Baphila nokukhubazeka nje nabo ngabantu
AboHlanga bagqugquzelwa ukuba bahloniphe lawa malungu omndeni
UMdali uyaqhubeka nokusimangaza. Lokhu sikubona cishe kuyo yonke imvelo esizungezile. Esinye isimanga yileso esisibona kulabo abaphila nokukhubazeka phakathi kwethu. Laba okungesibona abantu esingathi kasibanzi ngoba bonke bayizihlobo namalungu emindeni yethu bayaqhubeka nokuzenzela.
Kwakukuqala lapho kwabe kunombono wokuthi ukuphila kwabo nokukhubazela kungabikwa njengesithiyo kubo. Abanye babaze bafihlwe kubantu ngoba kuthiwa bayihlazo noma isiqalekiso emindenini. Kuyajabulisa ukuthi leyo nkoleloze isishabalele njengoba lezi zihlobo zethu namuhla sezithathwa njengabantu namalungu omphakathi. Ilungelo labo lokwehluka livikelekile kuMthethosisekelo wezwe.
Kuke kudumaze uma sesizwa ukuthi phakathi kwethu sekukhona abahlukumeza la malungelo ngezindlela ezahlukene. Abanye bayadlwengulwa emakhaya zihlobo. Abanye baqhwagwa izimali zabo zezibonelelo ngabantu asebahweba ngabo. Lokhu kulichilo okumele lingabekezelelwa.
NjengelaboHlanga sigqugquzela ukuthi imindeni enabaphila ngokukhubazeka ingesabi ukubaveza ukuze bathole lokho okungamalungelo abo kuHulumeni njengemihlomulo.
Kepha okumqoka sithi kabavele ukuze bakwazi nokufundiswa amakhono okuziphilisa. Zikhona izikhungo zokubasiza yize zingenele. Sigquguzela ukuba noMnyango Wezemfundo ulubheke udaba lwezikole noma izikhungo ezilekelela lezi zihlobo zethu njengoba kulukhuni kwabanye ukuba bafinyelele kumatikuletsheni.
Abanye balezi zihlobo zethu bangabazali ngakho bayadinga ukuba banganciki kuHulumeni ngezibonelelo kepha nabo bazibambele. Lokhu kuba namakhono akubazuzisi nje kuphela kepha kuyabelapha nasemqondweni ngoba kuqinisekisa iqiniso lokuthi nabo bangabantu, umehluko nje yikuthi bona baphila nokukhubazeka.