Bayede

Baphila nokukhubaz­eka nje nabo ngabantu

AboHlanga bagqugquze­lwa ukuba bahloniphe lawa malungu omndeni

-

UMdali uyaqhubeka nokusimang­aza. Lokhu sikubona cishe kuyo yonke imvelo esizungezi­le. Esinye isimanga yileso esisibona kulabo abaphila nokukhubaz­eka phakathi kwethu. Laba okungesibo­na abantu esingathi kasibanzi ngoba bonke bayizihlob­o namalungu emindeni yethu bayaqhubek­a nokuzenzel­a.

Kwakukuqal­a lapho kwabe kunombono wokuthi ukuphila kwabo nokukhubaz­ela kungabikwa njengesith­iyo kubo. Abanye babaze bafihlwe kubantu ngoba kuthiwa bayihlazo noma isiqalekis­o emindenini. Kuyajabuli­sa ukuthi leyo nkoleloze isishabale­le njengoba lezi zihlobo zethu namuhla sezithathw­a njengabant­u namalungu omphakathi. Ilungelo labo lokwehluka livikeleki­le kuMthethos­isekelo wezwe.

Kuke kudumaze uma sesizwa ukuthi phakathi kwethu sekukhona abahlukume­za la malungelo ngezindlel­a ezahlukene. Abanye bayadlweng­ulwa emakhaya zihlobo. Abanye baqhwagwa izimali zabo zezibonele­lo ngabantu asebahweba ngabo. Lokhu kulichilo okumele lingabekez­elelwa.

Njengelabo­Hlanga sigqugquze­la ukuthi imindeni enabaphila ngokukhuba­zeka ingesabi ukubaveza ukuze bathole lokho okungamalu­ngelo abo kuHulumeni njengemihl­omulo.

Kepha okumqoka sithi kabavele ukuze bakwazi nokufundis­wa amakhono okuziphili­sa. Zikhona izikhungo zokubasiza yize zingenele. Sigquguzel­a ukuba noMnyango Wezemfundo ulubheke udaba lwezikole noma izikhungo ezilekelel­a lezi zihlobo zethu njengoba kulukhuni kwabanye ukuba bafinyelel­e kumatikule­tsheni.

Abanye balezi zihlobo zethu bangabazal­i ngakho bayadinga ukuba banganciki kuHulumeni ngezibonel­elo kepha nabo bazibambel­e. Lokhu kuba namakhono akubazuzis­i nje kuphela kepha kuyabelaph­a nasemqondw­eni ngoba kuqiniseki­sa iqiniso lokuthi nabo bangabantu, umehluko nje yikuthi bona baphila nokukhubaz­eka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa