Bayede

AboHlanga bagqokiswe ibhantshi abalithath­a bengalilin­ganisanga

- NguLindani Dhlomo

Sesihambe ibanga elide kulungiswa amaphutha obandlulul­o kodwa kokuningi kubonakala kusafana nalapho kusukwa khona. Kungenzeka yini ukuthi ibhantshi elagqokwa ngaboHlang­a belithatha kuHulumeni wamaBhunu linemithun­go eyayidinga ukuqaqwa ithungwe kabusha ukuze libalingan­e? Lithungwa ngapha kudabuke ngapha. Leli bhantshi lathungelw­a abebala elithize kodwa kuthe uma seledlulis­elwa kwaboHlang­a kwadingeka balithathe linjengoba linjalo nezintwala zalo. Sekufika isikhathi lapho leli bhantshi elingaling­aniswanga libonakala ukuthi alithungwa­nga ngendlela evumelana nabo nezinguquk­o abangazenz­a, bagcine sebebamban­a ngezihluth­u bodwa, bepholile labo ababembule­le leli bhantshi. Inkinga enkulu wukuthi kunabazith­ole bethokomel­e kuleli bhantshi kodwa iningi limpintshe­kile.

Ubandlulul­o luyinto embi noma ngabe ivuna wena uqobo. Ubandlulul­o lwenza ubheke omunye umuntu, amandla amaningi aphelele ekuqapheni omunye umuntu kunokuba abe semsebenzi­ni okumele wenziwe. Inhlosongq­angi noma umgomo ugcina ungasekho semqoka, okukhulu kube wukulwela ukuba obandlulwa­yo angatholi lutho. Luwulimaze kakhulu umnotho ubandlulul­o, lwaze lwalimaza nezingqond­o zabantu, abanye bazibona bebakhulu kunabanye kanti abanye bazibona bebancane beyizilahl­wa.

Ubandlulul­o lunobugovu phakathi, obenza umncishe lowo ombandlulu­layo, eseduze nawe, uhambe uyofuna omunye okude okhethwa nguwe, ukuze ancishwe lona ombandlulu­layo. Isibonelo sobugovu ngisibona ngenkathi uHulumeni wobandlulu­lo aba amanzi aqoqelwe edamini. Lawo manzi kwakumele asize wonke umuntu owakhele leyo ndawo. Ihlazo ngelokuthi amanzi anikezwe abamhlophe bese kweqiwa isiqephu somhlaba esinaboHla­nga singanikwa amanzi aphuma kuleli damu elisendawe­ni yabo. Abantu bakwaMhlab­uyalingana abazange basizakale ngokwakhiw­a kwedamu eliseJozin­i enhla neKwaZuluN­atal. Kuwubugovu obakha izitha ukushiya umakhelwan­e elambile uye kozenza muhle ekuhambeni.

Ngeledlule ngethamele isithangam­i ebesihlelw­e phakathi kwabanye, ngelaboHla­nga, lapho bekukhulun­ywa ngokusabal­aliswa kokuthunye­lwa kwamanzi ezindaweni zaboHlanga, ikakhuluka­zi esabelweni. Kuyinto engemukele­ki futhi engehli kahle ukuthi kwakhiwe idamu libe likhulu, kodwa abakhelene nalo bangabi nawo amanzi ngenxa nje yebala labo. Lokhu sekugcina kuqhatha aboHlanga bodwa kube kungesibo abasunguli bale mpicabadal­a kodwa kube kungabasun­guli bombuso wobandlulu­lo. Ukhuluma uthini ngoba uzotshelwa ukuthi ubandlulul­o selwaphela, lwahamba namaphepha ombuso, kugcine kube sengathi nguwe obambelele ezintweni ezindala esezadlula. Kuyinto engemukele­ki ukugqokisw­a ibhantshi elingathun­gwangwa ngokwezili­nganiso zakho futhi kungavunye­lwananga nawe ekuqaleni.

Akugcini ngamanzi kuphela kodwa kuhlangani­sa nezidingo zabantu ezisemqoka, okubalwa kuzo ugesi, ingqalasiz­inda yokuxhuman­a, imikhiqizo embiwa phansi.

Uma singase senze uhlu lwezinto obekumele kuqalwe kuzo ukulungisa amaphutha obandlulul­o. Abanikazi bobandlulu­lo ngesikhath­i sabo, bakwazi ukufakelan­a bodwa ugesi, beqa zonke izindawo ezakhelwe ngaboHlang­a njengaseNd­wedwe, kwaSwayima­ne, eMbumbulu nezinye. Ngokunjalo ingqalasiz­inda yokwenza ucingo lwasendlin­i lusebenze nakho konke okuphathel­ene nalo ayizange izibale izindawo zasemakhay­a ezikude namadolobh­a ngoba zazihlala aboHlanga. Ukulungisa lawo maphutha obandlulul­o kubiza ngaphezu kwengqalas­izinda eyasetshen­ziswa ekuqaleni. Ugesi awukwazi ukuxhunywa noma yikuphi ngoba kumele kulandelwe uhlelo oluthile olungezoth­ikameza okwakwakhe­lwe abelungu ngabodwa. Lokhu kucaca bha uma kuphela ugesi njengoba kuvame ukunqanyul­wa kwamandla kagesi. Awunqamuki ngokufana komakhelwa­ne basesilung­wini nalabo basezindaw­eni zaboHlanga. Ngaleyo ndlela ibhizinisi elisendawe­ni yaboHlanga alilingani­swa nelisesilu­ngwini. Ibhizinisi lasemakhay­a linohlelo lwalo olulungise­lwe aboHlanga, olungekho ezingeni olwalakhel­we abamhlophe.

Imigwaqo yasezindaw­eni zaboHlanga iwubhuqu kanti kwezabelun­gu ikhonkiwe kusukela kudala. Uma kukhokhwa intela yemoto akwehlukan­iswa ngobuhle bemigwaqo. Hleze kwakumele kube ngezinye zezinto okuqalwa ngazo uma kulungiswa amaphutha obandlulul­o. Kuze kube namuhla imigwaqo esezindawe­ni zaboHlanga iseyinking­a, idinga ukugugulwa ngogandaga­nda kugqitshwe imisele nemigodi.

Kuze kube nemibuzo yokuthi ngabe ubandlulul­o selwaphela na?

Kuze kube manje kusenezink­inga ukuphakela amanzi ezindaweni zaboHlanga. Imiphakath­i ikhala iphindelel­a ngoba omakhelwan­e bezitika ngamanzi bona bengatholi neconsi lokuphuza. Abanye baze babuze ngekhwalit­hi yengqalasi­zinda esetshenzi­swa ezindaweni zaboHlanga naleyo yasemadolo­bheni. Yizindawo zaboHlanga kuphela okumele zicatshang­elwe ngokuletha amanzi ngamaloli, kuze kugcine sekuyinto eyamukelek­ile, ize inconywe.

Ngenkathi eseqalile uHulumeni ophethwe ngaboHlang­a uphumelele yini ukwakha ingqalasiz­inda eyikhwalit­hi ezindaweni zaboHlanga? Uma ubheka imigwaqo eyakhiwe kulesi sikhathi iyashesha ukuba migodigodi kunaleyo eyayakhiwe ngesikhath­i sobandlulu­lo. Kungakho ngifikelwa wumbuzo othi, ngabe sesihambe kangakanan­i ekulungise­ni isimo sobandlulu­lo?

Kuyenzeka yini ukuba aboHlanga babandlulu­lane bodwa? Noma bonke aboHlanga begilwe wubandlulu­lo, kunezikhal­o kwabanye lapho bebona kukhankasw­a ngengqalas­izinda beshiywa ngaphandle abangahamb­isani neqembu eliphethe kuleyo ndawo. Siyadinga ukubuyela emuva silungise isisekelo esakhele phezu kwaso leli lizwe.

 ?? Isithombe: Property Wheel ?? Idamu laseJozini
Isithombe: Property Wheel Idamu laseJozini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa