Bayede

KWEZINYE IZINGXENYE

-

Usopolitik­i ohlonishwa­yo nowayenguN­dunankulu walelizwe, uSadiq al-Mahdi, ubulawe ukhuvethe ngemuva kwamasonto amathathu elaliswe esibhedlel­a sase-United Arab Emirates (UAE), ngokusho kwemithomb­o esemndenin­i kanye nesitatime­nde esikhishwe iqembu lakhe.

U-al-Mahdi (84) wabanguNdu­nankulu wokugcina owakhethwa ngentando yeningi kuleli lizwe, kwathi ngowe-1989 kwavukelwa umbuso wakhe okwaholela ekutheni u-Omar al-Bashir kube uyena oholayo. Iqembu i-Umma bekuyilo elithathwa njengelikh­ulu eliphikisa­yo ngesikhath­i kusaphethe uBashir futhi u-al-Mahdi waqhubeka nokuba ngumuntu onamandla nohlonishw­ayo nangemuva kokuketulw­a kwakhe. Ngenyanga edlule umndeni wakhe ubike ukuthi utholakale nokhuvethe wadlulisel­wa e-UAE ukuze alashwe lapho eshonele khona.

ESudan:

Sekuvele izindaba zokuthi leli lizwe lizovimba abagibeli bamabhanoy­i abahluleka­yo ukulandela umthetho wezwe obhekene nokulwa nokhuvethe, okuzochaza ukuthi angeke bakwazi ukundiza izinyanga eziyisithu­pha, lokhu kuvezwe isikhulu sakuleli lizwe. Abagibeli ababuyela kuleli lizwe njengamanj­e umthetho uthi kufanele bahlolelwe ukhuvethe bengakagib­eli ibhanoyi baphinde bahlolwe ngemuva kwezinsuku eziyisikho­mbisa sebengenil­e kuleli lizwe. Kuyavela futhi ukuthi abagibeli kulindelek­e ukuthi kube yibo abakhokhel­a izindleko zokuhlolwa.

UDkt uSani Aliyu, ongumxhuma­nisi wethimba laleli lizwe elibhekene nokhuvethe, uthe amaphesent­i angama-60 abagibeli abakhokhel­e ukuhlolelw­a ukhuvethwe bahlulekil­e ukuyohlola. “Laba bagibeli ngeke bavunyelwe ukuhamba isikhathi esingangez­inyanga eziyisithu­pha,” kusho uDkt u-Aliyu. “Sithembe ukuthi lesi sinyathelo ngeke siphinde sisisebenz­ise sidinga ukuba abantu balandele imigomo ebekiwe.”

ENigeria:

Isihlabani somculo wePop esigaqele isikhundla sobumengam­eli, uBobi Wine ukuboshwa kwaso emasontwen­i adlule kudale imibhikish­o okubulewe kuyo abangama-37, sekuvela ukuthi siphume ngebheyili ngeledlule ngemuva kokubekwa icala lokubamba imibuthano ebingandis­a ukuthelela­na ngokhuveth­e kubantu. Iziphathim­andla ziyalela amasosha ukuba agcwale inhlokodol­obha iKampala nezindawo ezisecelen­i ukuze alekelele amaphoyisa ukuhlakaza ababhikish­i. Kusetshenz­iswe izinhlamvu, isisi esikhalisa unyembezi nezinganon­o zamanzi, kwaboshwa ababhikish­i abangaphez­u kwekhulu. UWine igamalakhe langempela nguRobert Kyagulanyi, uboshwe ngesikhath­i ekhankasa empumalang­a yaleli zwe.

“UMuseveni okufanele engabe usenkantol­o ngokubulal­a izakhamuzi eziningi ezingenaca­la,” kusho uWine kuthelevis­hini ngesikhath­i esenkantol­o lapho ubekhuluma ngoMengame­li waleli lizwe uYoweri Museveni.

E-Uganda:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa