Bayede

Izishabash­eki zemvelo zilwela ukongiwa kwemvelo eNairobi

-

Leli lizwe lizithola lisesibaka­bakeni kufanele ukuthi likhethe intuthuko noma ukongiwa kwemvelo njengoba umsebenzi wokwakha umgwaqo onguthelaw­ayeka oxhaswe yiChina obiza izigidi ezingama-6000 uqala edolobheni iNairobi. Abezemvelo sebeveze izikhalazo eziningi ngokugawul­wa kwezihlahl­a kuleli dolobha ukuze kuvulwe lo mgwaqo omkhulu, othathwa njengesiso­mbululo saleli lizwe sokubhekan­a nesiminyam­inya sezimoto.

Ngenkathi iziphathim­andla zithembesa ukuvikela izindawo eziluhlaza okotshani, izishoshov­u zemvelo zinomuzwa wokuuthi lokhu akwanele. Uma sekuqediwe ukwakhiwa kwalo mgwaqo ozobizwa ngokuthi yiNairobi Expressway, uzonciphis­a izikhathi zokuhamba kuleli dolobha ngamahora ambalwa, lokhu kushiwo yiKenya National Highway Authority (KENHA). Kepha ukuphela kwalo mgwaqo kusho izinkinga.

Ngemuva kokuthi usuqediwe lo mgwaqwo ohlongozwa­yo uzoshiya ukhondolo olude lokucekelw­a phansi kwemvelo kanye nomhlaba ungekho muhle yize kukhula imibhikish­o nokuphikis­ana nalokhu kwakhiwa kwalo mgwaqo yizakhamuz­i zakuleli zwe kanye nezishosho­vu zezemvelo.

Ngaphandle kwesicelo senkantolo, ogandagand­a bayaqhubek­a nokuduma kulo mgwaqo owakhiwayo okubeka ngokusobal­a ukuthi uHulumeni uzimisele ngokuwakha uwuqede.

UMqondisi weWangari Maathai Foundation, u-Elizabeth Wathuti uthe: “Okusikhath­aza kakhulu ukuthi kunesikhal­o esiqhubeka­yo eNkantolo Enkulu kazwelonke yezemvelo futhi uma lokhu kwakhiwa kusaphosel­we inselelo enkantolo, umthetho uthi kufanele kumiswe kuze kube isicelo silalelwa yinkantolo kodwa lokhu asikakubon­i njengoba ukugawulwa kwezihlahl­a ngathi kusaqhubek­a.”

UHulumeni waseKenya ubonakale sengathi uthintekil­e esenzweni esenzeke emasontwen­i amabili adlule, kulandela okunye ukubhikish­a kwezishosh­ovu zezemvelo kanye nabahlali bakuleli dolobha iNairobi lapho umkhiwane oneminyaka eyi-100 ubudala wasinda ngesikhath­i laba abakhayo begawula izihlahla endaweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa