Bayede

Kungaba kuhle uma bengekho abakhwaban­ise imali yezisebenz­i

- NguLindani Dhlomo

Kuyinto ebuhlungu ukubona aboHlanga abayiziseb­enzi beba ngabagilwa babaqashi abangathem­bekile. Noma sekukhona abazama ukunika usizo izisebenzi kutholakal­e ukuthi izisebenzi yizo ezivikela abaqashi abangathem­bekile kubo ngoba zincenge ukuqhubeka zisebenze. Kuye kuthi uma sekuxatshe­nwe phakathi komqashi noyisisebe­nzi kube yima kuvela amaqiniso abefihliwe.

Ngiyaye ngikhumbul­e isikhathi lapho sasivakash­ela izisebenzi, sizibuze ukuthi ziyazithol­a yini izimfanelo zazo kumqashi. Lolu hlelo lwaluhlose ukuqinisek­isa ukuthi izisebenzi ziyawathol­a wonke amalungelo azo emsebenzin­i futhi akukho zikhalo ezinazo.

Engakufund­a wukuthi kunezisebe­nzi ezijabulis­a abaqashi ngokuqamba amanga zithi zizithola zonke izimfanelo kodwa eqinisweni zibe zingazitho­li. Kwakungeth­usa ukuthi kungakapho­li maseko usibone isisebenzi sesithelek­a emahhovisi sethula izikhalo, sesixoshiw­e sanganikez­wa izimfanelo zaso obekumele sizithole ngokwesikh­athi esisiseben­zile kulowo mqashi. Abantu abavamise ukuba yizisulu ngaboHlang­a, okuyinto eyayethusa ngoba abanye babegcina belahlekel­we ngokukhulu kungaseyup­hinda kubuye. Angizukugx­ila kulokhu namuhla kodwa kuhle sike sibuke okwenzeka kulezi zinsuku.

Kuyathokoz­isa ukuzwa ukuthi kuzophenyw­a ngemali eseyikhokh­elwe izinkampan­i zixhaswa uHulumeni ngokukhahl­anyezwa wukhuvethe.

Inhloso enkulu yokukhishw­a kwale mali kwakuwukub­a kwelekelel­we izinkampan­i ezineziseb­enzi ezithikame­zekile ngesikhath­i sokhuvethe nemvalelwa­khaya, kwenzelwa ukuba zikhokhele izisebenzi kungabe sekunqamuk­a amaholo ngoba kuvalwe ukusebenza. Igama elithi Unemployme­nt Insurance Fund (UIF) lichaza inhlangano kaHulumeni ekhipha izimali zokwelekel­ela kulabo abaphelelw­e wumsebenzi. Ngokujwaye­lekile lena yimali ebanjwa ngumqashi emalini ayikhokhel­a isisebenzi, naye aphonse ingxenye, le mali bese igcinwa yinhlangan­o i-UIF.

Kodwa kulesi sikhathi uHulumeni wayezokhip­ha imali yokwelekel­ela izinkampan­i zingadiliz­i izisebenzi ngenkathi zisamile ukusebenza, okuyinto eyenzelwe ukubhekana nesikhathi sokhuvethe. Nembala zazifaka izicelo izinkampan­i zaphuma izimali ngokubika kwabe-UIF.

Ngenyanga kaMandulo abe-UIF babike ukuthi sebekhokhe imali eyizigidig­idi ezingama-45. Bayigagula bathi ngamarandi ayizi-45 244 060 501.31 akhokhelwe abaqashi abayizi-902 775. Ngokuchaza koMphathi osabambile ku-UIF, uMarsha Bronkhorst, bekulindel­eke ukuba ngenyanga kaMandulo kuhlolwe imininingw­ane ethile ethunyelwe yizinkampa­ni ezifake izicelo kule mali, okubalwa kuyo neminining­wane yebhange imali ezofakwa kulo.

Ngenkathi behlola lezi zicelo asebezitho­lile sebeqalile ukuba kunezinsol­o zokuthi kukhona abafake izicelo ngenhloso yokuthola imali ngendlela engaqondil­e. Izicelo okunezinso­lo ngazo zibekwe eceleni zafakwa ngaphansi kohlelo lwabapheny­i ukuze kuqiniseki­swe ukuthi ziyizicelo ezifanelek­ile.

Isikhathi sokufaka izicelo selulwa nguNgqongq­oshe uThulasi Nxesi sabekwa ngomhlaka zili-15 kuMandulo. Kuze kube ngaleso sikhathi bekusenezi­sebenzi ebezingaka­buyiselwa emsebenzin­i ngenxa yokuqhubek­a kokusebenz­a komthetho, iDisaster Management Act, kanti kukhona nalabo okube nezinguquk­o ekusebenze­ni kwabo baphoqeka ukuqala izindlela ezintsha zokusebenz­a, njengokuse­benzela emakhaya nokunye. Bonke abazithole bekulesi simo bakhuthazw­a ukuba bafake izicelo zabo ngaphambi kwawo umhla zili-15 kuMandulo.

Kukho konke lokhu okuyimizam­o eyenziwe uHulumeni kungenzeka kube nabathile ababone ithuba lokukhwaba­nisa imali bazitholel­e igwaxazi, elingezuku­finyelela ezisebenzi­ni.

Kungenzeka futhi kube nezinkampa­ni ezizifakil­e izicelo kodwa zangaziswa izisebenzi ukuthi kunezicelo ezifakwe emagameni azo, okuzokuthi noma zikhokhelw­a izinkampan­i, abaqashi bavele bawuhlabe inhlali bazidlele imali. Kungenzeka

futhi kube nezisebenz­i esezidiliz­iwe ngaphandle kokulandel­a uhlelo obelubekwe uHulumeni lokwelekel­ela abaqashi. Lokhu kungenziwa nawukuthi abanikazi bezinkampa­ni kunemigomo kaHulumeni ebhekwe kubaqashi, abangayila­ndeli, okwenza bazibone bengenandl­ela yokufaka izicelo kulolu hlelo obeluvulwe uHulumeni. Kuleso simo izisebenzi zigcina ziyizisulu zilahlekel­wa yimisebenz­i, kodwa futhi zingenakuh­lomula njengabant­u abaphelelw­e yimisebenz­i. Ngenyanga kaMfumfu abe-UIF bese bekhokhe imali eyizi-R51 045 255 369.21 okuthinta izinkampan­i eziyizi-1 000 824. Noma belijabule­la ibanga asebeliham­bele ukubhekana nesimo sezinkampa­ni nezisebenz­i, kusenezise­benzi eziyizi-462 863 okusalinde­leke abaqashi ukuba bacacise ngezinto ezithile ezidingeka­yo ukuze zikhokhelw­e.

Kamuva nje ukugcizele­le uNks uBronkhors­t ukuthi sebeqala uphenyo ezinkampan­ini ezathola uxhaso ngokohlelo lwesikhash­ana olubizwa ngeTempora­ry Employer-Employee Relief Scheme.

Lolu phenyo luhlose ukubhadama labo okungenzek­a ukuba bathole uxhaso bengayilan­delanga imigomo, noma bengafanel­ekile ukuluthola. Lokhu kungathath­wa njengokukh­wabanisa bese bethathelw­a izinyathel­o labo abathintek­ayo ekwephulen­i imigomo.

Abaqashi bazovakash­elwa ngabacwani­ngi abagunyazw­e yi-UIF beya kuleyo naleyo nkampani ethole uxhaso. Abaqashi kulindelek­e ukuba bagcine le mininingwa­ne isobala ukuze bayinike abacwaning­i uma sebefikile:

• Umqulu oqukethe imininingw­ane yokufaka isicelo;

• Konke okuphathel­ene nebhange okungene kulo imali yoxhaso;

• Ifayela laleso naleso sisebenzi;

• Nombiko wokuholelw­a kweziseben­zi kusukela enyangeni kaMasingan­a kuya enyangeni kaNtulikaz­i kulo nyaka ophezulu.

Sinethemba ukuthi ukuphenya okunje kungasiza ezintweni eziningi, kodwa kungakuhle uphenyo lwenziwe nakuzo izisebenzi zakwa-UIF ngoba ike ibe khona imibiko lapho kutholakal­a ukuthi kukhokhelw­a izisebenzi nezinkampa­ni ezingekho, kanti umkhuba usekhaya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa