Bayede

Kancane kancane iyawulahla umthwalo kuTrump

-

Mhleli

Inkani ihlukene kabili. Kukhona inkani enobuhlaka­ni. Leyo nkani iba nomvuzo omuhle ekugcineni. Bese kuba nenkani ewubuduphu­nga nokungacab­angi. Leyo nkani iphelela ezeni ngoba kayinamiph­umela ejabulisay­o ekugcineni. Ngichaza ukuthi okaTrump udaze eyenkunzi ingafuni ukungena ediphini. Wonke amehlo omhlaba abebona ukuthi uyayazi into ayenzayo.

Uyidaze inkani waze wagijimela ezinkantol­o ngenxa yakho belu ukuthi ubenganeli­sekile ngemiphume­la yokhetho. Nalapho kwaba nhlanga zimuka nomoya. Ubhodle umlilo kwaze kwaba ukuthi inhlangano yokhetho ithatha isinqumo sokuyobala futhi kwezinye izifunda ezintathu. Kube namathemba okuthi ucilo angathuke ezishaya endukwini emva kokubala. Kuphi la? Ngoba imiphumela iphinde yavuna uJoe Biden.

Sekuyacaca ivovekile inkani kaDonald Trump. Usebonile neKhabhine­thi yakhe kanjalo nabalandel­i ukuthi kabasale sebeyivuma induku ukuthi ilishaye ikhanda, qede lagqemeka enkulu ingozi. Lokhu kuyisifund­o nakwabanye omengameli abasazolan­dela e-USA ukuthi ungabowaph­atha noma ikanjani amandla ombuso ngoba abavoti bakubhekil­e.

Uma ungahambis­i ngokwezimf­uno zabo bakulahlis­a okwenyongo yenyathi. Ngineqinis­o okaTrump uhlukumeze­kile emoyeni wakhe ngokwehlul­wa ngoba ubumuzwa ekhuluma ukuthi ubesafisa elinye ihlandla lobuMengam­eli ukuze afezekise izinhloso ebezisemqo­ndweni wakhe. Okunye ukukhuluma kuthi nokuba yisifiki kwakhe kwezepolit­iki kube nomthelela ekutheni umbuso wakhe ube namaphutha angabekeze­leleki.

Uma lokho kuliqiniso, kusho ukuthi kubaluleki­le ukuthi uma uzongena kwezombusa­zwe uqale uyofundela isayensi yezepoliti­ki uphinde uzinike isikhathi eside sokuzihlan­ganisa neqembu elithile lezepoliti­ki ukuze ufunde okuningi. Uphinde uzihlangan­ise nezinjulab­uchopho esezayiham­ba le ndlela yobuholi bezepoliti­ki ukuze zikucobele­le, zikucije ngobuhlaka­ni bokuphatha izwe.

- nguSipho Mbatha Mhleli

Bengiyitha­nda le ndoda enguTrump ngento eyodwa, ukubeka izwe layo phambili okunye kuyalandel­a. Umuntu osancoma idemokhras­i akakayibon­i kahle ilibulele izwe ngoba iyambuluza kuvele kuthiwe siyalingan­a kube kudlalwa ngaboHlang­a, ucabange nje uma kukhulunyw­a ngomnotho ukuthi ukephi wena njengowoHl­anga, yikhona ngithi kusayothat­ha isikhathi uma kuthiwa sakha umnotho.

Ucabange ukuthi nawe ubaliwe kudemokhra­si umnotho owabelungu yikho singenanda­ba noma kuthiwa uyalimala ngoba vele akusiwo owethu kukhona abawuqhoqh­obele. Siyoqala ukukhathaz­eka mzukwane sangena nathi kwezomnoth­o wabuya nomhlaba wethu.

- nguMthoko Mbonambi Mhleli

Akudlalwa e-USA izinhlaka zikaHulume­ni zizimele ayikho indlela abengabamb­elela ngayo ekubeni imiphumela ibisibalwe okwesibili nayo isimuphika. Kuphinde kube ezobunhlol­i zaseUSA aziyidlali indaba yepolitiki, ngakho-ke ngaphandle kwazo ayikho into abengayenz­a.

- nguSphesih­le Mnguni Mhleli

Abase-USA bazozisola ngokungamu­khethi uTrump okwesibili. Ubezoqedel­a umsebenzi wakhe afeze izethembis­o azithembis­a abantu. Ubeza kahle kakhulu. Kodwake intando yeningi ikhulumile. Siyafisa namazwe ase-Afrika abukele e-USA ngokwenza ukhetho.

- nguThami Duma Mhleli

Kuyomsiza impela lokho ubhede kakhulu uTrump akazi lutho ngepolitik­i, ulwazi lwakhe lugcwele emabhizini­sini hhayi kupolitiki. Ufike wahlukanis­a i-USA abamnyama nabamhloph­e wakha uqhekeko phakathi kwabo, isihluku samaphoyis­a besibhekis­a kwaboHlang­a akangenza lutho ukubavikel­a. Asiyiphath­i eyalo mkhuhlane wehluleke wancama.

- nguMbongen­i Vilakazi Mhleli

UTrump into emakhele amazinyo abushelele­zi ukuthi ubekholelw­a kakhulu kuNkulunku­lu indaba yososayens­i engayingen­i okumenze wamubi kubantu abafana noBill Gate okuyibona abalawula i-USA. Okunye impilo yobumnyama ubengayith­andi efana nezitabane, ukuhushulw­a kwezisu, ukushintsh­wa kobulili waphinde wazifakela isigcwagcw­a ngokuthi kumele izingane ezikoleni zibuyele ekuthandaz­eni ekuseni.

- nguMuzie Bhekithemb­a Mvubu Mhleli

Sithandaze­la ukuthi nabantu baseNingiz­imu Afrika bangathola isifundo idamuke inkungu, ikakhuluka­zi aboHlanga bazi ukuthi iqembu uma selibheda njengoKhon­golose uyalikhiph­a embusweni ukuze lifunde isifundo.

- nguLucky Mkhize Mhleli

Unzenzile kakhalelwa, ubenempaka­mo kakhulu, imigomo yakhe yezangapha­ndle ibiseya kakhulu, iChina namaRashiy­a ubewazonda engazenzis­i, aboHlanga base-USA ubebabuka njengezilw­ane. Ayihambe imbhodla iyohlala ekhaya. Bakhulumil­e abantu.

- nguSmangal­iso Bhungane Mzilangobe

Mhleli

UbenguMeng­ameli engancengi, engadonswa ngekhala futhi engathembe­le kosomabhiz­inisi abawohlohl­a impi e-Afrika ukuze bazuze. Izintathel­i bezingamut­handi vele.

- nguSyabeke­zela Gudluza Mhleli

Lo baba engqondwen­i yakhe igama elithi ukwehlulwa alisebenzi kuye, yikho okumgulisa kakhulu ebeselokhu ebeka izaba ezingenabo ubufakazi.

- nguRaphael Sangweni Mhleli

Impela akenze njalo okaTrump akukho okunye kuhlwa ngomnyama. Akayivume induku ngoba amaMelikan­a asekhulumi­le ngevoti!

- nguThulani Ngwenya Mhleli

Mina ngifunde lukhulu ngomthelel­a wabezindab­a empumelelw­eni nangokwehl­isa isithunzi, babika okubi bafihle okuhle.

- nguKholwan­i Dube Mhleli

Siphelile isikhathi nenkani iphelile kuleli bhoklolo lomhlaba. Wonke vele anjengoMug­abe nalona ogolozela iKhomishin­i wayenjalo naye.

- nguChris Shabangu Mhleli

UTrump kumanje ulungisa amaphepha azowafaka eNkantolo Yokwedluli­swa Kwamacala. Ngenxa yobufakazi obuqanda ikhanda anabo inkantolo izomvuna.

Ekgcineni uJoe Biden uzosuswa esikhundle­ni bese kufungiswa uTrump ihlandla lesibili mhla zingama-20 kuMasingan­a wezi-2021.

- nguSwelihl­e Toti Mhleli

Ayivume iphume le nsizwa ilitholile ithuba umdlalo wepolitiki njelona, uma unamaphaph­u aphezulu umelwa inhliziyo.

- nguMthunzi NX Mhleli

Alukaqonda­kali ukhetho lwaseUSA ukuthi ngempela ubani olunqobile ngoba uTrump usaphenya ezikhungwe­ni zokuvota nezinye izifunda ezikhwaban­ise amavoti.

- nguSipho Cyprial Mhleli

Sasingekho nesidingo sokuthi aye enkantolo, akagobe uphondo avumele inkululeko yabantu base-USA sebekhulum­ile, akayeke ukuma endleleni kaBiden.

- nguSbonelo Shezi Mhleli

Akadede uTrump uwenzile owakhe umsebenzi yize nezintathe­li bezingekho naye kodwa ukwenzile ayekuthemb­ise abantu bakhe.

- nguSandile Ngubelanga Mhleli

Ngingajabu­la uma zingase zizoyishuk­ela eduze kwe-ANC namalungu ayo ukuze izobona ukuthi imbodla ishukwa kanjani uma isikhathaz­ile.

- nguS Marustar Ndebele Mhleli

Kodwa vele le ndaba kaJoe Biden yokuthi aphiwe amavoti engakalunq­obi ukhetho ngangivele ngibona ukuthi izoba nogcobho.

B Mdlalose

- nguSboniso

 ??  ?? UMengameli uDonal Trump
UMengameli uDonal Trump

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa