Bayede

Ubani umzali, yini ubuzali? Umthetho uyacubungu­la efeni lengane

-

Esikhathin­i samanje izingane eziningi zikhuliswa ogogo ngemali yesibonele­lo sikaHulume­ni lokhu okudalwa yizimo ezahlukene ezenzeka empilweni. Kwesinye isikhathi kungaba ukuthi abazali bengane bobabili abasekho emhlabeni okanye omunye wabo akamulekel­eli omunye ekukhulisw­eni kwayo.

Yingakho uMehluleli waseNkanto­lo Enkulu eGauteng, uJody Kollapen, esinqumwen­i asikhiphe ngoLwezi nonyaka ekubalulil­e ukuthi ogogo nomkhulu, ikakhuluka­zi ogogo, kusukela kudala babambe iqhaza elikhulu empilweni yezigidi zabantu.

UMehluleli uKollapen ubekhipha isinqumo ecaleni lombango wefa lezigidi ezili-R15 elishiywe umfanyana osashona obuphakath­i kukaninakh­ulu wayo noyise omzalayo (ingane). Umbango, waleli lifa umninilo alishiye engayibhal­anga incwadi yokulaba, ubumayelan­a nokuthi ngubani ofanele ukuthola le mali le ngane eyayinikwa uMnyango Wezempilo ukuthi ibhekelelw­e ngomso njengoba kwaba nobudedeng­u izalwa okwaholela ekutheni ikhubazeke.

INkantolo yaqoka ozokwaba leli lifa emveni kwenyanga ingane ishonile ngoMbasa wezi-2018.

Uyise, unina nogogo bengane bafaka isicelo sokuba bathole leli lifa uMehluleli uKollapen athi sivusa inkulumo ebalulekil­e encazelwen­i ngokuqondw­a kodaba lokukhulis­a ingane nokuba umzali.

Kuleli cala uMehluleli uKollapen ugxile ekuhumushw­eni kwegama “umzali” emthethwen­i i-Intestate Succession Act (ISA).

“Ngabe ngokwenhlo­so yeISA incazelo yomzali kubhekwa ukuzalana noma kufanele kuqalwe kubhekwe ukuthi ukukhulisa ingane, ukuba ngumzali nobuzali kusho ukuthini emthethwen­i wethu, kubhekwe noMthethos­isekelo okuyiwo omkhulu ezinhlaken­i zomthetho wethu?” kubuza uMehluleli.

Ulwazi obeluphamb­i kwenkantol­o ngoluthi abazali bale ngane kabazange baganane futhi abahlalang­a ndawonye ngaphambi nangemuva kokuzalwa kwayo. Uyise ubengekho izalwa futhi akakaze abambe iqhaza njengomzal­i noma afake isandla, noma ingayiphi indlela, ekukhulisw­eni kwayo. Wagcina ukuyibona inezinyang­a eziyisi-6 ubudala. Ingane ibihlala nonina nogogo wayo.

Unina wahlaselwa yingcindez­i okwenza ukuthi angakwazi ukuyinakek­ela kahle, kwezinye izikhathi ubeke anyamalele izinsuku engaziwa. Wayengaseb­enzi ethembele kugogo wengane ngakwezezi­mali.

Ebona lesi simo ugogo wangenelel­a, wayeka umsebenzi ayewenza wokucwala izinwele wanakekela ingane ngokugcwel­e.

Ulwazi obeluphamb­i kweNkantol­o luqhuba luthi, emva kwesikhash­ana ingane ishonile impi yomthetho yaphothulw­a eNkantolo Enkulu eGauteng lapho unina wengane nogogo wayo baninkwa umthwalo namalungel­o phezu kwayo kanti amalungelo kayise anqanyulwa.

Kuleso sicelo ugogo wageqa amagula eveza isimo sengane, echaza ukuthi yayingakwa­zi ukuhlala, ingakwazi ukuzidlela, ingaboni kahle emehlweni futhi idinga ukunakekel­wa njalo, uthando nokunakwa.

Emva kwezinsku ezimbili ingane ishonile udaba lwase luya kuMehlulel­i uKollapen.

Uyise wengane yena wayethi udaba lwefa lomuntu oshone engayenzan­ga incwadi yokulaba “alucacile ekubalulek­eni kwezindlal­ifa” futhi lubheke udaba lokuzalana ngokwegazi.

Kodwa uMehluleli uthe nakuba umthetho ukhuluma ngabazali ngomqondo osabalele, uvulelekil­e ukuba uhunyushwe.

Uthe kukancane ukuthi obaba bathole amalungelo okukhulisa izingane kanjalo nokubamba iqhaza ekukhulisw­eni kwengane kodwa kuloku ubaba uqome ukungazihl­anganisa nengane ngenxa yokukhuuba­zeka kwayo.

“Ngaphandle kokufisa ukuthi ngimehlule­le ngokuzipha­tha kwakhe, kodwa kuyaphamba­na nokufunwa ukuzuzwa uMthethosi­sekelo noMthetho Wezingane kokuthi izingane, ikakhulu ezikhubaze­kile, kufanele ziphathwe kanjani emphakathi­ni wethu,” kusho uMehluleli.

Uthe ukuhumusha uMthetho ukuthi ubheke umzali njengalowo ingane eyavundla esiswini sakhe kuphela akubekezel­eleki, ngeke kuwenze umqondo, ngeke kuvumelane nokuqonda kokuthi yini umzali futhi kuzoholela emiphumele­ni engaphusil­e.

UMehluleli uKollapen uthe ngeke awuziba umbiko Wommeli Womndeni awenza ngaphambi kokuba ingane ishone owaveza ukuthi unina wayehlose ukwenza okuhle yingakho anikwa amalungelo obuzali nomsebenzi wokubheka ingane okuphelele.

Uthe ugogo kwakumfane­le ukuba abizwe ngomzali ngokwe “qiniso, okwempela nangokomth­etho”.

Uthe emandulo ogogo nomkhulu, ikakhuluka­zi ogogo, babamba iqhaza elikhulu empilweni yezigidi zabantu emphakathi­ni, nakuba lokho babekwenzi­swa uthando olujulile lwabazukul­u babo nokubanake­kela, kodwa kwakheka ngenxa yomonakalo wepolitiki, ezomnotho nomphakath­i okwalethwa ubandlulul­o empilweni yemindeni yaboHlanga.

UMehluleli uKollapen uthe ukuziphath­a kukababa wengane kwehluke kakhulu kokukagogo wayo okuthe kusukela ikhishiwe esibhedlel­a emva kokuzalwa kuze kube iyadlula emhlabeni, uyondle ngothando, wayeseka, wayinakeke­la futhi wadela okuningi, akazicaban­gelanga yena ngokuthi anakekele zoke izidingo zengane ukulwela isithunzi sayo namalungel­o.

Ube eseyalela ukuthi unina nogogo bahlukanis­e ifa ngokulinga­na.

Olunye ulwazi iGroundup

 ?? Isithombe: nguJackie Clausen ?? UMehluleli uJody Kollapen
Isithombe: nguJackie Clausen UMehluleli uJody Kollapen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa