Liyadingeka izwi laMakhosi kweyokwakha ukuthula e-Afrika
Kuyamangaza ukubukelwa phansi nokunganakwa kweqhaza loBukhosi ezingqinambeni ezikhungethe izwekazi i-Afrika
Kule mpelasonto kuzobanjwa ingqungquthela ephezulu ye-African Union (AU) nokuzodingidwa kuyo lesi sibophezelo sangowezi-2013 esenziwa abaholi sokuqeda izimpi ezwenikazi. Le ngqungquthela kwakumele ibanjwe ngoMbasa eNingizimu Afrika kodwa yahlehliswa ngesimanga sokhuvete.
Omengameli nabaholi bamazwe kulindeleke ukuthi kule ngqungquthela babuyekeze imizamo esibekhona ekwakheni ukuthula ezwenikazi, nalapho izimpi kuyinto engasaziwa. Le ngqungquthela izohlala nje kuvele kunamazwe lapho isimo sezepolitiki simazonzo, afana ne-Ethiopia, iLibya, neCameroon. Ngaphandle kokubuyekeza, kulindeleke ukuba i-AU ize nezinqumo mayelana nokubaluleka kokumele kuphinde noma kuqhutshekwe kwenziwe ukuze le njongo ifezeke.
Noma ngabe ukuhlasela kokhuvethe kwakhinyabeza okuningi njengakho ukuhlehliswa kwale ngqungquthela ekuqaleni konyaka, kepha kube nomthelela omuhle obungalindelekile wokunikeza ithuba izinhlaka ezahlukene ezwenikazi ukuba zikwazi ukuhlangana ukuze ziphonse elazo ngokumele kwenzeke ukuze lesi sibophezelo zifezeke. Kulezi zinhlaka kungabalwa izinhlangano ezizimelele nezibhekela amalungelo abantu, izinhlangano ezigxile kwezabesifazane, nalezo ezibhekene nenhlalakahle yentsha emazweni ehlukene ezwenikazi. Le mihlangano nezingxoxo ezibe khona nezandulele lena yomengameli yangale mpelasonto zithakaselwe kakhulu ngoba kuthiwa zizoba nomthelela ezinqumeni ezizothathwa.
Kodwa okubi ukuthi, kuyo yonke le mihlangano ebe khona, eminingi yayo ebigqugquzelwa yiyo i-AU, akukho nowodwa owaMakhosi ezizwe ezehlukene ezwenikazi oke wabanjwa.
IKhomishini ye-AU ezinze e-Ethiopia ibigcizelela, ihlela ngokwayo, futhi igqugquzela zonke izinhlaka ezikhona ukuthi zifakane imilomo ngokwazo kanye ne-AU ukuthi yiliphi iqhaza ezingalibamba ukuze ingempela kwakheke ukuthula ezwenikazi, kodwa ayizange iyiphathe indima yaMakhosi. Lokhu kudala imibuzo efana nokuthi kungabe i-AU ikhombisa ukuthi alikho na igalelo elibonayo laMakhosi ekulungiseni izingqinamba ezikhona ezwenikazi?
IKhomishini ye-AU phambilini yathatha isinqumo sokuvula iminyango emibili, obhekelela izidingo zabesifazane nezentsha. Ukusungulwa kwale minyango kwasiza izinhlaka ezikhona emazweni ahlukene ngokuthi zikwazi ukuzibandakanya emihlanganweni nezinhlelo ze-AU, ziphinde zinikeze izwi kulabo abasebenza emikhakheni yokubhekela intsha nabesifazane.
Le minyango isikwazile ukuhlela imikhankaso eminingi negqamisa ukubaluleka kokuthi intsha nabesifazane bangavalelwa ngaphandle ezinhlelweni zale nhlangano.
Kodwa, kuze kube manje akukho esakwenzile i-AU okukhombisa intshisekelo yokuthi aMakhosi nawo abe nendima ayihlakulayo ekwakheni izwekazi elinokuthula. Lokhu kuyaxaka ngezizathu eziningi kodwa sizobala ezintathu.
Esokuqala, alikho izwe ezwenikazi elingenazo izindlu zoBukhosi ngokwehlukana kwazo nezineqhaza ezinhlelweni zikaHulumeni, nezokuhlalakahle kwemiphakathi. Esesibili, kunamazwe amaningi – noma singeke siwagagule – ezwenikazi lapho kunezakhamuzi iminyango nezinsiza ezivela ngakuHulumeni zikuzwa ngendaba, kodwa ziphila nje kungenxa yokwenziwa ngaMakhosi.
Esesithathu, emazweni asabhekene nezingqinamba zezempi kunaMakhosi ahlukene, nokuthi uma kubhekisiswa kubonakale ukuthi angaba negalelo ekwakheni nasekutholeni izisombululo kokubhekenwe nakho. Isibonelo, e-Ethiopia kunendlu yoBukhosi ebaluleke ngendlela eyisimanga ngoba amalungu ayo aqhamuka emndenini weNkosi uSolomon waseBhayibhelini kanye neNdlovukazi yaseSheba. Lena yindlu eyaba negalelo elikhulu ekubumbeni leli lizwe eselibizwa nge-Ethiopia, nesahlonishwa.
Kepha, ezingqinambeni ezikhona eTigray awekho amazwi asaqhamukile aphakamisa ukuthi uBukhosi nabo abuke bungenelele, kulokhu kubhekwe ukuthi ikhambi loqhamuka nezinye izinhlaka.
Asikubeke ngembaba ukuthi umsuka wale nkinga yokunganaki igalelo laMakhosi ezinhlelweni ze-AU kudalwa ukuthi amazwe ahlukene aholwa osopolitiki abangahloniphi futhi abangawazi kahle umlando wezwekazi.
Umphumela walokhu ukuthi uma osopolitiki befuna izisombululo ezingqinambeni bajahe ukusebenzisana nezinhlaka okuthiwa yizo ezibaluleke ukwedlula ezinye, okwenza ukuthi noma behlangene ngaphansi kweAU bangakwazi ukuyicabangisisa eyaMakhosi.
Lokhu kuphinde kudalwe yile nkinga yokuba ‘yizifundiswa’ esezagxila ukuthuthukisa ulwazi oluvela kwabokufika oluvame ukubukela phansi eyaMakhosi noBukhosi base-Afrika ngoba kuthiwa itshe selagaya ngomunye umhlathi.
Lokhu kuba ‘yizifundiswa’ kuyahlupha ngoba kwenza ama-Afrika angakwazi ukubona ngisho ukuthi kukhulunywa nje ezwenikazi i-Europe kunaMakhosi ali-12 azimele, ayisi-7 kuwona yimibuso okubalwa iDenmark, iNorway, iSweden, iSpain, i-United Kingdom, iBelgium neNetherlands. Kula mazwe ziningi izinhlelo ezimisiwe zikaHulumeni lapho aMakhosi enegalelo elizwakalayo, nelinomthelela ekutheni izakhamuzi zala mazwe zizigqaje ngoBukhosi. Kepha ngapha ngakithi izinto zithanda ukwehluka.
Kuningi impela okumele sifundisane ngakho siyizizwe ezahlukene e-Afrika ngokubaluleka kokuqinisa indima engahlakulwa aMakhosi kwesibhekene nakho, ikakhulukazi ekudaleni ukuthula. Isibonelo yikulo leli leNdlovukazi uMthaniya ngebalelo nomlando weSILO ekwakheni ukuthula okuyinto engavamile ukugqanyiswa. Ungathola ukuthi sibaningi esingazi ukuthi ezibongweni zeSILO uma kuthiwa ‘Izul’elibhule umlilo ngamazwi, abanye bewubhula ngamahlahla’, kusuke kukhulunywa ngaliphi igalelo.
Esiqonde ukukubalula ukuthi ayikwazi i-AU ukuqhubeka ilokhu ithi izinhlaka ezikhona ezwenikazi mazibambane ukuze kwakhiwe i-Afrika enokuthula kodwa ibe yehluleka ukusebenzisana njengoba yenza kwezinye izinhlaka, naMakhosi ezwenikazi.
Nokuthi, ngama-Afrika wonkana okumele ahole futhi imikhankaso ezokuthuthukisa nokusabalalisa ulwazi ngegalelo nokubaluleka kwaMakhosi ezwenikazi ukuze ekuhambeni kwesikhathi kufake ingcindezi ku-AU yokuthi ithathe uBukhosi njengento ebalulekile.
UMnu Senzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika