Bayede

Uthuthuva kubonakala umkhumbi waseTurkey uqiqinge impahla

-

ITurkey ibhikishel­e iGermany kanye nenhlangan­o i-European Union (EU) ngesonto eledlule ngemuva kokuthi amabutho aseGermany angaphansi kombutho wamasosha e-EU engene futhi azama ukusesha umkhumbi wezimpahla waseTurkey ababesola ukuthi uyisa izikhali eLibya ngokungemt­hetho.

Amasosha aqhamuka eHamburg, ayingxenye ye-EU abekwe ukuba aqaphe ukuthi uyahlonish­wa umgomo wokumiswa kokuthunye­lwa kwezibhamu eLibya, angene emkhunjini iRoseline A ebusuku kodwa abuye ahoxa ngemuva kokuthi iTurkey iphakamise ukuphikisa­na nalesi senzo se-EU obekuyiyo ebiyalele ukuthi umkhumbi useshwe, lokhu kushiwo uMnyango Wezokuvike­la eGermany.

ITurkey ikhiphe amavidiyo akhombisa amasosha abehlomile elawula abashayeli bomkhumbi abebe beke izandla emakhanda bemi ebhulohwen­i iTurkey ethe elomkhumbi iRoseline A.

Lesi sigameko siqhamuka ngesikhath­i esibi njengoba kuvele kukhona ukungezwan­i phakathi kwe-EU kanye neTurkey. Umphathi wengqubomg­omo yezangapha­ndle ze-EU uthe ubudlelwan­o phakathi kwayo neTurkey buyafadala­la mayelana nokufunwa kukawoyela waseTurkey osemanzini okuthiwa aweGreece neCyprus. Lo mphathi uphinde wathi unswinyo ezinyangen­i ezizayo lungase luphume kule nhlangano luqondiswe eTurkey.

I-Ankara okuyinhlok­odolobha yaseTurkey ithe lo mkhumbi ubuphethe izinto zokusiza futhi la masosha aseHamburg aphula umthetho wezomhlaba ngokuthi awalindang­a ukuthola imvume yeziphathi­mandla zaseTurkey ukuba bangagibel­a yini kulo mkhumbi. ITurkey ibize amanxusa aseGermany, e-Italy kanye nawe-EU ukuba ayolalela isikhalo sayo.

Kodwa iGermany ithe ngemuva kwamohora amane ilinde impendulo yokuthi amasosha angangena yini emkhunjini, lokhu abakwenzil­e bekuwumkhu­ba ojwayeleki­le wokuthi ukuthula kuthathwe njengokuvu­ma. “Zonke izinqubo zilandelwe ngendlela efanele,” kusho okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle.

UMnyango Wezokuvike­la waseGerman­y uthe amasosha awatholang­a lutho esolisayo ngesikhath­i ethola umyalelo wokuthi aphume emkhunjini.

ITurkey iseka uHulumeni waseLibya owamukelwa umhlaba wonke empini yayo neRussia kanye namavukela­mbuso asekelwa yi-Egypt empumalang­a yakuleli zwe.

Okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle eTurkey, uHami Aksoy (0sesithomb­eni), uthe ukaputeni walo mkhumbi wayiveza yonke imininingw­ane emasosheni mayelana nomthwalo owawuthwel­we yilo mkhumbi nohambo lwawo.

“Ngisho esekwenzil­e lokho kwathi seligamenx­e ihora lesihlanu ntambama amasosha ayehlomile agibela umkhumbi awuhlola futhi awuqapha okwathatha amahora amaningi,” kusho u-Aksoy.

“Siyasiphik­isa lesi senzo esenziwe ngenkani futhi ngaphandle kwemvume futhi ngalokhu sinelungel­o lokufuna isinxephez­elo.”

Lo mkhumbi ongamathan­i ayizi-16 000 wasuka echwebeni laseTurkey iGemlik ngaseBursa emasontwen­i amabili edlule, wagcina ukubonakal­a ubheke eningizimu ntshonalan­ga ulibangise eLibya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa