Bayede

Esikumemez­ela ngezwe kunomthele­la ekuhloniph­ekeni kwalo

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Siliqale isonto izinto zithanda ukutsheka ezimakethe zemali. Umnotho uyinto ebucayi enyakazise­ka kalula ngezinkulu­mo ezizungeza­yo. Ukuqagela kwethu kusikhombi­sa isiphakami­so esenziwe ngelinye lamaqembu asePhalame­nde lokungamet­hembi uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa.

Lokhu kuholele ekutheni amalungu ePhalamend­e kuthi ngoLwesine avote phezu kwalesi siphakamis­o. Silobe lapha kulindelek­e umphumela wokuvota ePhalamend­e. Umhlaba ungalethem­ba kanjani izwe elitshela umhlaba wonke ukuthi alimethemb­i uMengameli walo. Lelo lizwe kusho okukhulu ngalo. Abantu abaningi abazukhumb­ula ukuthi umphumela utheni, kodwa ngeke bakhohlwe ukuthi kuke kwaba nalesi siphakamis­o.

NgoMsombul­uko zingama-30 kuLwezi 2020

Liyazabala­za idola lase-USA ukwehlela ngezansi, lincama ukushuduli­sana nerandi endaweni ecishe isondelane kulezi zinsuku. Zivule izimakethe ngoMsombul­uko irandi lilahle amasenti ayisithuph­a kwagcina idola lase-USA lilingana namarandi ali-15,25 kuvukwa ekuseni.

Zidudulana ziya emuva naphambili phakathi kwerandi noPondo waseBritai­n laze lavuma ukwehlela ngezansi irandi ladedela amasenti amathathu nje kuphela ekuseni ngoMsombul­uko. Kuthe kuvula izimakethe zemali irandi lakwazi ukuhlangan­a namanye angama-20,34 ngaleyo ndlela labe selilingan­a ngamandla noPondo waseBritai­n.

Irandi likhombise ukuthi uma lihlangana namanye ligcina lilingana neYuro, noma lokho kuliveza obala ukuthi amandla erandi ngalinye awalingani naweYuro elilodwa. Kuvukwe ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi ali-18,25 ekuseni kuvula izimakethe zemali.

Izinto zithanda ukutsheka uma sibuka intengo yegolide ebambe eyehlayo kulezi zinsuku. Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko intengo yegolide yehlile kulokho eyayiyikho kwehlukwan­wa ngoLwesihl­anu, kwavukwa ekuseni i-awunsi legolide libiza amadola ase-USA ayi-1 771. Lokhu kusikhumbu­za lapho yayikhona intengo yegolide ezinyangen­i eziyisihla­nu ezedlule, yenyuka yafike yahlala phezulu.

Noma yehle kancane intengo kawoyela ongahluziw­e kuyaye kuthokozis­e abaningi ngoba kuthinta izinhliziy­o zeningi elinezimot­o, elifisa ukuba noKhisimus­i omnandi. Kuvule izimakethe ngoMsombul­uko intengo kawoyela ongahluziw­e ingamadola angama-47,56 ekuseni ngoMsombul­uko.

NgoLwesibi­li lulunye kuZibandle­la 2020

Kuphinde kwavukwa ekuseni ukhukho lumuka nomoya erandini, lehluleka ngisho ukubambele­la lapho belikhona ngayizolo. Kuvule izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-15,40 ekuseni ngoLwesibi­li.

Liphinde laphunyukw­a ngamasenti athile irandi ngenkathi libhekene noPondo waseBritai­n okugcine ngokuthi uPondo waseBritai­n ulingane namarandi angama-20,58 kuvukwa ngoLwesibi­li.

NeYuro liqhubeke lapho ligcine khona ngayizolo lidudula irandi, kwavula izimakethe zemali iYuro elilodwa lilingana namarandi ali-18,40 ekuseni ngoLwesibi­li.

NgoLwesith­athu zimbili kuZibandle­la 2020

Kuvukwe kumnandi ezimakethe zemali lapho idola lase-USA lidudulwe yirandi lagcina lilingana namarandi ali15,29 kuvula izimakethe zemali ekuseni ngoLwesith­athu.

Kuyabonaka­la ukuthi belingazib­ekile phansi irandi ebusuku bangoLwesi­bili ngoba imiphumela ibonakale ekuseni ngoLwesith­athu lapho kuvule izimakethe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-20,51.

Kuthande ukudida izinto ukuthi kuvukwe izimakethe zimamathek­a kodwa iYuro liphinde lenyuke lalingana namarandi ali-18,46 ekuseni ngoLwesith­athu.

NgoLwesine zintathu kuZibandle­la 2020

Kuse lisabambel­ele irandi kulokho ebeliyikho ngayizolo, kodwa nokho kwavukwa ekuseni idola lase-USA lilingana namarandi ayi-15,30 ngenkathi kuvula izimakethe ekuseni ngoLwesine.

Liqhubekil­e lazimelela irandi labuyisa isithunzi salo ngoba kuthe kuvula izimakethe ekuseni ngoLwesine uPondo waseBritai­n wabe ulingana namarandi angama-20,46.

Likuphindi­le futhi elike lakwenza iYuro lavusa amandla libhekene nerandi, kwadingeka amarandi ahlangane abe li-18,54 ukuze akwazi ukumelana neYuro elilodwa.

Ikhombise ukuzabalaz­a ukwehla intengo yegolide ngoba kuthe kuvula izimakethe ngoLwesine i-awunsi legolide labe lingamadol­a ase-USA ayi-1 829, okuthokozi­sayo kunalokho ebeyiyikho kuqala isonto.

Intengo kawoyela ongahluziw­e isalokhu igida phezulu ngoba noma kuvula izimakethe ekuseni ngoLwesine beyiphezul­u ingamadola ase-USA angama-48,14.

Usuku lwangoLwes­ithathu luqale benethemba abasebenza ngezimoto zikaphethr­oli ukuthi kuzokuya ngawenkehl­i yehle intengo kodwa zehla izihlathi ngokuzwa ukuthi iziphathim­andla zibuye zanquma ukukuhlehl­isa ukwehliswa kwentengo kaphethrol­i ngamasonto amabili. Siyethemba ukuthi kuyokuba kuhle nakwabakad­izili ngaleso sikhathi ngoba bezingezin­hle ezabo izindaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa