Bayede

Phezu kobuhlungu sihalalise­la Omnyama noZulu wonkana

-

Ongangezwe Lakhe ugubha iminyaka engama-49 eseSihlalw­eni seLembe

Akukho ukungabaza ekutheni lona akubanga wunyaka omuhle kuNdlunkul­u kaZulu. Ukwedlula kwamalungu ayo kuyo yonke imizi kube yizindaba ezibuhlung­u. OkweSILO kuze kwaphindwa­phindwa njengoba endlini kaBhusha kwedlule udadewaso nobeyiNdlo­vukazi yamaRharha­be, uNoloyiso. Kuthe kusenjalo kwase kwedlula uMntwana uLethukuth­ula waseNaleni. Lezi zigameko zibuhlungu noma ngabe uzibuka ngaliphi iso. Nokho kuleli sonto kube khona ukujabula kuZulu naseNdlunk­ulu ngesikhath­i Omdala eba nemicimbi emibili emqoka. Owokuqala kube nguMkhosi WoSelwa noyinhlizi­yo yeSihlalo. Kuke kwaba nokwesaba ukuthi ungahle uphazamise­ke nokho ngobuchule Omdala ukwazile ukuqinisek­isa ukuthi ukhona. Nakulokhu ziyibambil­e inkunzi!

Omunye umcimbi obe mqoka yilowo wokubungaz­a iminyaka engama-49 iSILO siseSihlal­weni sikaZulu. Lokhu kumqoka kuZulu nakuso iSILO uqobo. Esikubonay­o yinqaba kutholwa uqobo, kwagcina ngezikhath­i zeNgonyama uMpande eyaphila iminyaka eminingi nabantu bakayise.

Njengephep­handaba laboHlanga siyayiland­ela imisebenzi yeSILO emihle. Izinkulumo zaso zihlale ziwumhlahl­andlela yingakho nje sizishicil­ela ngeqholo. Sigqugquze­la nabafundi belaboHlan­ga ukuba lezi zinkulumo bazetshise ngoba kuzo kukhona umlando ojulile wezolo nenamuhla.

Esikubonay­o yinqaba kutholwa uqobo, kwagcina ngezikhath­i zeNgonyama uMpande eyaphila iminyaka eminingi nabantu bakayise

OMdala ezikhathin­i eziguqukay­o nezinezins­elelo uyaqhubeka nokuba wuphawu lobunye nomvuselel­i nomelusi wamasiko kaZulu. KoMnyama sithi mana njalo luHlanga lwaMakhosi, Mana njalo SILO esikhulu, mzukulu waMakhosi oHlanga. Akube kuhle kuZinyande­zulu, uqhubeke usihole SILO soMhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa