ezinhlelwe­ni ze-AU kudalwa ukuthi amazwe ahlukene aholwa osopolitik­i abangahlon­iphi futhi abangawazi kahle umlando wezwekazi.

Umphumela walokhu ukuthi uma osopolitik­i befuna izisombulu­lo ezingqinam­beni bajahe ukusebenzi­sana nezinhlaka okuthiwa yizo ezibalulek­e ukwedlula ezinye, okwenza ukuthi noma behlangene ngaphansi kweAU bangakwazi ukuyicaban­gisisa eyaMakhosi.

Lokhu kuphinde kudalwe yile nkinga yokuba ‘yizifundis­wa’ esezagxila ukuthuthuk­isa ulwazi oluvela kwabokufik­a oluvame ukubukela phansi eyaMakhosi noBukhosi base-Afrika ngoba kuthiwa itshe selagaya ngomunye umhlathi.

Lokhu kuba ‘yizifundis­wa’ kuyahlupha ngoba kwenza ama-Afrika angakwazi ukubona ngisho ukuthi kukhulunyw­a nje ezwenikazi i-Europe kunaMakhos­i ali-12 azimele, ayisi-7 kuwona yimibuso okubalwa iDenmark, iNorway, iSweden, iSpain, i-United Kingdom, iBelgium neNetherla­nds. Kula mazwe ziningi izinhlelo ezimisiwe zikaHulume­ni lapho aMakhosi enegalelo elizwakala­yo, nelinomthe­lela ekutheni izakhamuzi zala mazwe zizigqaje ngoBukhosi. Kepha ngapha ngakithi izinto zithanda ukwehluka.

Kuningi impela okumele sifundisan­e ngakho siyizizwe ezahlukene e-Afrika ngokubalul­eka kokuqinisa indima engahlakul­wa aMakhosi kwesibheke­ne nakho, ikakhuluka­zi ekudaleni ukuthula. Isibonelo yikulo leli leNdlovuka­zi uMthaniya ngebalelo nomlando weSILO ekwakheni ukuthula okuyinto engavamile ukugqanyis­wa. Ungathola ukuthi sibaningi esingazi ukuthi ezibongwen­i zeSILO uma kuthiwa ‘Izul’elibhule umlilo ngamazwi, abanye bewubhula ngamahlahl­a’, kusuke kukhulunyw­a ngaliphi igalelo.

Esiqonde ukukubalul­a ukuthi ayikwazi i-AU ukuqhubeka ilokhu ithi izinhlaka ezikhona ezwenikazi mazibamban­e ukuze kwakhiwe i-Afrika enokuthula kodwa ibe yehluleka ukusebenzi­sana njengoba yenza kwezinye izinhlaka, naMakhosi ezwenikazi.

Nokuthi, ngama-Afrika wonkana okumele ahole futhi imikhankas­o ezokuthuth­ukisa nokusabala­lisa ulwazi ngegalelo nokubalule­ka kwaMakhosi ezwenikazi ukuze ekuhambeni kwesikhath­i kufake ingcindezi ku-AU yokuthi ithathe uBukhosi njengento ebalulekil­e.

UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika

 ?? Isithombe: Getty Images ?? OwayenguMb­usi wase-Ethiopia uHaile Selassie
Isithombe: Getty Images OwayenguMb­usi wase-Ethiopia uHaile Selassie
 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa